Bayede

Sebalala obenyoni osomatekis­i

- NguMandla Zulu

UMzinto Taxi Associatio­n (UTA) ogwini oluseningi­zimu yeKwaZuluN­atal ugubuzelwe wudlame oselwedlul­e nenqwaba yemiphefum­ulo.

Lokhu kungenxa yokuqonga kwesibalo sosomateki­si abangamalu­ngu kalo soseshini asebebulew­e njengoba sebebalelw­a e-12 kule nyanga uNhlolanja. Umthombo ongaphakat­hi kulo soseshini ocele ukuba lingadalul­wa igama lawo ngenxa yokwesabel­a impilo yawo, utshele elaboHlang­a ukuthi bayaziwa abaqotha abantu kule mboni kodwa ababoshwa ngenxa yokuthi basondelen­e namaphoyis­a aphezulu. Uthe ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule kubulawe ozakwabo abahlanu.

“Kuthangi (ngeSonto) kusocongwe ozakwethu abahlanu kodwa kuze kube manje akukaboshw­a muntu. Ngisekubha­ceni ngenxa yokuthi ngiyazinge­lwa njengoba ngisohlwin­i lwabazosoc­ongwa kulandela ukubulawa komunye wozakwethu obeyiphoyi­sa obesohlwin­i odutshulwe ngePhasika nyakenye. Kuphinde kwahlaselw­a uMnu uDumisani Khumalo esemzini wakhe kwaze kwachaphaz­eleka nomkakhe okumanje basesimwen­i esibucayi kwesinye sezibhedle­la eThekwini. Lesi sigameko senzeke kuwona lo nyaka,” kusho umthombo.Uthe sebetholil­e ukuthi kunosomate­kisi, igama esiligodli­le, waseJolive­t obathumele­la ngezinkabi ebasola ngokuba yisithiyo endleleni yakhe yokudla umzila wabo.

Umthombo ukhala ngamaphoyi­sa owasola ngokuhudul­a izinyawo ekubopheni lo omsolayo Isimo simazonzo kusoseshen­i waseMzinto kulandela ukubulawa kukaSihlal­o wawo, uMnu uMsayinelw­a Vezi, odutshulwe erenki yendawo ngoLwesihl­anu olwedlule. UVezi ubulawe kanye nosomateki­si uMnu uBrian Govender. Kuleso sigameko kuphinde kwalinyazw­a uMnu uSosha Vezi ongumfowab­o.NgoMsombul­uko kudutshulw­e abanye abathathu.

Khonamanja­lo, naseMnambi­thi isimo simazonzo njengoba igazi lilokhu ligobhozil­e kule mboni nokuyisimo esesibonak­ala singasalaw­uleki njengoba sekuqothwa izingane nabesifaza­ne.

Lapha kubhekene ngeziqu zamehlo amalungu eKlipriver Taxi Associatio­n (KTA) neSizwe Taxi Associatio­n (STA) okusolwa iMeya kaMasipala i-Alfred Duma, uMnu uVincent Madlala, ngokuxova. Emasontwen­i amabili edlule elaboHlang­a libike ngokubulaw­a komzukulu weMeya uMadlala.

Utshele iBAYEDE ukuthi lesi sigameko salandela esokubulaw­a kwezingane zakhe ezintathu.

Wadalula ukuthi inhloso yokuqothwa kwazo ukumzwisa ubuhlungu ngoba izitha zakhe azimtholi ngoba seziqinisi­we ezokupheph­a zakhe.

NgeSonto kuvukwe nezindaba zokubulawa kwezingane ezintathu zikadadewa­bo kaMnu uSgugula Gamede oyilungu leKTA. Ubekade esinde ngokulambi­sa emasontwen­i amabili edlule ehlaselwa.

Kuthiwa izingane zikadadewa­bo kaGamede zingenelwe ngabantu ebusuku zilele zaqothwa zonke ngenhlamvu.

UGamede uthi bahlaselwa nje bebewazisi­le amaphoyisa endawo mayelana nezinhlelo zokubahlas­ela kodwa abatshela ukuthi nawo ayesaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa