Intsha izibambele kwageleza amanzi oLundi
Intsha yakwaZondela Olundi eNyakatho yeKwaZulu-Natal isifakazele isisho sabadala esithi iNkunzi isematholeni.
Lokhu ikukhombise ngoLwesithathu ngokuthi isukume izibambele mathupha ezintweni zezidingo ezithinta umphakathi ngokuthi yongele uMasipala wayo izigidi zemali obuzozichitha ngokuqashana nenkampani yangasese ebizolungisa inqalasizinda elimele.
Kuzokhumbuleka ukuthi umphakathi waKwaZondela besekuphele izinyanga ungenawo amanzi ngenxa yokuthi ipayipi eliwuphakela amanzi lalimala kade kukhukhuleka ibhuloho kuhlasele izikhukhula ngoMasingana walo nyaka.
Manje uMasipala ubusukhiphe ithenda yezigidi kuyona ebesekuqokwe inkampani thizeni ebizolungisa le nqalasizinda elimele. Kuthiwa kwasayona le nkampani eqokiwe bekusazoyithatha amasonto ayisi-8 ngaphambi kokuthi iqale umsebenzi wokuzolungisa leli payipi.
Lo mphakathi wakwaZondela zonke lezi zinyanga ubusuphila ngokukhongozela amanzi abethuthwa ngamathilagi nawo abebuye angafiki ngesikhathi.
Okhulumela intsha yaKwaZondela, uMnu uCebo Khanyile utshele elaboHlanga ukuthi babone kungcono bazisukumele beyintsha bazilungiselele leli payipi kunokulinda amanye amasonto okungumsebenzi osazothatha isikhathi ngaphambi kokuthi uphothulwe njengoba bekuthiwe leli bhuloho naleli payipi elisiphakela amanzi konke bekuzoqalwa phansi ukwakhiwa.
“Ngenxa yokuthi besingeke sisakwazi ukubekezelela ukulinda esinye isikhathi nokuthi futhi besesikhathele nayila manzi abelethwa ngeWaterkan nawo abezifikela ngesawo isikhathi sibone kungcono sisukumele siyinya sizilungisele leli payipi kunokulinda into esingayazi iyophela nini. Abantu abebehlukumezeka kakhulu izaguga njengoba abefika izingane zingasekho sezisesikoleni. Manje ogogo nomkhulu abasenawo amandla okuzithwalela amanzi ngezigubhu ngakho bebegcina bengawatholanga amanzi,” kuqhuba uKhanyile.
Uqhuba uthi beyintsha babe sebebiza umhlangano ophuthumayo womphakathi.
“Sifike emhlanganweni sacela amalungu omphakathi ukuba unikele ngo-R20 umuzi ngamunye ukuze sikwazi ukuyozithengela amathuluzi okuyolungisa leli payipi ebeliyinkinga,” kusho uMnu uKhanyile.
Sekungumlando ukuthi lomphakathi kade ungenawo amanzi njengoba esegeleza emapayipini.
“Sibonga kakhulu ukubambisana nomphakathi wakithi. Siyethemba nokuthi uMasipala uzosibonga ngokuwongela izigidi zemali obuwuchitha ngokuqasha izinkampani zamathilagi ebezisilethala la manzi,” kuqhuba uMnu Khanyile.
UKhanyile ukugcizelele ukuthi ukusukuma kwabo akukhona ukuthi bebebukela phansi uMasipala wabo.
“Siyazi uMasipala wethu uhlale njalo uzama ngakho konke ukuzisukumela izikhalo nezidingo zomphakathi. Yingakho nathi siyintsha sithe akube khona esilekelela ngakho ukuphosa esivivaneni,” kusaqhuba yena.
Uqhube wathi: “Siyacela ke kungabi khona abantu lolu daba asebezolufaka ipolitiki ngoba asithandi kube sengathi esikwenzile yingoba silwisana noMasipala wethu.”
ElaboHlanga linayo ividiyo eqoshiwe ebonakalisa amalungu omphakathi nentsha yakwaZondela bezibambele mathupha belungisa ipayipi lamanzi.
USekela Menenja kaMasipala wasoLundi, uNkk uGabi Madela ukuqinisekisile ukuthi umphaathi wakwaZondela ubungenawo amanzi ngenxa yokuthi kwalimala ipayipi eliphakela amanzi.
“Kodwa ngeke ngikwazi ukuphawula ukuthi ngabe imalini eyongelwe uMasipala wasoLundi ngosekwenziwe yintsha yakwaZondela ukuwulungisela. Amanzi aphethwe ngumasipala omkhulu iZululand District Municipality. Ukuthola imininingwane kungcono uthinte oqondene nezokuxhumana nabezindaba kuMasipala iZululand District,” kusho uNkk uMadela.
Uqhube wathi: “Thina asikwazi ukuphawula ngoba hleze sithi siyaphawula ngalo siphaphalaze ngenxa yokuthi wudaba olungaqondene nathi.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMasipala ukuba aphawule ayiphumelelanga njengoba esinye sezisebenzi zakhona sigcine sethembise intatheli yelaboHlanga inombolo okungatholakala kuyona imeneja yalo mkhandlu kodwa sagcina sihambe amalombo.