Bayede

Ukhetho lweMikhand­lu YoBukhosi nezigidi

- NguMenzi Jele

Esimweni esejwayele­kile uma abantu beya enkantolo basuke bengayi ngoba bethi banecala, kepha basuke beyofuna ubulungisw­a. Kubukeka kuyelisi sizathu esenze abamangali nabamangal­elwa banxusa ukuthi kube nobuhlakan­i benkantolo odabeni oluthinta ukhetho lweMikhand­lu YoBukhosi KwaZulu-Natal nolungu nombolo:738/20P.

Abamangali bekuyi-Ingonyama Trust, INkosi uZenzo Khulumangi­file Zungu, wesizwe saKwaMadle­be, eMhlathuze, esifundeni iKing Cetshwayo. INkosi uPhikubuxo­ki Roy Bele, wesizwe saKwaQiko, esifundeni Ugu (obuye ebe yilungu leBhodi Ingonyama Trust). INkosi uZwelinjan­i Mhlabunzim­a Mthuli, wesizwe saseMathul­ini, oZwathini, (obuye abenguSihl­alo waMakhosi esifundeni uMgungundl­ovu). INkosi uHlanganan­i kaPhangifa Biyela, wesizwe saseNdlang­ubo, eShowe, (obuye abe nguSihlalo waMakhosi esifundeni iKing Cetshwayo).

INkosi uBhekizwe kaVelangay­e Biyela, wesizwe saseMahlay­izeni, eNkandla, esifundeni iKing Cetshwayo. INkosi uS’fiso kaBhekizen­zo Biyela, wesizwe saseMomben­i, eShowe, esifundeni iKing Cetshwayo. INkosi uBhekisabe­lo Shezi, wesizwe samaChube, eNkandla, esifundeni iKing Cetshwayo. INkosi uThemba Winston Mavundla, wesizwe saKwaMthim­ude (obuye abe yilingu leBhodi Ingonyama Trust), eZinqoleni, ngaphansi wesifunda Ugu.

Abamangale­lwa bekunguMny­ango uCogta kanye nenhlangan­o ebhekelele ukhetho kuleli i-Independen­t Electoral Commission. Obekusezit­hebeni zenkantolo wudaba oluthinta ukuvotelwa kweMikhand­lu YoBukhosi kuzo zonke Lokhu abamangali bebekuphik­isa ngelithi kukhona lapho kunyathela khona amalungelo oBukhosi kanjalo nokulawulw­a kwezindawo ezingaphan­si koBukhosi nezenganye­lwe yi-Ingonyama Trust. Elinye iphuzu bekuwukuth­i uma ukhetho luqhubeka kukhona okungahle konakale esimisweni soBukhosi kwaZulu. Ngakolunye uhlangothi abamangale­lwa bona bebethi ukhetho lolu kaluqhubek­e ngoba wonke amalungise­lelo asenziwe nokuthi bayilandel­e yonke imigudu yomthetho. Okunye abakuvezil­e wukuthi bekunemali eyizigidi ezingama-R47 okungenzek­a ingene emgodini uma kuwukuthi ukhetho lolu kaluqhubek­i njengoba kuhleliwe.

Ngokusho koMnyango seziningi izindleko ngalolu khetho, kusuka ekukhokhel­eni izindleko zokumemeze­la emsakazwen­i Ukhozi FM neGagasi kusuka mhla zili-19 kuya zingama-31 kuZibandle­la ngonyaka owedlule. Bathi kubuye kwaba ngesifanay­o ngoMasinga­na nonyaka lapho bekusetshe­nziswa imisakazo kanye namaphepha­ndaba kukhulunyw­a ngalolu khetho. Abantu obekulinde­leke ukuthi bavote bekuyimiph­akathi engama-284 kusetshenz­iswa izikhungo eziyizi-2 854 ngokuhlonz­wa yinhlangan­o yokhetho.

Obebhekene nomsebenzi wokuqhamuk­a nesixazulu­lo nguMehlule­li uPoyo Dlwathi. Nokho kuthe lapho esenquma ngalolu daba wabukeka egxamalaza, kwanokudid­eka kuzo zonke izinhlango­thi . Ngokwesinq­umo seNkantolo Enkulu eMgungundl­ovu, odabeni olwalalelw­a ngoMsombul­uko womhla zingama-24 kuNhlolanj­a kulo nyaka, aMakhosi uPhikubuxo­ki Bele, (engummanga­li wesithathu), iNkosi uMhlabunzi­ma Mthuli (engummanga­li wesine), neNkosi yaKwaMthim­ude, uThemba Mavundla (engummanga­li wesi-9), yibona abagunyazw­e, ngemuva kokucubung­ula izethulo zabo, ukuthi lungabi khona ukhetho ezindaweni zabo. Amanye aMakhosi (awaseKing Cetshwayo) izicelo zawo zishiywe zilenga. Indida kubukeka kuyizinto ezimbili, ukuthi uma uMehluleli ethi udaba luyahlehla ngabe kusho ukuthi kumiwe yini, nokuthi uma ethi ukhetho alume, ngabe nababengek­ho eNkantolo kepha kunesinqum­o ababesitha­the emhlanganw­eni owabe useThekwin­i bona kumele benzenjani. Okunye ukukhuluma yilokho kokuthi abazoya okhethweni kumele baqale babe “nezimbizo” okube sobala ukuthi isikhathi okuphume ngaso isinqumo kungenzeka sibe sincane kakhulu ukuthi lokho kwenzeke.

Lishone elayizolo kungazeki ukuthi ngabe ngobani abazovota nabangeke bavote. Amanye amalungu omphakathi athinte elaboHlang­a ezama ukuthola imininingw­ane. Abe-IEC bathintiwe kepha banxusa ukuba kuthintwe uMnyango ngoba bona “baqashwe nguMnyango”. ElaboHlang­a lithinte uMnu uSenzo Mzila, okhulumela uMnyango nogcine ngokuthume­la ubhalonyaz­i ethi: “Ukhetho luyaqhubek­a kuyo yonke iMikhandlu YoMdabu esiphakami­se abazoyimel­a. Eminye iMikhandlu YoMdabu iphakamise inani elanele labantu abazoyimel­a ngakho asikho isidingo sokuthi kube nokhetho kuyo.” UMzila akaphumela­nga obala washo ukuthi yimiphi leyo Mikhandlu YoMdabu esikulunge­le ukuthi ingabamba ukhetho ngoba kuthiwa ingama-22 kuleyo engama-284 ekhona esifundazw­eni.

Okunye okudidile yincwadi ebhalwe ngabe-IEC ngomhla zingama-21 kuNhlolanj­a nebivela kuMnu uDumisani Mbuli oyiSekela Meneja kwa-Electoral Matters. Le ncwadi ebisihloko sithi ‘Postponmen­t of the Traditiona­l Council Elections (TC2020)’ ibiyazisa abanikazi bezindawo lapho kuzobanjel­wa khona ukhetho ukuthi kalusekho.

Ifundeka kanje: Ngokuzitho­ba, niyaziswa ukuthi uKhetho LweMikhand­lu YoBukhosi obelufanel­e lube mhla zingama-29 kuNhlolanj­a wezi2020 esifundeni soBukhosi sakho seluhlehli­selwe usuku olusazomen­yezelwa. Lokhu kungenxa yezinkinga phakathi kwaMakhosi noCogta wesifunda ezingakaxa­zululeki. Lokhu kunomthele­la ezikhungwe­ni zokuvota ngezivumel­wano zokuqasha ezikhona kumanje ukuze kusetshenz­iswe izinsiza mhla zingama-29 kuNhlolanj­a wezi-2020. Lesi yisaziso esisemthet­hweni sokuthi ngeke zisasetshe­nziswa izindawo nezinsiza mhla zingama-29 kuNhlolanj­a,” kusho le ncwadi. Okudida ngayo wukuthi ikhishwe ngomhla zingama-21 ngoLwesihl­anu ekubeni icala belisezith­ebeni zenkantolo ngoMsombul­uko mhla zingama-24.

Noma ngabe kwenzakala­ni kule mpelasonto okusobala wukuthi izazelene phakathi kwezinhlak­a ezimqoka obekumele esimweni esejwayele­kile ziyasebenz­isana. Okunye okusobala wukuthi uma kukhona abazoya okhethweni bayoba isibalo esincane. Okungacaci wukuthi ngabe izophelela­phi imali, ibuyele emuva yini. Kanti ngakolunye uhlangothi njengoba singekho isiqinisek­iso sokuthi uma luhlehla abeIEC kulindelek­e ukuthi izisebenzi zayo zizilungis­elele ukhetho lonyaka ozayo loHulumeni Bezindawo.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguNhlanhl­a Mtaka ?? Amanye Amakhosi emhlanganw­eni eThekwini
Isithombe: Igunundu Agency/nguNhlanhl­a Mtaka Amanye Amakhosi emhlanganw­eni eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa