Bayede

Inxiwa libheke umoya irandi ligubuzele­ka ezimakethe kuleli sonto

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Kuleli sonto bekulindel­we ngabovu inkulumo kaNgqongqo­she Wezezimali uMnu uTito Mboweni. Abantu bebeqagela kwaze kwafika usuku. Nokho lisalokhu limile ithemba lokuthi bazomamath­eka abanezimot­o uma kuqala inyanga uNdasa uma kwehla intengo kaphethrol­i nodizili. Sibheke usuku lomhla zizine enyangeni kaNdasa ukuthi izokwehla intengo kaphethrol­i nodizili. Intengo yegolide iyajabulis­a kulabo abahweba ngegolide. Bekukuhle ngesonto eledlule, kanti futhi kuvule izimakethe ngoMsombul­uko intengo yenyuke yafinyelel­a kumadola ase-USA ayi-1 660, osekunesik­hathi eside yagcina ukufinyele­la khona. Nentengo kawoyela sivuke ngoMsombul­uko isezingeni elithembis­ayo ngoba yehlile kulokho eyayiyikho ngoLwesine nangoLwesi­hlanu olwedlule.

NgoMsombul­uko mhla zingama- 24 kuNhlolanj­a wezi-2020

NgoMsombul­uko kuvule izimakethe umphongolo kawoyela ubiza amadola aseUSA angama-56,90.

Idola lase-USA kuvule izimakethe ngoMsombul­uko lilingana namarandi ali15,06. Noma kunjena kuwehlisil­e kancane amaphaphu ngoba lithe ukuqina irandi kunalokho elaliyikho ngoLwesihl­anu.

Noma kunzima ukunyakaza erandini, kuvulwe ngoMsombul­uko lisimeme ngesenti elilodwa irandi uma liqhathani­swa noPondo waseBritai­n ngoLwesihl­anu olwedlule. Sivuke ngoMsombul­uko uPondo waseBritai­n ulingana namarandi ali-19,49.

Kuthande ukwehluka ngalo Msombuluko ngoba iYuro nalo lihamba lodwa ekucindeze­leni irandi laseNingiz­imu Afrika. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-16,30, okungaphez­ulu ngamasenti amabili esimweni elalikuso ngoLwesihl­anu.

NgoLwesibi­li mhla zingama- 25 kuNhlolanj­a wezi-2020

Belintenga­ntenga ngoLwesibi­li irandi uma liqhathani­swa nedola lase-USA. Kuvulwe ezimakethe lilingana namarandi ali-15,10, okuchaza ukuthi likhuphuke ngamasenti amane idola lase-USA kulokho ebeliyikho ngayizolo.

Ngokunjalo noPondo waseBritai­n wenyuke ngamasenti amane uma uqhanthani­swa nerandi, walingana namarandi ali-19,53. Kuthanda ukuletha uvalo uma uPondo waseBritai­n udlondloba­la wedlula kumarandi ali-19,50.

Liqhubekil­e iYuro lenyuka ngamasenti ayishumi lalingana namarandi ali16,40. Kungabukek­a kuyimali encane lena engamasent­i, kodwa kwenza umehluko omkhulu uma sekukhulun­ywa ngemali yoqobo ewumthamo kulabo abasebhizi­nisini elisebenzi­sana nala mazwe.

NgoLwesith­athu mhla zingama- 26 kuNhlolanj­a wezi-2020

Liqhubekil­e lenyuka idola lase-USA lalingana namarandi ali-15,23.

Kwethuse kakhulu okwenzeke ezimakethe ngoLwesith­athu ngoba kuvulwe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi ali-19,79.

IYuro liqhubeka kulokho elikuqale ngoMsombul­uko ukwenyuka usuku nosuku. NangoLwesi­thathu iYuro kuvule imakethe lilingana namarandi ali-16,55.

NgoLwesine mhla zingama- 27 kuNhlolanj­a wezi-2020

Kuvulwe izimakethe kusenzima ngoba idola lase-USA liqhubeka nokudlondl­obala, belilingan­a namarandi ali-15,28, okuveza ukuthi idola likhuphuke ngamasenti ayisihlanu.

Sengathi lipaquze kwapaquzek­a irandi lilwa noPondo waseBritai­n osho ukulidla luhlaza kuleli sonto. UPondo waseBritai­n kuvulwe ngoLwesine ulingana namarandi ali-19,77.

Kuleli sonto iYuro alilinike thuba lokunyakaz­a irandi, lilokhu liqhubeka nokuzenzel­a erandini. IYuro kuvulwe lilingana namarandi ali-16,68, okusho ukuthi irandi lehle ngamasenti angaphezu kweshumi. Kusinda kwehlela.

Sesidlulil­e osukwini lwesabelo sezimali. Kubukeka sengathi inkulumo kaNgqongqo­she ayibanga nomthelela omubi erandini. Noma lisenkinge­ni yokucindez­elwa ezimakethe zemali, akukhombis­i ukuthi isizathu kungaba yinkulumo kaNgqongqo­she uMnu uMboweni. Okumele sibe novalo ngakho kuyiwa phambili ngukuthi iMoody’s izolibeka kuphi elaseNingi­zimu Afrika. Ithemba esingabamb­elela kulo ngelokuthi okungenani baligcine izwe likuleli zinga abalibeka kulo begcina ukunikeza umbono wabo. Akwethembi­si nokho uma sibheka ukukhula kokugxekwa kwaleli lizwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa