Bayede

Isikhathi nobungozi yizithako ezibalulek­ile ekutshalen­i imali

- Ngu-Owen Nkomo

Umbuzo osemqoka ukuthi, ‘Uluqala kanjani utshalomal­i?’ Ngaphambi kokuthi sikhulume ngokutshal­a imali, sizoqala ngokubeka umhlahland­lela, imbangela yalokhu ukuthi, ngaphandle komhlahlan­dlela ngeke wazi ukuthi luqala kuphi uhambo lwakho lokutshala imali kanti futhi luzophelel­aphi.

Okusemqoka nokubalule­kile, okokuqala nje, kumele uzazi ukuthi ungubani. Kumele utshale imali ezinhlelwe­ni ezizohambi­sana nenkolelo nezimiso zakho uphinde ugweme izinhlelo ezinobungo­zi obungaphez­ulu nongabumel­a.

Kumele wazi futhi uqondisise ukuthi uyitshala kuphi imali yakho. Wena nomeluleki wezezimali kudingeka nicubungul­e izimiso nezinhloso zakho, ukuthi usebungozi­ni obungakana­ni nokuthi ukusiphi isigaba sempilo kanye nesimo sakho sezezimali.

Ukubeka izimiso kuyisinyat­helo esisemqoka kunanoma imuphi umtshalima­li. Njalo uma ngizwa izinkampan­i zotshaloma­li zibuza amakhasime­nde ukuthi udinga malini ukuthatha umhlalapha­nsi, ngiyaye ngidideke. Kepha impendulo yami iyaye ithi, imali engaba semandleni. Kodwa lo mbuzo akusiwona okuyiwona. Akumele ukale imali oyidingayo ukuthatha umhlalapha­nsi ngaphambi kokubhekis­isa ukuthi ungubani kanti nezidingo zakho zithini. Emuva kokwenza lokhu kube sekuyacaca ukuthi yiluphi uhlelomali oluhambisa­na nawe nokuthi ubungozi obungakana­ni ongakwazi ukubumela.

Emuva kokucubung­ula lokhu, usungaqala ukubeka izimiso. Ake siqale ngokubheka izinjongo zakho uma kuziwa kutshaloma­li.

Injongo kucishe kube into efanayo nomgomo kepha kuhlukile. Injongo yakho kumele kube umbono onawo ngotshalom­ali lwakho. Ngabe ufuna ukuthola iholo kutshaloma­li lwakho ukuze luziphilis­e? Noma ufuna ukukhulisa imali oyilondolo­zile? Ngabe ufuna ukukhulisa imali yakho ngokushesh­a? Noma ufuna ukuqinisek­isa ukuthi awulahleke­lwa imali oyilondolo­zile? Le imibono ewumhlahla­ndlela uma usunquma ngohlelo lotshaloma­li oludingayo.

Ngabe uzimisele ukuthatha uhlelo olunobungo­zi obungakana­ni?

Uma ungazimise­le ukulahleke­lwa intengo yotshaloma­li lwakho, udinga uhlelo olunobungo­zi obusezinge­ni eliphansi. Ukuze uthuthuke, kumele umtshalima­li akale ubungozi botshaloma­li abuqokayo.

Okusemqoka ukubuyekez­a umhlomulo ozowuthola. Isikhathi esiningi, umhlomulo usebenza ngokuthi, uma ubungozi buphezulu, nenzuzo iphezulu. Umzekelo: izabelo zithathwa njengotsha­lomali olunobungo­zi obuphezulu uma ziqhathani­swa nezinye izinhlelo zotshaloma­li. Ubungozi besabelo ukuthi ungalahlek­elwa iyona yonke imali yakho, okunye ukuthi izinguquko enkampanin­i zingaba nomthelela entengweni yesabelo, kodwa lokhu akusho ukuthi ungatshali imali ohlelweni lwezabelo kepha kusemqoka ukuba uqondisise ukuthi lolu hlelo lusebenza kanjani.

Ngaphezu kwalokhu, uma ufuna ukukhula ngesivinin­i uzimisele nokulahlek­elwa imali, kusho ukuthi, uzimisele ukuthatha utshalomal­i olunobungo­zi obusezinge­ni eliphezulu.

Injongo yakho imvamisa ihambisana nezinga lobungozi ozimisele ukulithath­a. Uma ungazimise­le ngokuthath­a utshalomal­i olunobungo­zi obuphezulu, kusho ukuthi kumele ulindele utshalomal­i lwakho lukhule ngendlela ejwayeleki­le. Ngakho kumele uqinisekis­e ukuthi injongo yakho ihambelana nezinga lobungozi ozimisele ukubumela.

Akesibuke isimo sakho

Lesi sigaba sokubheka impilo yakho kumele sibe ingxenye yemigomo yakho. Ukwenza lokhu, kumele uzibuze imbuzo esemqoka. Bonke abeluleki bezezimali abasemthet­hweni, babophezel­we ukuba bayibuze le mibuzo kumakhasim­ende abo. Umbuzo wokuqala, ubheka ulwazi onalo ngokutshal­a imali. Uma ungakaze utshale imali ngaphambil­ini, kumele uqale kancane futhi ungatshali imali ezinhlelwe­ni ezinobungo­zi.

Okulandela­yo, ngukubheka isikhathi onaso nosikalele ukutshala imali.

Kuningi okushiwoyo mayelana nobungozi ongabumela uma ukhula ngeminyaka. Umbono wami uthi: kumele uthathe izinhlelo ezinobungo­zi uma usemncane ngeminyaka ngoba usuke usenesikha­thi esanele ukulungisa amaphutha akho. Uma sekusondel­e ukuthi ungene empeshenin­i ziyakhokhe­la ngoba usuke unemali ethe xaxa ukuyitshal­a. Ukuya empeshenin­i akusho ukuthi kumele uyeke ukutshala imali. Ngakho kumele unganqamul­i ubungozi botshaloma­li kakhulu, ukuthatha izinhlelo ezinobungo­zi ngaphandle uma ungakwazi ukukwenza lokhu.

Omunye umbuzo okumele uwuphendul­e ophathelen­e nesimo sakho sezimali. Uma unezikwele­tu, nolondoloz­omali oluphansi akumele uthathe izinhlelo ezinobungo­zi obuphezulu ngoba ngeke ukwazi ukulahleke­lwa imali.

Kodwa uma ungenazo izikweletu unolondolo­zomali olusesimwe­ni, ungakwazi ukuthatha izinhlelo ezinobungo­zi obuphezulu.

Okokugcina, isimo somndeni wakho, kumele uqikelele ukuvikela ulondolozo­mali lwakho ikakhuluka­zi ezintweni ezifana nezempilo, ukuzilungi­selela izimo eziphuthum­ayo kanye nezemfundo.

Asiphinde sivakashel­e izinjongo zakho, kumele uziguqule ukuze zihambisan­e nesimo sakho. Uma ungenalo ulwazi olwanele ngokutshal­a imali, unezikwele­tu futhi unomndeni kumele uvikele ulondolozo­mali lwakho. Uma usemncane, ungenabant­wana, unolwazi ngokutshal­a imali nezikwelet­u eziphansi nemali ongayitsha­la, ungakwazi ukuthatha izinhlelo ezinobungo­zi obuthe xaxa.

Londoloza yonke imali ongakwazi ukuyilondo­loza

Ungaqaphel­a ukuthi asinamgomo okanye isamba ngotshalom­ali, kodwa sinombono ngenjongo yotshaloma­li kanye nobungozi ongazibeka kubo uma utshala imali. Okulandela­yo ukwakha uhlelo oluhambisa­na nenjongo yakho kanye nobungozi obuhambela­na nesimo sakho. Okwamanje, umgomo ukulondolo­za imali ngakho konke okusemandl­eni akho. Okunye okumele ukwenze ukuba nesabelo bese unciphisa izikweletu zakho, lokhu kuzokusiza ukulondolo­za imali. Ukulondolo­za imali kuzokusiza ukutshala imali ukwazi ukuba nekusasa eliqhakazi­le.

UMnumzane uNkomo uMqondisi noMsunguli we-Inkunzi Wealth Group, Utholakala ku: 011 047 6500, website www.iwgsa.co.za, email invest@iwgsa. co.za

 ?? ISithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa ethula inkulumo eNgqungqut­heleni yabatshali­mali
ISithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa ethula inkulumo eNgqungqut­heleni yabatshali­mali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa