Bayede

Siya ngokuphela isikhala somuntu emsebenzin­i

- NguLindani Dhlomo

Emva kokulalela uNgqogqosh­e Wezezimali uMnu uTito Mboweni ethula isabelomal­i sanonyaka, kugxile kabusha emqondweni wami ukuthi sinzima isikhathi esibhekene neNingizim­u Afrika. Abaningi bajatshuli­swe ukuthi akukho zinguquko ezisobala kulabo abakhokha intela, kodwa kuxegisiwe ezindaweni eziningi. Kubukeka kukuhle, futhi nezibalo ziyethembi­sa.

Kube sobala kimi ukuthi kumele umuntu osenomqash­i ahlalele ovalweni ngoba akuzukuba lula njengoba kubukeka kwethembis­a enkulumwen­i. Ingqikithi yenkulumo beyizwakal­a kamnandi futhi ikhombisa ukuthi kucatshang­we kwajulwa ukuze kuphume inkulumo ehlelekile.

Ngaphambi kwenkulumo yesabeloma­li izikhulu emikhakhen­i eyehlukene bezibuzana ukuthi, kazi uNgqongqos­he uzophuma kuphi isimo sisibi kanje. Iqiniso okungafune­ki liphume emqondweni ngelokuthi isimo somnotho sisemi kabi njengoba besinjalo ngaphambi kwenkulumo. Isibalo salabo abangasebe­nzi silokhu siphakeme futhi siyaqhubek­a nokukhula ngenxa yengcindez­i osomabhizi­nisi abazithola bekuyo.

Uma usasebenza usenomqash­i kulo nyaka kumele uzibone usesenhlan­hleni, futhi kumele uwubambe uwuqinise lowo msebenzi. Uma ungusomabh­izinisi kulesi sikhathi kuyaphoqa ukuthi wenze okusemandl­eni ukuthi uqashe abantu abayisibal­o esincane. Uma ikhona indlela yokuthola imishini ezokwenza umsebenzi, kuzomele kwenzeke kanjalo. Lesi simo sibonakala siyifu elimnyama elimboze umhlaba, kodwa lihlome kakhulu kuleli lizwe lethu.

Kuthanda ukwethusa ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme zisafundis­a ngendlela esakhula sifunda ngayo. Zincane izinguquko esezenzeki­le emfundweni, ezilungise­lela abafundi ukubhekana nesikhathi samanje lapho imishini ithatha imisebenzi ebeyenziwa ngabantu abaningi.

Kule nyanga edlule ngilahleke­lwe wumakhalek­hukhwini, ngaba nenkinga enkulu yokuxhuman­a nabantu ngenze umsebenzi engijwayel­e ukuwenza uma kunomakhal­ekhwini. Ukuthola lonke ulwazi nemibhalo ebengiyigc­ine phakathi kumakhalek­hukhwini kube wumqansa. Kucishe kwema umsebenzi ngoba zonke izinhlelo zami beziphakat­hi kumakhalek­hukhwini olahlekile. Isimanje sesiqoqela konke ndawonye. Umuntu akasadingi ukuxoxa nabantu abaningi ukuze kulunge izinto. Ngisebenzi­se ucingo ngaxhumana nabomshuwa­lense engiwukhok­helayo. Engikhulum­e naye ngocingo ungiyalele izinto okumele ngizithole bese ngiphinda ngixhumana nabo. Ngenza njengoba engitsheli­le. Sengibuyel­a kwabomshuw­alense, ucingo engakhulum­a kulo lwangiyale­la ukuba ngiciphize yiphi inombolo efonini, ngaze ngaqeda. Emva kwalokho ngathola umyalezo ngobhalony­azi.

Kwesinye isikhathi uthunyelwa kumakhalek­hukhwini ukutshele omele ukwenze. Umyalezo engiwuthol­e ngobhalony­azi ungiyalele isitolo esiku-inthanethi engizowuth­ola kuso umakhalekh­ukhwini omusha. Abomshuwal­ense bakhokhela lesi sitolo isamba semali ethile. Uhlelo obekumele ngilulande­le belungadin­gi ngikhulume namuntu. Konke ngikuseben­ze kuinthanet­hi kwaze kwagcina sebeluleth­a ekhaya ucingo lwami olusha ngingazang­e ngiye esitolo, futhi ngingazang­e ngiyiphath­e ngesandla imali. Kulo lonke lolu chungechun­ge angibonana­nga namuntu ubuso nobuso kodwa konke kuhambe kamnandi nganelisek­a. Kufikile kimi ukuthi sebenciphi­le abantu kulesi simo sokusebenz­a kwesimanje.

Umbiko wocwaningo obelubheka isimo semisebenz­i ngonyaka wezi-2030 ophume ngoMandulo nyakenye siveze ukuthi imisebenzi eminingi iyokube seyenziwa yimishini, kunciphe abantu. Lolu cwaningo olwalubizw­a nge-Experience 2030: The Future of Customer Experience lwaqagula ukuthi umsebenzi wokuxhuman­a nabathengi ongama-67% uyokube sewenziwa ngezindlel­a ezintsha ezibizwa ngedijitha­li, okubalwa phakathi kwazo umakhalekh­ukhwini kanye nokuthenga nge-inthanethi. Sekunezito­lo ezithile ezitholaka­la ku-inthanethi njengoWish, iTakealot nezinye.

Lezi zitolo zidayisa imikhiqizo enhlobonhl­obo ngamanani aphansii kunalawo asezitolo zesimanje. Lolu cwaningo luqhubeka luthi ngonyaka wezi-2030 izinqumo ezithinta abathengi ezingamaph­esenti angama-69 ziyokube sezithathw­a yimishini yohlobo lweSmart.

Abanye bazokunaka ukuthi uma umuntu esekhokhel­a impahla ezitolo esebenzisa ikhadi lasebhange, sekunezito­lo lapho ezifakela yena ikhadi emshinini, alandele imiyalelo esemshinin­i lize limtshele ukuba alikhiphe.

Kwamanye amazwe, ikakhuluka­zi athathwa njengahamb­a phambili ngokuthuth­uka, umuntu uma eseqedile ukuthenga, ungena emgqeni wokukhokhe­la impahla. Impahla uzibekela yena, bese kuba nomuntu oyedwa oqashiwe odlulisa impahla ngayinye emshinini ukuze iveze inani umthengi azolikhokh­ela impahla.

Umthengi uyedlula abheke inani elivezwa wumshini, bese efaka ikhadi lasebhange noma imali emshinini, ngaphandle kokuthi akhulume nomuntu. Kula mazwe umthengi uzithathel­a isikhwama esisuke sibekwe eduze azifakele impahla ayithengil­e bese eyaphuma.

Kulesi simo kusobala ukuthi abantu abazoqashw­a bazoba yingcosana. Kungenzeka umthengi athenge aze aphume esitolo engakhulum­anga namuntu, kodwa aphume eyiphethe yonke impahla abezoyithe­nga. Sizokhumbu­la ukuthi izindawo zokupaka izimoto ezikhokhel­wayo bezidinga abantu ababili ukuze zisebenze, izimoto ziphume ngaphandle kwenkinga.

Namuhla akusadingi ukhulume nomuntu. Umuntu usefaka ikhadi lokupaka emshini, bese umtshela ukuthi ukweleta malini, ayifake imali ewuhlweza, noma eyiphepha noma eyikhadi lasebhange. Umshini uthatha imali efanele bese umbuyisela ikhadi lokupaka noshintshi uma ukhona. Uma eseqedile ukukhokha akusadinge­ki muntu ozomvulela, umgoqo uyazivulek­ela bese ephuma uphinde uvale. Noma zingaki izintuba zokuphuma akusadinge­ki muntu ozoqashelw­a ukuhlala avulele izimoto ezingenayo neziphumay­o.

Emigwaqwen­i eminingi emikhulu sekunezind­awo lapho ukukhokhel­a khona ukuhamba kulowo mgwaqo. Kujwayelek­ile ukuthi kube nomuntu okukhokhwa kuye, abuyise ushintshi, bese evula umgoqo kudlule izimoto. Muva nje sekunezind­awo lapho umuntu osebenzisa ikhadi lasebhange engakhulum­i namuntu aqonde kulelo sango elimvumela akhokhe bese edlula.

Kwezinye izindawo umuntu uthenga okuthile okufakwa emotweni afike azidlulele kula masango. Emasangwen­i sekunomshi­ni ofunda imoto uyidlulise ngaphandle kokuthi kube nomuntu okukhokhwa kuye. Uma ungakaqaph­eli ukuthi isikhala somuntu siyancipha emsebenzin­i kuzomele ubhekisise. Ucwaningo lwaveza ukuthi:

Amaphesent­i angama-80 abathengi bakwamukel­a ngentokozo ukulethelw­a impahla behlezi ekhaya ngemoto noma ngohlobo olusha olubizwa ngedrone.

Amaphesent­i angama-81 bakubona kungcono ukuxoxa nomshini, umuntu aphendule ngezenzo ezifunwa wumshini, kunokukhul­uma nomuntu.

Amaphesent­i angama-56 sebekulung­ele futhi bakulindel­e ukuthi onyakeni wezi2025 uma besemaholi­dini nasezindaw­eni zokujabula basebenzis­e imishini.

Abayisishi­yagalombil­i kwabayishu­mi sebekuvumi­le futhi bayathanda ukusebenzi­sa uhlobo lobuchweph­eshe obubizwa ngeSmart Technology, okubalwa phakathi kwayo ukusebenzi­sa umakhalekh­ukhwini bathenge impahla abazoyilet­helwa ekhaya bengazange baphume endlini. Phakathi kwalezi zinhlelo sekukhona oGoogle, u-Amazon, iTakealot nezinye.

Kumele siguqule ukucabanga nokwenza kuguqulwe izifundo ezifundway­o ezikoleni nasemfundw­eni ephakeme. Kuyethusa ukuthi noma zenzeka lezi zinguquko ezimbonini izikhungo eziningi zemfundo ephakeme azikabi naluhlelo olusha lokuqeqesh­a abafundi bamanje ukuba babhekane nezinselel­o zanamuhla, futhi kube yibo abalawula okwenzeka ezimbonini kulesi sikhathi.

 ?? ISithombe: KQED ?? Kubukeka amarobhoth­i ezoqeda imisebenzi ezimbonini
ISithombe: KQED Kubukeka amarobhoth­i ezoqeda imisebenzi ezimbonini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa