Bayede

UNgqongqos­he Wezezimali ethula isimo sezimali zezwe

-

Mhleli

INingizimu Afrika inothile ukuthi izwe lilawulwa ohlohlesak­he, izinkothan­gqoko. Amathenda alibulele izwe, kuthengisw­a into ye-R100 ngesigidi samarandi. Kuntshonts­hwa izigidi kungaboshw­a muntu. Uma uke waveza ukuthi unobufakaz­i benkohlaka­lo uya kwagoqanya­wo. Baphi oMagaqa? Kwaboshwa bani ngokufa kwakhe nabanye? Inkohlakal­o isemthethw­eni lapha eNingizimu Afrika.

- nguJabulan­i Thulasizwe Mchu

Mhleli

Uzokhula kanjani umnotho sisamba igolide silikhiphe ngaphandle kwezwe libuye selizodayi­swa lapha. Kulele kunye kubaholi bethu.

- nguSthe Gabayi Mantengu

Mhleli

I-ANC ayivume ukuthi isihluleki­le ayikho le nto yabo. Saze safa ukucishelw­a ugesi. Uma uthi ukhuluma nomlungu ucela umsebenzi ukutshela ngogesi athi umkhiqizo awukho.

- nguXhawula­ni Manyisa

Mhleli

Okwamanje sonke siyazi kuthi silinyazwa yini kodwa akekho ozokhuluma iqiniso ngoba bonke basaba ukwenzakal­iswa kodwa izwe liyafa.

- nguNgqenge­lele Duncan

Mhleli

Njengoba behlongoza ukuthi kwenyuswe iholo likaMengam­eli uzozwa futhi maduze sekuthiwa kuzonyuswa awamalungu ePhalamend­e.

- nguWonder Bongani agcine evumile ukuthi waye sebenzisan­a noMsholozi kanti bahambe kabi. Inhloso yayo yonke le nto ukuthi bafuna uMengameli uZuma. Sengilinde i-EFF ukuthi izophendul­a ithini-ke njengoba yayisimthu­ke kangaka unkosazana wakwaMyeni.

- nguNkanyis­o Mbatha

Mhleli

Ubuxoki bufike neNew Dawn kaRamaphos­a esebenzisa­na neDA. KunamaBhun­u obandlulul­o akade ehamba amacala abekhokhel­wa uHulumeni ngoba ayengamaph­oyisa kudala.

- nguThokoza­ni Mbhele Ntuli

Mhleli

Ngibona ukuthi kwaba yiphutha ukuthi sithathe umbuso sisenezilo­nda zobandlulu­lo. Kwakumele siphole kuqala, baqhubeke abamhlophe babuse kodwa belawulwa uMthethosi­sekelo. Sithi uma sesikulung­ele bese siyaphatha.

- nguThulani Mish Gumede

 ?? Isithombe: nguSumaya Hisham ?? UNgqongqos­he uTito Mboweni
Isithombe: nguSumaya Hisham UNgqongqos­he uTito Mboweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa