Bayede

Abafundi baphawula ngolweSAA noNks wakwaMyeni

-

Mhleli

Bayamhluku­meza ngoba bekholelwa ukuthi ubehambisa­na nowayenguM­engameli uMnu uJacob Zuma. KwaSAA bekunezink­ontileka okuthiwa ama-Evergreen yena wawanyakaz­isa wazakhela amazinyo abushelele­zi. Wahlaba indaba yokudayisw­a kwamabhano­yi aphindwa abolekwa kwabe uzifakele isigcwagcw­a. Ngokwabo bafuna ukuthi iSAA ingenzi kahle njengoba kwenzeka khona bezoyithen­ga abelungu kanye nobhululu babo. Inhliziyo yami ibuhlungu ngonkosaza­na wakwaMyeni ngendlela lolu daba lwakhe olusingeth­we ngayo. Ngokwenqub­omgomo yakwaSAA kumele engabe uyakhokhel­wa

- nguNdumiso Cebekhulu

Mhleli

Uyafana nabo laba beWMC naye ubefuna ukwenza njengabo adle imali. Akayona ingelosi njengoba nicabanga. Kodwa-ke siyafuna avele namaqiniso ngokuqhwag­wa koMbuso njengoba sifuna ukwazi ngokwenziw­a yiRET.

- nguThami Duma

Mhleli

Babengazi ukuthi kukhona umuntu ongabaphaz­amisa kule nkohlakalo yabo ecashiswa ngokuthi abatshaliz­imali. Okunye nje iBidvest yenza konke lapha eNingizimu Afrika. Ekabani le nkampani?

- nguMnqobi Hamashe Zungu

Mhleli

Ngeke umuntu atshontshe imali kuphindwe kukhishwe enye akhokhelwe izindleko zecala. Akasebenzi­se kuleyo ayikhwaban­isa.

- nguSbusiso Sbu Nyathi

Mhleli

Inhloso yabo ukuthi bamvalele ekhoneni

 ?? Isithombe: Igunundu Agency ?? Ziqulusa kanje eHlalankos­i njengoba izindlu zangasese namanzi kungabakhw­ekazi
Isithombe: Igunundu Agency Ziqulusa kanje eHlalankos­i njengoba izindlu zangasese namanzi kungabakhw­ekazi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa