Abafundi baphawula ngolweSAA noNks wakwaMyeni
Mhleli
Bayamhlukumeza ngoba bekholelwa ukuthi ubehambisana nowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma. KwaSAA bekunezinkontileka okuthiwa ama-Evergreen yena wawanyakazisa wazakhela amazinyo abushelelezi. Wahlaba indaba yokudayiswa kwamabhanoyi aphindwa abolekwa kwabe uzifakele isigcwagcwa. Ngokwabo bafuna ukuthi iSAA ingenzi kahle njengoba kwenzeka khona bezoyithenga abelungu kanye nobhululu babo. Inhliziyo yami ibuhlungu ngonkosazana wakwaMyeni ngendlela lolu daba lwakhe olusingethwe ngayo. Ngokwenqubomgomo yakwaSAA kumele engabe uyakhokhelwa
- nguNdumiso Cebekhulu
Mhleli
Uyafana nabo laba beWMC naye ubefuna ukwenza njengabo adle imali. Akayona ingelosi njengoba nicabanga. Kodwa-ke siyafuna avele namaqiniso ngokuqhwagwa koMbuso njengoba sifuna ukwazi ngokwenziwa yiRET.
- nguThami Duma
Mhleli
Babengazi ukuthi kukhona umuntu ongabaphazamisa kule nkohlakalo yabo ecashiswa ngokuthi abatshalizimali. Okunye nje iBidvest yenza konke lapha eNingizimu Afrika. Ekabani le nkampani?
- nguMnqobi Hamashe Zungu
Mhleli
Ngeke umuntu atshontshe imali kuphindwe kukhishwe enye akhokhelwe izindleko zecala. Akasebenzise kuleyo ayikhwabanisa.
- nguSbusiso Sbu Nyathi
Mhleli
Inhloso yabo ukuthi bamvalele ekhoneni