Bayede

Naku lokhu sicheme naboHlanga

-

Umhla wama-28 kuNhlolanj­a ungomqoka kithi njengephep­handaba. Lolu kwaba wusuku lapho sazibona khona ukuthi siyakwazi ukwenza. Ngalolu suku sakhipha ushicilelo lokuqala ngaphansi kweBAYEDE. Lona kwaba ngumuzwa ojabulisay­o ngoba ngokwenza njalo sabe singagcini nje kuphela ngokunyaka­zisa amathambo kepha sabe sibikezela abangakezw­a ukuthi lukhulu luyeza, luyimpi yaboHlanga. Zisuka nje asikufihla­nga ukuthi sichemile. Nanamuhla sisakusho ukuthi sicheme naboHlanga. Sicheme nolwethung­a esaziyo ukuthi ngalo siyohlonis­hwa yizizwe. Sekungumla­ndo ukuthi kule minyaka eyisithuph­a sesiguqule okuningi uma kufika ekubikeni izindaba ikakhuluka­zi lezo ezithinta inhlalo yaboHlanga, ipolitiki nepolitiki yomnotho.

Akugcinang­a lapho ngoba leli laboHlanga liguqule ngisho indlela amaphephan­daba afundwa ngaboHlang­a ahlelwa ngayo. Sethule ongoti bemikhakha eyehlukene bafundisa isizwe lokho okumqoka ngaphansi kwenqubo esibuswa ngayo. Ngabe senza iphutha nxa singancomi izintathel­i nabahleli baleli phephandab­a, obekuyimpi encane nje kepha edle ngezimpond­o ezicije ukufa uma kufikwa ekubhaleni. Ngeleli butho sikwazile ukuguqula umunxa wezindaba kuleli. Lokhu akushiwo yithi kepha kuvunywe nayinhlang­ano yabahleli iSANEF neyasisond­eza endondweni iNat Nakasa betusa khona belu ukusebenza kwelaboHla­nga ngokungach­emi nokungesab­i.

Namuhla siqeda iminyaka eyisi-6. Lolu kube wuhambo olungabang­a lula nolube mazombezom­be. Kube khona ukuphoxeka kanjalo nokuthokoz­a. Okusiphoxe kakhulu wukuqhubek­a kwabakweth­u ikakhuluka­zi kuHulumeni nokuzinyez­a. Basancama ukuxhasa izinhlanga­no zabelungu nokuxhasa amaphepha abhala ngesiNgisi kunawakwab­o. Lena yinkinga encike emlandweni wezwe nesikuqond­ayo ukuthi kusho ukuthi kumele izikhali sizibambe ziqine.

Siyethembi­sa ukuthi ngeke siyeke ukulwela aboHlanga nezinto zabo okufaka nolimi. Uma nje sisekhona ulimi isiZulu ngeke lushabalal­e ngoba luyithi qobo. Ngakho njengomfud­i welaboHlan­ga khululeka, nethezeka isiZulu sakho usazositho­la lapha. Ngesikhath­i abanye benibikela izindaba thina sizoqhubek­a nokunibeke­la ingqikithi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa