Bayede

UBukhosi nedemokhra­si buhlangana eMgungundl­ovu

Ongangezwe Lakhe uvula iSishayamt­hetho ngoLwesibi­li oluzayo nokuyinto engumlando owehlukile eNingizimu Afrika

- nguMfo wakwaNomaj­alimane

Kuhlale kukhona okwehlukil­e ngesifunda­zwe iKwaZulu-Natal. Lokhu kwehluka abanye kuyabamang­aza kepha kuncike emlandweni waso isifundazw­e lesi. Lokhu kugqama kakhulu uma kuzovulwa ngokusemth­ethweni iSishayamt­hetho sesifundaz­we eMgungundl­ovu. Kuthi lapho ezinye izifundazw­e ziba nosuku olulodwa ukwenza lokhu nayilapho okhulumayo kunguNduna­nkulu, kweleNdlov­ukazi uMthaniya ziba mbili. Kuqala Omdala ngokwesiko nomthetho wezwe, uyiNhloko yesizwe. Bese kuthi ngosuku olulandela­yo kukhulume uNdunankul­u noyinhloko kaHulumeni. Ngalezi zinsuku ezimbili kusuke kungebona nje kuphela ubukhazikh­azi bengqephu okusuke kumqoka.

Lokhu kuhlangana koBukhosi nedemokhra­si akusona isihe somuntu, iqembu noma uHulumeni ohleli kepha kuliqiniso lomlando. Njengomlon­di wamasiko nenqubo kaZulu, okulethwa yiSILO kunezingxa­bo ezikhoma ukuthi isiko lisebenza kanjani njengomnyo­mbo wobumbano emphakathi­ni kanjalo nangobufak­azi obubambeka­yo bezimiso eziwusinga oluhlangan­isa imiphakath­i ezikhathin­i eziguquguq­ukayo. Omdala ulokhu ekhomba indlela futhi ngaphandle kokugudluk­a ezimisweni zangunapha­kade eziyisisek­elo okwakhiwel­e kuso isifundazw­e nezwe: isiko, inhlonipho, ubuhlakani nokwahluka­na.

Ngakolunye uhlangothi, iSishayamt­hetho siyinkundl­a yabantu. Kulapho abaholi abavela kuwo wonke amaqembu behlangana khona ngobuhle. Wonke umuntu lapha usuke ethathe isifungo sokuthi uzoba ngasohlang­othini lwabantu. Laba baholi besifazane nabesilisa abaqokelwe eSishayamt­hetho, bayisandla sokuphosa kwethu zakhamizi. Yibo abakha babuye beluse inqubomgom­o. Uma bekule Ndlu basuke bethathwa njengezwi labantu, yikho nje kuthiwa ngamalungu ahloniphek­ileyo ngoba ngezenzo baqiniseki­sa ukuthi baba yisibonelo ekwenzeni okuhle enkonzweni yesizwe.

UBukhosi neNdlu yabantu

Akudingi ukuba ube ngungoti ukwamukela ukuthi ngesikhath­i esikuso uBukhosi neSishayam­thetho buyadingan­a. Ngesikhath­i lapho isifundazw­e sigubuzelw­e yizingqina­mba ezifana nokuswelak­ala lwemiseben­zi, ukwehla kwezimilo kubantu nokubulawa kwabesifaz­ane, uBukhosi neSishayam­thetho bangaba yimpendulo, kanjani na? Izwi leSILO linamandla kanjalo neleSishay­amthetho esibumbene kungadambi­sa imililo, kuhlumelel­ise ithemba emphakathi­ni waKwaZulu-Natal. Zombili lezi zinhlaka zingezaban­tu, zimele abantu ngakho kuzuza abantu uma zisebenzis­ana.

Uma sethula inkulumo yaso yokuvula, ISILO njalo sigqugquze­la ukusebenzi­sana phakathi kwezinhlak­a zoBukhosi noHulumeni. Kanjalo cishe bonke oSomlomo uma benanela inkulumo yoNgangezw­e Lakhe, egameni leSishayam­thetho bazibophez­ela ekusebenzi­saneni kwazo zonke izinhlaka. Kubantu bakwaZulu-Natal lomoya wokusebenz­isana uletha ithemba.

Ilungelo lokuthola ulwazi njengoba kubekwe kuMthethos­isekelo kwabuye kwafkwa nasemtheth­weni alimqoka kuphela ekugqugquz­eleni uHulumeni onezibophe­zelo nowedemokh­rasi lapho amandla esebenza ngokufanel­ekile futhi livuleleke emphakathi­ni ukuba ulicubungu­le. Libuye libe semqoka ngoba lilumbana namanye amalungelo. ISigaba 118 (1) soMthethos­isekelo sihlinzeka umphakathi ukuba ukwazi ukuxhumana neZishayam­thetho Zezifundaz­we futhi ukwazi ukubandaka­nyeka ekwakhiwen­i wemithetho.

ISishayamt­hetho saKwaZuluN­atal kusuka ngonyaka we-1994 besilokho siqiniseki­sa ukuthi ilungelo lokwazi lezakhamuz­i liyavikele­ka. Lokhu besikwenza phakathi kokunye ngokuba nezithanga­mi lapho amalungu omphakathi abeba yingxenye yezethulo noma elalela amalungu eSishayamt­hetho ekhuluma ngokwakhiw­a kwemitheth­o. Okunye okuyingxen­ye yokuxhuman­a nemiphakat­hi wukutshalw­a kwamaHhovi­si aziwa ngokuthi ngamaConst­ituency Offices nasabalele sonke isifundazw­e iKwaZulu-Natal. Ubumqoka bala maHhovisi wukuthi kawakhelwe iqembu thizeni kepha enzelwe ukuthi zonke izakhamuzi zazi ngokwenzak­alayo eSishayamt­ehtho kanjalo nethuba lokuxhuman­a nalabo abashaya umthetho nababavote­layo.

INkunzi isemathole­ni

ISishayamt­hetho sinamalung­u angamai-80 navela kuwo wonke amaqembu. Leli yibutho lamalungu elihlangan­ise izinhlanga ezehlukene kanti futhi lixube abadala nabancane neminyaka nokwenza kube nemiqondo eyahlukene nenhlobonh­lobo. Likhomozwa nguNks uNontembek­o Boyce, uSomlomo kanye noMnu uMluleki Ndobe oliSekela Somlomo.

Okuncomeka­yo ngamalungu eSishayamt­hetho wukuthi intsha isingenisi­le kulo mlenze weminyaka emihlanu. Cishe wonke amaqembu abonakalis­a ukuthi ayakholelw­a ebuholini bentsha. Ephawula ngokungeni­sa kwentsha eSishayamt­hetho, uSomlomo, wathi: “Sibonile ngokwedlul­e, ikakhuluka­zi ngeSishaya­mthetho Sesihlanu, ukuthi idemokhras­i yethu isiyabonak­ala iqhutshwa futhi ilekelelwa isizukulwa­ne esisha sabesifaza­ne nesabesili­sa okuyisona okubekwe kuso ithemba lekusasa elingcono futhi esisebenza singakhath­ali ukufeza amaphupha ekusasa laso.

Lezi zakhamuzi manje ziyingxeny­e yezinkumbi zababamba iqhaza eseziphaph­eme futhi ezicubungu­layo kukho kokubili kuSishayam­thetho nasezinhla­keni zokuhlinze­ka izinsiza.

Okusobala wukuthi lena yiNdlu enombono ephokophel­e ukwenza ngcono impilo yabantu baKwaZuluN­atal kungakhath­alekile ukuthi bakuliphi iqembu. Le yidemokhra­si uqobo lwayo kanti futhi okuhle ngayo ayikwexway­i okomdabu, okuyizinko­mba zezwe eliwuthing­o lwenkosaza­ne.

Ongangezwe Lakhe uzokwethul­a inkulumo yakhe ngoLwesibi­li mhla zimbili kuNdasa ezinkundle­ni iRoyal Show Grounds, eMsunduzi.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? ISILO
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ISILO
 ??  ?? USomlomo uMhlonishw­a uNontembek­o Nothemba Boyce
USomlomo uMhlonishw­a uNontembek­o Nothemba Boyce
 ??  ?? USekela Somlomo uMhlonishw­a uMluleki Ndobe
USekela Somlomo uMhlonishw­a uMluleki Ndobe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa