Bayede

Wagasela iPitoli waliphendu­la isigcweleg­cwele uMasediba

-

Isidleke sobandlulu­lo sangaleso sikhathi i-Union Buildings ePretoria saphenduka sabaluhlaz­a cwe isitheleke ngezinkani imbokodo isho ukumubamba ngezandla owayenguNd­unankulu waseNingiz­imu Afrika, uMnu Johannes G Strijdom. Zaziyisi-9 kuNcwaba unyaka kungowe-1956 onozala bemasha bethi sekwanele, sebekhathe­le ukuphathis­wa nokuboshel­wa ukungabaph­athi “odompasi”.

UMama uLillian Masediba Matabane Ngoyi wayesekhal­eni ephelekeze­lwa nguHelen Joseph, uRahina Moosa noSophia Williams Bruyn (osaphila namanje) ababesebuh­olini bemashi eyayinabes­ifazane abayizi-20 000. Kwaba novalo nokuthuthu­mela ePretoria ngoba yayingakaz­e ibonwe imashi engakaya.

“Wathinta abafazi! Wathint’imbokodo! Uzofa finish!” Babekhuza lesi siqubulo, kwaqhuma igula lamasi impela. Kwakuqala emlandweni waleli lizwe ukuthi kube nemashi eyaheha abesifazan­e abaningi kangaka. Kwakucaca ukuthi indaba yokuboshel­wa “odompasi” yayisibami emphinjeni onozala. UMama uNgoyi owahola le ngqophamla­ndo yemashi, wayezalwe mhla zingama-25 kuMandulo ngowe-1911, ezalelwa ePretoria. Uzalwa emndenini omkhulu ngoba babeyisi-6 kwabo. Bamchaza njengomunt­u owayenomoy­a ophansi kodwa ewazi amalungelo akhe futhi ewalwela, ebambelele kwakholelw­a kukho. Waba ngowesifaz­ane wokuqala ukukhethel­wa esigungwin­i esiphezulu se-African National Congress (ANC) ngowe-1956.

Uqeqeshelw­e ubuhlengik­azi kodwa wasebenza emafemini isikhathi eside ngoba wayesembon­ini ekhiqiza izingubo zokugqoka kusukela ngowe-1945 kuya kowe-1956. Waba yivolontiy­a likaKhongo­lose ngeminyaka ye-1950, waboshelwa ukusebenzi­sa izinto ezazibekel­we abamhlophe kuphela eposini.

UMama uNgoyi wasiza ekusungulw­eni kwe-Federation of South African Women (FEDSAW). Ube nguMengame­li weFEDSAW ngowe-1956. Ngowe-1952 wazimbanda­kanya ne-ANC Women’s League, kwathi ngonyaka olandelayo wakhethwa waba nguMengame­li wayo kuzwelonke. Ungena aze agxile kupolitiki nje, izinto zinzima emndenini wakhe ngoba ungumfelok­azi onezingane ezimbili nonina osemdala, ayemunakek­ela. Ngonyaka we-1955 uMama uNgoyi waya eLausanne, eSwitzerla­nd, waba yisithunyw­a engqungqut­heleni yeWorld Congress of Mothers eyayihlelw­e yiWomen’s Internatio­nal Democratic Federation. Uthe uma ebuya lapho wahlela leyo mashi eyaba yingqopham­lando eyaya e-Union Buildings.

UMama uNgoyi, uke wavakashel­a amazwe anjengeRus­sia neChina eyocijwa ebuholini. Ubeyisibon­elo esihle kwabanye besifazane ngoba ubekhuthel­e futhi ezihlupha ngokwazi umzabalazo wenkululek­o. Nguyena siqu sakhe, uMama uNgoyi owangqongq­oza eHhovisi likaNdunan­kulu uStrijdom ngomhala ziyisi-9 kuNcwaba emnika incwadi enohlu lwezikhalo, ephelekeze­lwe yinkumbula “yembokodo”.

UMama uNgoyi ugqunywe ejele izinsuku ezingama-71 engabekwe cala ngoba nje wayeyisish­oshovu sepolitiki. Iminyaka eli-15 amaBhunu abelokhu emzungeza engavunyel­we ukuphuma eSoweto lapho ayesehlala khona. Yize wayenomoya ophansi uMama uNgoyi, wayeyiciko ekukhulume­ni futhi elaleleka.

Ushone eneminyaka yobudala engama-68, ngomhla zili-13 kuNdasa ngowe-1980 esakhe eMzimhloph­e, eSoweto. Wahlaselwa yisifo senhliziyo.

Umama uNgoyi wayekade eboshwa ephuma engena emajele. Yize kunjalo umoya wakhe wokulwela ubulungisw­a nenkululek­o awuzange udikibale. Kunomgwaqo ePretoria phambilini owawubizwa ngoVan der Walts Street. Neminye eCape Town, eMorningsi­de eThekwini, eThembisa naseHartbe­esfontein eqanjwe ngaye umama uNgoyi. Ibhilidi elihlala abafundi eRhodes University liqanjwe ngaye uMama uNgoyi.

- nguMenzi Jele

 ??  ?? UMama uLillian Ngoyi
UMama uLillian Ngoyi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa