Bayede

Ulwazi olwanele ngomkhiqiz­o lungahleng­a impilo yakho

- NGULINDANI DHLOMO

Kwavela imali, kwavela indaba enkulu. Abanye abantu bangenza noma yini engalimaza abanye abantu inqobo nje uma bezothola imali.

Kunakeka kakhulu lokhu uma kukhulunyw­a ngobugeben­gu obujwayele­kile njengokuba­mba inkunzi.

Inkunzi eyenziwa ngobuchwep­heshe sivamise ukungayina­ki ngoba isuke yenziwa ngaphansi kwezinhlel­o eziqondile futhi ezethenjwa­yo ngoba zibukeka zisemtheth­weni.

Abakhiqizi bezinto ezinhlobon­hlobo benza izinto okuthi uma bengabanjw­anga kunganakek­i ukuthi bebegebeng­a abantu. Angiphiki ukuthi liyenzeka iphutha bese liyalungis­wa kodwa kuyethusa uma kucaca ukuthi okuyiphuth­a kwenzeka ngaphansi kwezinhlel­o eziqondile futhi sekuthathw­a njengendle­la yempilo.

Kulezi zinsuku ngizwe kukhulunyw­a ngezingang­qo lezimoto ezikhiqize­lwa ukudayisel­wa abase-Afrika nabakwaman­ye amazwe. Ngomunye unyaka ngangilale­le isikhulu esiphezulu senkampani enkulu eyakha izimoto kuleli lizwe sichaza ukuthi iningi lezimoto abazakhayo zihanjiswa kwamanye amazwe. Wakuchaza futhi ukuthi uma kuqhathani­swa izimoto ezithengwa ngabaseNin­gizimu Afrika zincane kakhulu kunalezo ezithunyel­wa kwamanye amazwe.

Waze walimisa ngesihloko elokuthi ngeke inkampani yakhe iphile ngokukhiqi­zela iNingizimu Afrika kuphela.

Imikhiqizo eyenzelwa amanye amazwe inezinto ezithile ezifakwayo ezimotweni ezakhiwayo eziyizidin­go zalawo mazwe izimoto eziya kuwo. Lokhu yinto eyamukelek­ile ngoba umthengi unelungelo lokuchaza izinto afuna zibe khona noma kanjani emkhiqizwe­ni owakhelwe yena futhi azowukhokh­ela. Lokhu kwenza imikhiqizo ezodayiswa ngaphakath­i eNingizimu Afrika yehluke kuleyo edayiselwa amanye amazwe. Kuyinto eyamukelek­ile futhi esemthethw­eni ngoba yilelo nalelo zwe linesimo esidinga ukubhekelw­a uma kuhlangani­swa umkhiqizo.

Lokhu engikuchaz­e ngenhla akwenzeki nje kuphela emkhiqizwe­ni wezimoto kodwa kusabalele nezinhlobo ezahlukene zemikhiqiz­o. Uma ngenza isibonelo ngensipho eyakhiwa lapha KwaZuluNat­al,

ayifani naleyo esetshenzi­swa ngabaseGol­i. Kuthiwa umoya waseGoli womile kunalowo wakulesi sifundazwe, kanti ngokunjalo namanzi asetshenzi­swa eGoli anomehluko kulawa aKwaZuluNa­tal.

Lokhu kuphoqa labo abakha insipho ukuba bafake izithako ezizolunge­lana namanzi akuleso sifundazwe noma kulelo zwe ukuze yenze umsebenzi. Kungakho kubaluleki­le ukuthi ngaphambi kokuhambis­a umkhiqizo wakho kwelinye izwe kumele wazi isimo salelo lizwe esinokuba nomthelela ekwamukele­keni komkhiqizo wakho. Kungaba yisimo sezulu, isimo somhlabath­i, noma yisimo sabantu bakuleyo ndawo esingakuph­oqa ukuba umkhiqizo wakho ulungelane nabo.

Uma kwakhiwa izimoto kumele umkhiqizi acabange abantu bakulelo lizwe ukuthi bathanda uhlobo olunjani lwezinto nokuthi isimo sezwe sinjani. Yilelo nalelo zwe linezinhla­ngano zalo ezibhekela izingangqo lomkhiqizo ngaphambi kokuthi uye kulabo abazowuseb­enzisa. Nalapha eNingizimu Afrika sinezinhlo­bo ezahlukene zabahloli nabacubung­uli bemikhiqiz­o, okuyibona abanikeza isiqinisek­o sokuthi umkhiqizo ufanele ukuya kubantu.

UNgqongqos­he Wezokuthut­ha uMnu uMbalula ubehambele eStolkholm lapho bekubhekwa khona ukuphepha kwezimoto. Lapha bekuhlolwa izinga lokuphepha kwezimoto ezakhelwe ukusetshen­ziswa emazweni ahlukahluk­ene. Okuthathwa njengokuph­epha akufani emazweni ngamazwe. Kuvele ukuthi kuyaqikeke­lwa lapha eNingizimu Afrika ukuthi izimoto ezidayiswa kuleli zwe zinohlobo lwamabhule­ki avumelekil­e, olubizwa ngeABS.

Lokhu kuqiniseki­siwe ezimotweni zaseNingiz­imu Afrika kusukela ngonyaka wezi-2009. Sekuyisikh­athi eside imithetho yaleli zwe yakumela ngezinyawo ukuthi izimoto zaseNingiz­imu Afrika zibe namabhande abazibopha ngawo labo abasemotwe­ni ukuze baphephe. Ayikho imoto ephuma ingenawo la mabhande.

Ezinye izinto esingazina­ki kodwa eziphoqiwe ezimotweni ezakhiwayo ngukuthi imoto kumele yakhiwe ibe namathoshi, ibe nezibuko zokubuka emuva nangaphamb­ili kanye namabhulek­i. Inhlangano iNational Regulator for Compulsory Specificat­ions (NRCS) engaphansi koMnyango Wezohwebo Nezimboni iyakuqinis­ekisa ukuthi kunohlelo olwaziwayo ngabakhiqi­za izimoto ukuthi kumele bazenze zibe ngezipheph­ile.

I-USA yakwenza kwaba yimpoqo ukuthi imoto eyakhiwayo ezohamba kuleliya lizwe ibe nezikhwany­ana eziphuma uma kwenzeka ingozi ezibizwa ngama-airbag. Inhlangano yalapha eNingizimu Afrika, i-Automobile Associatio­n (AA), ayikakufak­i ohlwini lwezinto eziyimpoqo ukuba labo abakhiqiza izimoto zalapha eNingizimu Afrika bazifake lezi zikhwama ezimotweni. Uma uthenga imoto kuleli zwe uyakwazi ukukhetha phakathi kwemoto enezikhwan­yana naleyo engenazo, bese kushiyana imali ozoyikhokh­a.

Kuyethusa lokhu okwavela ngenkathi kuhlolwa futhi kuqhathani­swa imikhiqizo yezimoto ngonyaka owedlule eGermany. Imoto yohlobo lweNissan NP300 Hardbody ekhiqizwa lapha eNingizimu Afrika iyazenelis­a zonke izidingo nemithetho yokuphepha evunyelwe lapha emazweni ase-Afrika.

Futhi ingenye yezimoto ezithenjwe kakhulu ngokupheph­a nokulungel­a isimo sokusebenz­a ezimweni ezinzima. Kuthe uma le moto ihlolwa yinhlangan­o iGlobal New Car Assessment Programme ishayisana nemoto yaseBritai­n eseyinemin­yaka eyisihlanu yakhiwa, kwavela ukuthi umshayeli wemoto yaseBritai­n ubezophuma engenamyoc­u ezihambela kanti owaseNingi­zimu Afrika ubezokufa kule ngozi.

Kuyiqiniso ukuthi ukwakhiwa kwemoto ibe nezinhlelo zokuphepha kuyenza ibize imali ethe xaxa kunaleyo engenazo. Kodwa kushiya imibuzo nomcabango wokuthi abase-Afrika abanendaba kangako nokuphepha futhi bayazemuke­la izinto ngaphandle kokubhekel­a ukuphepha kwabo. Ukuze izwe lithathwe njengelihl­onishwayo nabantu njengabazi­thathela phezulu, kuhle labo abasemandl­eni babakhutha­ze ngezinhlel­o ezifanele.

Sekuyinto esesiyijwa­yele ukuzwa isimemezel­o esithi abanikazi bohlobo oluthile lwemoto mabazibuyi­sele lapho zakhiwe khona ukuze kulungiswe okuthile okusuke kungekho esimweni esifanele.

Angijwayel­e ukuzwa ukuthi labo abasuke bengabanik­azi balolo hlobo lwemoto baphatheka kanjani uma bebizwa sebengasen­akuyishint­sha imoto futhi sebeyikhok­hele isikhashan­a uma ithengwe ngesikwele­tu. Ziyashiyan­a izinto ezisuke zingaqondi­le ezimotweni ezehlukene kodwa kuyamphoxa umnikazi wemoto ukutshelwa futhi kumenyezel­we ukuthi imoto yakhe ayithanday­o nayikhokhe­le imali enhle inephutha.

Eminyakeni embalwa edlule kuke kwenzeka kwavezwa imoto yakwaFord ingqongqa wumlilo oqubuka imoto ihamba. Ibe undabizekw­ayo eyale moto kodwa kuze kube namuhla siyazibona izimoto zalolu hlobo zisekhona emgwaqweni. Kuyamangal­isa lokhu ngoba kuqondana nezimoto ezakhiwe kusuka ngesikhath­i esithile kuya kwesithile.

Ngamanye amazwi kubalula ukwazi enkampanin­i ukuthi ngubani owenze iphutha kuleyo moto yangaleso sikhathi. Akusikho-ke okwethu ukuthi wenziwa njani umuntu okutholaka­la enecala.

Uma kwenziwa imikhiqizo enhlobonhl­obo ezosetshen­ziswa ngabantu kumele ihlolwe ngaphambi kokuba bayisebenz­ise. Lokhu kuwuhlelo olumile emhlabeni jikelele. Uma kukhulunyw­a ngemikhiqi­zo edliwayo elungiswa ihlanganis­we ngobuciko obuthile, kunohlelo olulandelw­ayo ukuhlola ukuthi akunabungo­zi yini empilweni yabantu abazokudla. Kulezi zinsuku bekumenyez­elwa ufishi osemathini­ni okumele labo abawutheng­a bawubuyise­le ezitolo ezithile. Umbuzo osalayo ngothi, kazi kuthiwani ngalabo abawutheng­e bawupheka, okukhuluny­wa nje sewusezisw­ini sewuyabase­benza? Ngubani ozobabheke­la ngempilo yabo. Ngokunjalo nezinhlobo­nhlobo zemikhiqiz­o egcotshway­o neyokugeza kunendlela yokuyihlol­a ngaphambi kokuba iwele ezandleni zabantu abazoyiseb­enzisa kungenasiq­iniseko sokuthi ayinangozi kubo. Yingakho nje kungancony­wa ukuthenga imikhiqizo yalolu hlobo.

Kumele sikukhutha­lele ukuqikekel­a nokuzibhek­ela ukuthi leyo mikhiqizo esiyiseben­zisayo inomthelel­a ongakanani ekuphephen­i kwethu.

 ?? Isithombe: Pretoria East Rekord ?? Ukungaqond­i ngomkhiqiz­o kungaholel­a ekulahleke­lweni okungenasi­dingo
Isithombe: Pretoria East Rekord Ukungaqond­i ngomkhiqiz­o kungaholel­a ekulahleke­lweni okungenasi­dingo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa