Ngesethu isikhathi thina siyokhomba ziphi izibazi
Osekwenzeka ezweni sakhile kuphoqa ukuthi sizibuze ukuthi sizalwa ngobani nokuthi siyovuma yini ukuba life ngathi
Kuleso naleso sizwe noma isizukulwane siyafika isikhathi sokuthatha isinqumo. Kulabo abafikelwa yileso sikhathi kusuke kulindeleke isinqumo esingujuqu. Kukhona okujulile ngaleso sinqumo ngoba kusuke (empeleni) kungesona esaleso sizukulwane esithatha isinqumo kepha kusuke kungesizosho lukhulu kwabezayo. Njalo uma ngikhuluma ngalokhu ngike ngenze isibonelo ngezigameko ezithile nengithi zaba wumnikelo wesizukulwane noma umuntu wangaleso sizukulwane.
Ngonyaka we-1879 uZulu ngesikhathi seNgonyama uCetshwayo wenza umnikelo ongelinganiswe eSandlwana. Kuyishwa ukuthi abanye lo mnikelo bawehlisela ekutheni kwabe kubangwa nje ukungaboni ngaso linye phakathi kwabahlaseli okungamaNgisi kanye nabanikazi benhlabathi okwabe kunguZulu. Ukucwaninga kwami impi yaseSandlwana, kusuka ezizathwini zayo, kumalungiselelelo ayo, ukuxoxwa kwempi nangamhla idlana, kwacima ilanga, lapho eyoMnyama yadla abafo kungenza ngifike esiphethweni sokuthi leziya zinsizwa nemindeni yazo, basabela obizweni olujulile.
Ngiyababona ngamehlo engqondo abakwethu lapho kufika igama lokuthi okaNdaba uthi abafo sebeqe imingcele ngakho akuvikelwe izwe. Ngiyazibona izinsizwa ziqonda ezibayeni zawoyise ziyobika ukuthi seziyaphuma ziyovikela lokho ezakuficayo, ingubo kaZulu, umhlaba. Sengathi sengiyabona abafazi, nezintombi bekhulula abathandiweyo ukuba bayolwela lokho okumqoka kunakho konke, ubuzwe nobubona. Ngoba yize osomlando bengakucwaningi lokhu iqiniso lithi njengoba zalala nje izinsizwa abafazi baswela amadoda, izintombi zaswela amasoka. Engizama ukukuveza lapha wukuthi ukuze sihlonishwe siphakame njengabeNguni nama-Afrika kwafuneka abathile baguqe, yebo zaguqa izinsizwa eSandlwana. Zaguqa Ondini zaguqa kuwo wonke amaqele ukuze thina sibe yisizukulwane esincela umnikelo wazo.
Esinye isigameko senzeka eminyakeni engama-50 eyedlule bekukhunjulwa isibazi esaba yinkamba beyibuza kwaboHlanga e-United States of America ngesikhathi inhlamvu ithatha impilo kaMalcom X. Ukuwa kwakhe kwaba ngumnikelo kubo bonke aboHlanga kuleliya lizwe ababesemzabalazweni wokuzikhulula ngokwemiqondo ezweni nasemhlabeni owabe uthi abayilutho futhi ngeke babe wutho. Akuyena yedwa njengoba baba khona noMfundisi uMartin Lurther King okwathi ngokuguqa kwabo wavuka u-Obama nowaba nguMengameli wokuqala waboHlanga nokwaqeda imfumdiso yokuthi singebe yilutho.
Omunye umholi owaguqa nokhunjulwayo kuleli sonto nguSolwazi uMangaliso Sobukwe owaguqa ngomhla zingama-27 kuNhlolanja ngowe-1978, wadlula emhlabeni eneminyaka engama-53. Ngokuwa kukaSobukwe nabanye abaningi saphakama thina nakhu namuhla sesingabaholi emikhakheni eyahlukene.
Kepha nakhu lapho ngikhona namuhla. Yebo laba abangenhla nabanye abaningi baguqela thina, umbuzo omqoka ngesethu isikhathi wukuthi ngabe thina sizimisele yini ukudela okuthile ukuze abezayo babhale ngathi njengoba senza kulaba abangenhla. Bangaki kothisha, abameli, osopolitiki, odokotela, osomatekisi nakweminye imikhakha abangaphakamisa isandla uma izwe libadinga, uma isizukulwane esizayo sibadinga ukuba benze umnikelo.
Lapha eMakhosini ahleli ezihlalweni zala madoda aseSandlwana bangaki kuwo namuhla angama avikele inhlabathi namasiko? Mingaki imindeni engathi yebo kulungile indodana yethu noma indodakazi yethu kayibe ngumhlatshelo ukuze izwe nesizwe kuye phambili? Lo mbuzo ungabukeka ulula kepha impendulo yawo ingasho lukhulu ngathi ngoba ingasho ukuthi singamavaka ande nje ngomlomo noma singabaqokelwe ukwenza umnikelo ojulileyo.
Akudingi ukuthi uze ube ngungoti ukuzwa ukuthi enkulumeni yakhe uMengameli ayeyibhekise esizweni kanjalo naleyo kaNgqongqoshe wezezimali, bathi sisezikhathini ezinzima ngakho izwe liyasidinga. Alisidingi njengamaqembu ethu ahlukene kepha lisindinga njengesizwe. Kungalezi zikhathi ezinjena lapho amadodana nabafazi balelo lizwe besukuma bame mpo besho khona ukuthi izwe lingefe ngabo. Pho thina siyokhomba ziphi izibazi?