Umlando waseMakhabeleni nenqaba yawo yokucasha
Dlomo! Makhaye! Mkhulu! Khopho! Fabase!
Izizwe saseMakhabeleni, kwaGwala, kwaDlamini, kwaZondi nesakwaNgcolosi zixhumene ngokuthi zonke zafikela eHlathini likaDlamini zivela enyakatho lapho onke amaZulu aqhamuka khona edlula lapho sekuthiwa kuseSwazini.
Leyo into yamuva kakhulu. Ngemuva kokuhlala ndawonye isikhathi eside eHlathini likaDlamini eduze kwaseGreytown kwabelwana izindawo zokwakha abaseMakhabeleni banikezwa indawo abakhe kuyo njengamanje. Isizwe saseMakhabeleni simbandakanya izibongo zoDlomo, Makhaye nezinye asisikhulu. Sanikezwa indawo eduze kwabakwaNgcolosi, abakwaBhengu.
Leyo ndawo eyagcina iyisizwe saseMakhabeleni inamahlathi amaningi aminyene kakhulu kuze kube namuhla. Kungenxa yalawo mahlathi lesi sizwe saseMakhabeleni kwakungelula ukusinqoba ngenkathi iNgonyama uShaka, ihlanganisa izizwe zakwaZulu ukuba zibe yimbumba. Kwakuthi lapho bebona impi izobahlasela babaleke bayongena ehlathini okwagcina lifaniswe nenqaba yesizwe sabo.
Kwakuthi uma sebengene lapho bangahlali ngokuqoqana kodwa basakazeke nalo lonke kube sengathi bayazihambela nje. Impi eyayicabanga ukuthi izohlangana namabutho ahlomile iwahlasele, yayizihlanganela nomuntu ezihambela ngayedwana noma bebabili bengahlomile kanti lokhu kwakuyisu labaseMakhabeleni lokuziphephisa ekuhlaselweni.
KwaZulu impi yayingahlaseli muntu ezihambela ngayedwana noma bezihambela ngababili. Ngakho-ke isenzo sokwehluleka ukuhlasela abaseMakhabeleni ngenxa yobuhlakani babo sagcina kuqanjwe ngaso isaga esithi: “Kanti ngumuntu munye yini njengakwaFabase (iNkosi yaseMakhabeleni)” INkosi uFabase yayilibambabukhosi ngenkathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe zamaZulu kodwa kungatholakali mabutho alwayo eMakhabeleni.
Ingxenye yaseMadekeni
Isizwe saseMakhabeleni sasiyingxenye yaseMadekeni. Inkosi yaseMadekeni kwakunguMnikathi. Babengongoti ekutshaleni ummbila. Lolo lwazi lwabo lokutshala ummbila lwagcina lwedluliselwe ezizweni eziningi ezazingenalo njengabakwaNxamalala, kwaZuma ababeyingxenye yabakwaZondi. Kungenxa yalolo lwazi lokutshala ummbila indawo yabaseMadekeni enkulu yagcina idliwe ngabakwaNxamalala.
Inkosi enkulu yaseMakhabeleni nguMhulu owazala uKhopho. Indlalifa kaKhopho kwakunguMakhedama kungeyena uMakhedama waseLangeni kwaMhlongo.
UKhopho wedlula emhlabeni uMakhedama esemncane kakhulu. Isizwe saseMakhabeleni sanquma ukuthi uFabase abambele uMakhedama isikhundla sakhe soBukhosi.
UFabase wayengumfowabo kaKhopho omdala, enguyisemkhulu kaMakedama. Kuthe sekufike isikhathi sokuthi uFabase anikeze uMakhedama isikhundla sakhe soBukhosi wenqaba ukwenza lokho.
UFabase kaMkhulu kaJongo
uSongengele! uMkhont’ obal’ amazwane. uMthandi wegodla, engenagodla. uValelisa ngomkhonto kaZulu, Nzimpohlweni
Insingiz’ edond’ ukusuka nangomoya.
Ukwehlukana phakathi kwesizwe saseMakhabeleni
Ngenxa yokunqwaha kukaFabase nesikhundla soBukhosi, uMakhedama wabutha sonke isizwe saseMakhabeleni ngenhloso yokuxazulula ungqingetshe mayelana nesikhundla sakhe soBukhosi.
Isizwe saseMakhabeleni sabuthana ngobuningi baso uFabase waphoqwa ukuba aqembuke nengxenyana yabalandeli ayokwakha ngasemfudlaneni uHlimbithwa obonakala kalula uma umuntu ehamba ngemoto eya noma esuka eGreytown. Ubukhosi baseMakhabeleni ayebushiyelwe nguyise uKhopho babuyela kanjalo kuMakhedama.
Ngasemfudlaneni iHlimbithwa uFabase wazala indlalifa yakhe uMngcangca, uMngcangca wazala uKutula. EBukhosini baseMakhabeleni uMakhedama wazala indlalifa yakhe uGayede yena owazala uMkhuzangwe.
Isizwe saseMakhabeleni neMpi yamaBhunu namaNgisi (1899-1902)
Ngenkathi kubheduka iMpi yamaBhunu namaNgisi ngowe-1899 kuya kowe1902, isizwe saseMakhabeleni sasiholwa yiNkosi uGayede. Ngenxa yokuthi amaBhunu ayesehlasele eDundee kusukela ngowe-1899 ehla njalo aze ahlasela anqoba inkantolo yaseNquthu ngoMasingana 1900, amasotsha amaNgisi ankanisa ngaseNkandla ezama ukuthi leyo ndawo ingaweli ezandleni zamaBhunu. Ngenxa yokuthi iNkandla iseduze kwaseMakhabeleni, uGayede waqashwa ngeso lokhozi yizinhlangothi zombili ezazibanmbene ngezihluthu. Namanye amakhosi nawo ayeqashiwe ukuthi angachemi ikakhulukazi namaBhunu kwazise izimantshi ezazisezifuindeni zamakhosi kwakungezamaNgisi kaHulumeni waseNatali.
INkosi uGayede yona ayizange izwelane namaNgisi ngenxa yezizathu eziningi ezifanana nezintela zezindlu, nezezinja amaZulu ayephoqwa ukuthi azithelele uhulumeni weKoloni yamaNgisi aseNatali.
AbaseMakhabeleni babephambene futhi nohlelo lwesibalo olwaluphoqa amakhosi ezizwe ukuthi akhiphe izinsizwa namadoda ayokhanda imigwaqo nojantshi bezitimela acekele phansi nezihlahla lapho okwakuzokwakhiwa khona amadolobha. Ngakho-ke uGayede washendeza namaBhunu kunokwelekelela masotsha amaNgisi.
Izinhloli zamaNgisi zashesha ukuzwa ngezinhloso zikaGayede nesizwe sakhe. Uhulumeni weKoloni yamaNgisi aseNatali awuzange uchithe sikhathi wakhipha amaphoyisa ukuyobopha inkosi uGayede. Yagqunywa ejele yaze yakhululwa ekupheleni kwempi yamaBhunu namaNgisi ngoNhlaba 1902.
Ngakho-ke laba bantu baseMakhabeleni babephambene nengcindezelo kodwa benezinye iziphiwo njengasekucupheni izilwanyana zasendle izikhumba zazo okwakuhlotshwa ngazo kwenziwe imvunulo kanye nemigobo yamahawu.
Lezi zilwanyana zasendle kwakuyizinsimango, obhibhi, izinkawu, amaqaqa, izinsimba kanye nezinye. Zazidingwa kakhulu yiNdlunkulu kusukela ekubuseni kwazo zonke izingonyama zakwaZulu.
UManjanja kaNhlambela kaZwana Ntombela uba yiso leSilo uDingane eMakhabeleni
Kwedlula isikhathi eside iNkosi uZihlandlo kaGewabe Mkize owayezinze eMacala intaba eyengamele uThukela eduze kwaseNkandla ezama ukuhlanganisa zonke izizwe eduze kwasoThukela kwazise wase esinqobile esakwaGwala eMaphephetheni nesakwaNgcolosi esazinikela ngaphandle kokulwa.
Isizwe saseMakhabeleni samehlula uZihlandlo kwaze kwafika isikhathi sokugetshengwa nokubulawa kweNgonyamma uShaka ngoMhlangana, Mbopha noDingane kwaDukuza. Ngakho-ke kusukela ngonyaka we-1832 iNgonyama uDingane yabeka induna yayo uManianja kaNhlambela Ntombela ukuthi ibe yiso layo esizweni saseMakhabeleni.
Yilokho okwenza ukuthi uManjanja kaNhlambela abe yinkosi enkulu yakwaNtombela kuleyo ndawo abaseMakhabeleni bagcina bewumxhantela wakhe.
Isizwe saseMakhabeleni senqaba ukwemukela uManjanja Ntombela kwaze kwafika impi yaseMaqonqo ngoMasingana 1840 eyaholela ekunqotshweni nasekubulaweni kweSilo uDingane kwaNyawo. Naye uManjanja wasala empini yaseNcome mhlazi-16 Zibandlela 1838.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.