INdlovukazi uNozidiya neqhaza layo eMbusweni kaZulu
ISilo uZulu II sizalwa yiNgonyama uNtombela esigodlweni sakwaNobamba. ISilo uZulu kaNtombela saganwa yiNdlovukazi uNozidiya intombi yakoManzini. Kwakuthi uma abadala bekhuluma ngayo, kepha kungezwakali beyibiza ngesibongo sayo. Okwakwenzeka ngezikhathi zakudala kwakuthi uma umakoti ezogana lapha ekhaya abakubo bafike bamethule kwabasemzini wakhe ngokuthi ngukaSibanibani.
Ukukhanyisa kahle lokhu ngingafanisa ngeNdlovukazi uMthaniya. INdlovukazi uMthaniya izalwa ngumnumzana ogama lakhe kwakunguManyelela, indodana kaNdaba wakwaSibiya.
Ngakho-ke, kwathi ekugcagceni kwakhe eNdlunkulu, abakubo kwaSibiya bamethula esigcawini sakhe neNgonyama uJama ngokuthi ngokaNdaba, okungukuthi noma ezalwa bamethula nguManyelela, kepha yena ungokamkhulu wakhe. Yiyona indlela lena okwakuhlonishwa ngayo uma kubizwa umtanomuntu ongumalokazana lapha ekhaya, hhayi ukumbiza ngegama lakhe lokuzalwa.
Umlando wale ndlu yoMntwana uZulu I kaMalandela wawungenakho ukubaluleka okungako ngoba yayikhona inkosana yeSilo uMntwana uQwabe. Yingakho umlando wakhe kuthi uma uwuthungatha uhlehla nawo usuka eNgonyameni uMalandela, ulandeleke kaluvindi. Lokhu kucaca kangcono uma umuntu esekubuka esihlahleni somndeni weSilo uMalandela. Kuhle kesibuke ukuzalana kwamakhosi endlu yeNkosi uQwabe kanye neSilo uZulu I kusukela kuyvise wabo iSilo uMalandela. INkosi uPhakathwayo yesizwe sakwaQwabe ingeyesizukulwane sesikhombisa ukudabuka emlibeni weSilo uMalandela.
Kanjalo iSilo uJama singesesizukulwane sesikhombisa naso ukudabuka emlibeni weNgonyama uMalandela. Kuzokhumbuleka ukuthi amandla obukhosi besizwe sakwaQwabe akhinyabezwa ukungotshwa kweNkosi uPhakathwayo, yiNgonyama uShaka.
INgonyama uPhunga kanye neSilo uMageba lamakhosi oHlanga athathwa njengomuntu ovedwa ngomlando wokuzalwa kwawo. Isihlahla somndeni weNgonyama uMalandela sikubeka kucace okwakushiwo ngabadala ukuthi kuneSilo uZulu kaMalandela ozalwa esigodlweni sakwaNkomonye kanye neSilo uZulu kaNtombela ozalwa esigodlweni sakwaNobamba. Lesi sihlahla seNgonyama uMalandela senza ukuba umuntu akukholwe ukuthi iNgonyama uShaka yayilwa nomkhulu wayo iNkosi uPhakathwayo owabe engumfowabo weSilo uJama ngokuzalana ngokwezindlu zabo.
Ukudlondlobala kwale Ndlu yeNgonyama uZulu kaMalandela kwagqama ngesikhathi iSilo uShaka kaSenzangakhona sesakha umbusokazi omkhulu esawubiza ngokuthi ngoweNgonyama uZulu. Kwathi ukugana kweNdlovukazi uNozidiya kwaNobamba, yabusiswa ngamakhosi abantwana.
INgonyama uZulu kaNtombela yawaqamba amagama yathi iwele lokuqala nguPhunga, kwathi elesibili kwaba nguMageba. Lawa maWundlu eNdlovukazi uNozidiya azalwa ngesikhathi esibi lapho abantu babesenenkolelo yokuthi akufanele aphile omabili, kuhle elinye ligodukiswe.
Babethi ukuphila kwawo omabili kuletha umkhokha ekhaya. Kwakuyaye kuthi lelo elibonakala lintekenteke, bese beligingisa igabade. Kwathi lapho bethi iNgonyama uZulu kaNtombela kayilibulale elinye iwele, ukuhlonipha isikomkhuba laleso sikhathi, iNdlovukazi uNozidiya yashaya phansi ngonyawo, yathi kugcono balibulele isifile yona, hhayi iphila. Kuthiwa amaWundlu lawa eSilo uZulu kaNtombela ayemahle esabeka, kuyizigemfunga zezinsizwa ezazibonakala zinempilo enhle.
INgonyama uZulu kaNtombela nayo yesekela okwakushiwo ngumkayo iNdlovukazi uNozidiya. Yagcina iwutshela umndeni wayo ukuthi kayisiboni isidingo sokuba igodukise elinye lamawele ayo. Yathi uma kuthiwa kuzogoduka omunye wabo, kuhle kube ngumlando ozilawulayo ngaleli Sikomkhuba. Lawa maWundlu oHlanga kwaba yiwona okwephulwa ngawo umkhuba wokuginqisa igabade eNdlunkulu.
Amawele aziwa njengezilwane ezitetemayo okuthi uma kuke kwahlabeka esinye ekuseni ngumkhuhlane, liyoshona ilanga esegula omabili. INdlovukazi uNozidiya yawakhulisa amakhosi ayo ngokukhulu ukuwanakelela.
INdlovukazi uNozidiya nayo yaziswa ngokuthi yayisebenza kakhulu inhlabathi. AmaWundlu lawa obukhosi azalelwa kuleyo mfundiso. Abheka lapha esigodlweni kunomnotho wemfuyo eyayakhiwe ngokudla okwakutholakale enhlabathini. Usizi lwendlala ayengalwazi neze.
Ukuhweba lokhu osekwaziswa kakhulu namuhla, akuyona into yanamuhla. Kwakuyaye kuthi uma isizwe esithile sihlaselwe yindlala, siphume uphumo, sihamba sithungatha ukuthi konje ukudla singakuthola ngaphi. Kuthi uma bekuthola bakukhokhele ngemfuyo abanayo, kungaba zinkomo noma izimbuzi.
Ukusebenza umhlabathi kanye nemfuyo yikhona okwabe kungumgogodla wempilo yabantu abamnyama. Impilo yabo yayingethembele komunye umuntu. Babengakabibikho abamhlophe okunamuhla abantu bakithi esebethembele kubo ngokubakhela izimboni, nokubalethela imisebenzi.
INdlovukazi uNozidiya yaba nesandla esikhulu ekukhuliseni umbuso womyeni wayo 1Sil0 uZulu kaNtombela. Yakha ubudlelwano obukhulu nesizwe sakwaZungu lapho yayizalwa khona. Yahlela ukuthi uma iSilo uZulu kaNtombela sigubha umikhosi eNdlunkulu kazu kumenywe isizwe sakwaZungu siphelele emkhosini. Kwakunomkhosi omkhulu ngonya wokuyokhuleka kwiMzimu iziNyanya amaThongo oBukhosi besizwe sikaZulu. INdlunkulu iyona eyayisho ukuthi kuzoyiwa edlinzeni layiphi iNkosi yoHlanga.