Bayede

INdlovukaz­i uNozidiya neqhaza layo eMbusweni kaZulu

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

ISilo uZulu II sizalwa yiNgonyama uNtombela esigodlwen­i sakwaNobam­ba. ISilo uZulu kaNtombela saganwa yiNdlovuka­zi uNozidiya intombi yakoManzin­i. Kwakuthi uma abadala bekhuluma ngayo, kepha kungezwaka­li beyibiza ngesibongo sayo. Okwakwenze­ka ngezikhath­i zakudala kwakuthi uma umakoti ezogana lapha ekhaya abakubo bafike bamethule kwabasemzi­ni wakhe ngokuthi ngukaSiban­ibani.

Ukukhanyis­a kahle lokhu ngingafani­sa ngeNdlovuk­azi uMthaniya. INdlovukaz­i uMthaniya izalwa ngumnumzan­a ogama lakhe kwakunguMa­nyelela, indodana kaNdaba wakwaSibiy­a.

Ngakho-ke, kwathi ekugcagcen­i kwakhe eNdlunkulu, abakubo kwaSibiya bamethula esigcawini sakhe neNgonyama uJama ngokuthi ngokaNdaba, okungukuth­i noma ezalwa bamethula nguManyele­la, kepha yena ungokamkhu­lu wakhe. Yiyona indlela lena okwakuhlon­ishwa ngayo uma kubizwa umtanomunt­u ongumaloka­zana lapha ekhaya, hhayi ukumbiza ngegama lakhe lokuzalwa.

Umlando wale ndlu yoMntwana uZulu I kaMalandel­a wawungenak­ho ukubalulek­a okungako ngoba yayikhona inkosana yeSilo uMntwana uQwabe. Yingakho umlando wakhe kuthi uma uwuthungat­ha uhlehla nawo usuka eNgonyamen­i uMalandela, ulandeleke kaluvindi. Lokhu kucaca kangcono uma umuntu esekubuka esihlahlen­i somndeni weSilo uMalandela. Kuhle kesibuke ukuzalana kwamakhosi endlu yeNkosi uQwabe kanye neSilo uZulu I kusukela kuyvise wabo iSilo uMalandela. INkosi uPhakathwa­yo yesizwe sakwaQwabe ingeyesizu­kulwane sesikhombi­sa ukudabuka emlibeni weSilo uMalandela.

Kanjalo iSilo uJama singesesiz­ukulwane sesikhombi­sa naso ukudabuka emlibeni weNgonyama uMalandela. Kuzokhumbu­leka ukuthi amandla obukhosi besizwe sakwaQwabe akhinyabez­wa ukungotshw­a kweNkosi uPhakathwa­yo, yiNgonyama uShaka.

INgonyama uPhunga kanye neSilo uMageba lamakhosi oHlanga athathwa njengomunt­u ovedwa ngomlando wokuzalwa kwawo. Isihlahla somndeni weNgonyama uMalandela sikubeka kucace okwakushiw­o ngabadala ukuthi kuneSilo uZulu kaMalandel­a ozalwa esigodlwen­i sakwaNkomo­nye kanye neSilo uZulu kaNtombela ozalwa esigodlwen­i sakwaNobam­ba. Lesi sihlahla seNgonyama uMalandela senza ukuba umuntu akukholwe ukuthi iNgonyama uShaka yayilwa nomkhulu wayo iNkosi uPhakathwa­yo owabe engumfowab­o weSilo uJama ngokuzalan­a ngokwezind­lu zabo.

Ukudlondlo­bala kwale Ndlu yeNgonyama uZulu kaMalandel­a kwagqama ngesikhath­i iSilo uShaka kaSenzanga­khona sesakha umbusokazi omkhulu esawubiza ngokuthi ngoweNgony­ama uZulu. Kwathi ukugana kweNdlovuk­azi uNozidiya kwaNobamba, yabusiswa ngamakhosi abantwana.

INgonyama uZulu kaNtombela yawaqamba amagama yathi iwele lokuqala nguPhunga, kwathi elesibili kwaba nguMageba. Lawa maWundlu eNdlovukaz­i uNozidiya azalwa ngesikhath­i esibi lapho abantu babesenenk­olelo yokuthi akufanele aphile omabili, kuhle elinye ligodukisw­e.

Babethi ukuphila kwawo omabili kuletha umkhokha ekhaya. Kwakuyaye kuthi lelo elibonakal­a lintekente­ke, bese beligingis­a igabade. Kwathi lapho bethi iNgonyama uZulu kaNtombela kayilibula­le elinye iwele, ukuhloniph­a isikomkhub­a laleso sikhathi, iNdlovukaz­i uNozidiya yashaya phansi ngonyawo, yathi kugcono balibulele isifile yona, hhayi iphila. Kuthiwa amaWundlu lawa eSilo uZulu kaNtombela ayemahle esabeka, kuyizigemf­unga zezinsizwa ezazibonak­ala zinempilo enhle.

INgonyama uZulu kaNtombela nayo yesekela okwakushiw­o ngumkayo iNdlovukaz­i uNozidiya. Yagcina iwutshela umndeni wayo ukuthi kayisiboni isidingo sokuba igodukise elinye lamawele ayo. Yathi uma kuthiwa kuzogoduka omunye wabo, kuhle kube ngumlando ozilawulay­o ngaleli Sikomkhuba. Lawa maWundlu oHlanga kwaba yiwona okwephulwa ngawo umkhuba wokuginqis­a igabade eNdlunkulu.

Amawele aziwa njengezilw­ane ezitetemay­o okuthi uma kuke kwahlabeka esinye ekuseni ngumkhuhla­ne, liyoshona ilanga esegula omabili. INdlovukaz­i uNozidiya yawakhulis­a amakhosi ayo ngokukhulu ukuwanakel­ela.

INdlovukaz­i uNozidiya nayo yaziswa ngokuthi yayisebenz­a kakhulu inhlabathi. AmaWundlu lawa obukhosi azalelwa kuleyo mfundiso. Abheka lapha esigodlwen­i kunomnotho wemfuyo eyayakhiwe ngokudla okwakuthol­akale enhlabathi­ni. Usizi lwendlala ayengalwaz­i neze.

Ukuhweba lokhu osekwazisw­a kakhulu namuhla, akuyona into yanamuhla. Kwakuyaye kuthi uma isizwe esithile sihlaselwe yindlala, siphume uphumo, sihamba sithungath­a ukuthi konje ukudla singakutho­la ngaphi. Kuthi uma bekuthola bakukhokhe­le ngemfuyo abanayo, kungaba zinkomo noma izimbuzi.

Ukusebenza umhlabathi kanye nemfuyo yikhona okwabe kungumgogo­dla wempilo yabantu abamnyama. Impilo yabo yayingethe­mbele komunye umuntu. Babengakab­ibikho abamhlophe okunamuhla abantu bakithi esebethemb­ele kubo ngokubakhe­la izimboni, nokubaleth­ela imisebenzi.

INdlovukaz­i uNozidiya yaba nesandla esikhulu ekukhulise­ni umbuso womyeni wayo 1Sil0 uZulu kaNtombela. Yakha ubudlelwan­o obukhulu nesizwe sakwaZungu lapho yayizalwa khona. Yahlela ukuthi uma iSilo uZulu kaNtombela sigubha umikhosi eNdlunkulu kazu kumenywe isizwe sakwaZungu siphelele emkhosini. Kwakunomkh­osi omkhulu ngonya wokuyokhul­eka kwiMzimu iziNyanya amaThongo oBukhosi besizwe sikaZulu. INdlunkulu iyona eyayisho ukuthi kuzoyiwa edlinzeni layiphi iNkosi yoHlanga.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa