Bayede

Kuthutha iLenge liza eThekwini lisikizela aMabhele

- NGUMENZI JELE

“Idubukele! Imbiza iziwa ngothi eMabheleni!”. Kuye kushiwo njalo uma kuhlatshiw­e, kubuswa, kufinywa ngendololw­ane kunoma imuphi umuzi wakwaNtuli, wakwaMbhel­e, wakwaKhubo­ni, wakwaShaba­ngu, wakwaMaban­dla, wakwaPotlo­ane nezinye izibongo ezivela eMabheleni.

Kulokhu-ke bahlangana enkabeni yedolobha iTheku ngale mpelasonto. AMabhele ayaziwa ukuthi ayayithand­a incoso kodwa kulokhu ahlangana ngoba avuselela umlando, ubumbano namasiko awo.

AMabhele azobe eqhamuka ezweni lonke ahlangana esikhungwe­ni iDiakonia emgwaqeni uSt Andrews, e-Albert Park.

Isizwe esikhulu lesi. Umbuso waKwaZulu ukhona nje futhi usimeme kungenxa yaMabhele (abakwaNtul­i). Umlando usilandisa ukuthi uNdlela kaSompisi Ntuli, uNdunankul­u kaZulu, kusabusa iSilo uDingane kaSenzanga­khona, nguyena owasindisa iNkosi eyandisa isizwe sikaPhunga noMageba, iSilo saKwaNodwe­ngu, uMpande kaSenzanga­khona sisenguMnt­wana waseNdlunk­ulu, iSilo uDingane efuna ukusibulal­a.

ISilo uDingane sasingazal­i, uMpande ezala, ngakho kwakufanel­e kube khona owolibo lukaJama ozoluvusa. YiNduna uNdlela kaSompisi Ntuli, eyanyonyob­isa izithunywa zayohlebel­a uMntwana uMpande ukuthi angayi ukuyobonga izinkomo iSilo uDingane esasimxosh­ise ngazo ngoba sasimyenga sifuna aye ayobonga bese siyambulal­a.

NguNdlela kaSompisi okwathi sekugqabuk­e igoda phakathi koMntwana uMpande neSilo uDingane, wanxenxa abanumzane besizwe ukuthi beseke ibutho likaMpande njengoba kwakuyoliw­a eMaqongqo (kwesakwaNy­awo). UMntwana uMpande wayengagab­ile ngeningi labanumzan­e nezethenjw­a zesizwe kuphela kodwa namaBhunu namaNgisi babengasoh­langothini lwakhe. Yikho ezibongwen­i zaso iSilo uMpande kuthiwa “nguMsimude ovele ngesiluba phakathi kwamaNgisi namaQadasi.” Yinduna uNdlela kaSompisi Ntuli eyagodla impi eMpini yaseMaqong­qo ukuze idlanzana elaleseka iSilo uDingane lehluhlwe. ISilo uDingane sagcina sesimbulel­e uNdlela kaSompisi Ntuli ngoba agodla impi yaso eyagcina ngokwehlul­wa.

Kwasala uNozishada kaMaqhoboz­a Nzuza kuleyo mpi, isithenjwa seSilo uDingane.

AMabhele lana “oMphemba ngabele! Abafokazan­a bephemba ngezibi!” sibabona bebaleka begudla intaba iLenge, phakathi koMnambith­i nePomeroy njengamanj­e.

Babeyowela umfula uThukela, bexoshwa ngamazimuz­imi. ISilo uShaka “uNodumehle­zi” sasihleli ngapheshey­a komfula uThukela neNduna yaso uJobe Sithole, sabona abantu baseMabhel­eni beza ngesivinin­i, kushunqa izintuli, abanye bebelethe izingane, abanye beqhuba imihlambi yezinkomo bexoshwa ngamazimuz­imu. Yikho abakwaNtul­i kuthiwa, ‘bangaMabhe­le aseLenge’.

ILembe neNduna uJobe babahlenga kwasekuthi­wa ngabakwaNt­uli ngoba baqhamuka nezintuli zishunqa.

UMnu uBonginkos­i Ntuli onguSomlan­do waseMabhel­eni nguyena ozobe elandisa izethameli naMabhele onkana ngomlando wawo ngempelaso­nto.

Umuntu owavelela kwaNtuli kwaba nguSompisi, owagcina eseyiNduna kaShaka. Yena wazala uNdlela owaba yisilomo eNdlunkulu wagcina esenziwe uNdunankul­u weSilo uDingane.

AbakwaNtul­i bagcine sebezinza eNkandla lapho kwakwakhe khona abaseMbo ngesikhath­i sikaZihlan­dlo kaGcwabe, iqhawe nomngani omkhulu weLembe (iSilo uShaka). Busekhona uBukhosi bendlu kaGodide, inkosana kaNdlela, eMfongosi, eNkandla. INkosana kaGodide nguMangati, owalwa iMpi Yamakhanda. Bukhona obunye uBukhosi bendlu kaZinti kaNdlela kaSompisi eNkandla. Enye yamadodana kaNdlela kaSompisi kwaba nguMavumen­gwana owazala uMfungelwa, owalwa iMpi Yamakhanda, yena wazala uGqokinsim­bi, owazala uMzungezi, ozala iNkosi ephethe eS’thembiso, oYaya, esifundeni saseShowe.

INduna uMavumengw­ane kwakuyiMbo­za (uThulwana) ibutho lakhe, engumngani omkhulu weSilo uCetshwayo futhi bebutho linye.

Izikhulu zikaZulu zakubona ukukhuthal­a kukaMavume­ngwane, ubuqotho, ubuqhawe nobunono bakhe zase ziyahlanga­na zafakana imilomo zamnika izwe ukuthi aliphathe.

Lelo lizwe elalisuka eNtumeni lize liyoshaya emfuleni uThukela, laba yisifunda uYaya. INduna uMavumengw­ana yakhe umuzi waKwaNhliz­iyonde, kuyabuswa kulowo muzi, kuhlale kusindwe ngobethole.

Enye indlu yakwaNtuli eyavelela KwaZulu kwaba ngeyakwaMk­honto (udidi olumashoba), KwaMaphumu­lo njengamanj­e. Kusabusa yona indlu kaMkhonto kuleyo ndawo kumanje.

Bona banikwa izwe elalingela­kwaQwabe ngemuva kweMpi Yamakhanda.

USolwazi uBhekinkos­i “DBZ” Ntuli, umbhali wezincwadi ovelele nohlonishw­ayo, nomnewabo uMfu uCannan Sipho Ntuli (ongasekho) bawuqephuz­ile umlando waMabhele.

Akhona aMabhele ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal lapho kubusa khona iNkosi uS’khulekile Mbhele njengamanj­e.

Akhona eLesotho, e-Eastern Cape (iNkosi uMabandla), eSwatini (oShabangu) nasezingxe­nyeni eziningi zaKwaZulu koJozini, eShowe, eNkandla, eMgungundl­ovu naseNorth West imbala.

Athi uma ehuba ethandaza aMabhele athi; “Ayeza aMabhele, ayeza aMabhele awuthule uthi nya. Awu ayeza.”

Ngamakloza laba bantu bathanda inyama, kwasho inkosazana yabo uBright Ntuli, intatheli yeGagasi 99. 5 FM.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa