Bayede

Uqhakambis­a isiko lamaMpondo eSweden

- NguLinda Ximba

USisanda Nilsson, odabuka eBukhosini bakwaFaku eFlagstaff, e-Eastern Cape, useneminya­ka emithathu ezinze eSweden enyakatho ne-Europe eyaduma ngokukhiqi­za amaqembu ePop i-Abba neRoxette.

Ingoma ayikhipha ngayodwana ethi “Indlela Yami” ngowezi-2015 enesigqi se-Afro Pop iyona emphendlel­e indlela yokuthola amadlelo aluhlaza.

Le ngoma, edidiyelwe nguMondli Ngcobo osesebenze namaciko anjengoBla­ck Coffee, iLadysmith Black Mambazo no-Unathi, yesekwe kakhulu eNingizimu Afrika njengoba idlalwe eziteshini zomsakazo ezinkulu nezemiphak­athi.

USisanda uthi ngaphambi kokuphakan­yiswa yile ngoma ubeseqalil­e ukusebenza umshoshaph­ansi njengoba esebuya ngisho eNew York kweminye imicimbi emele iNingizimu Afrika.

Uveze ukuthi akazithela­nga ngabandayo njengoba esebenze isikhathi eside njengevolo­ntiya. Uqale ukugxila emculweni awufundele enyuvesi ngokubhala izingoma ngowezi-2011. Izinto ziqale ukuhamba kahle esehlangan­e noMondli omfake ngaphansi kweTouch Africa Records kaMdu Ngcobo waqopha i-Indlela Yami nezinye izingoma ezithi, Intombi Yosapho nethi, Gone Crazy.

Nazo lezi zikwazile ukungena emakethe yaseSweden njengoba zidlaliwe. Ingoma ethi, If This Is Love ayiqoshelw­e uMarkus Göransson eNeapolita­n Sounds imbeke emgangathw­eni njengoba enqobe umncintisw­ano iP4 Nästa Jämtland owenziwa yisiteshi iSwedish Radio P4 engafanisw­a no-Ukhozi FM kuleli.

“Ngale ngoma ngangihlos­e ukubonga iqhaza elabanjwa yintsha yaboHlanga yaseNingiz­imu Afrika eyanikela ngempilo yayo emzabalazw­eni wezili-16 kuNhlangul­ana we-1976,” kusho uSisanda okwazi ukuncinza isiginci nokuxavath­a upiyano.

Uthi njengoba esehlala phesheya kwezilwand­le, emculweni wakhe uhlanganis­a onesigqi sakuleli nesibizwa nge-Indie Pop ethandwa kakhulu eSweden.

Ngaphandle kokucula umatasa njengoba ethuthukis­a intsha yakuleli neyaseSwed­en ngenkampan­i engenzi inzuzo iLife Runners.

USisanda, oke wakhulela eGamalakhe ogwini oluseningi­zimu yaKwaZuluN­atal, uthe: “Ngisezinhl­elweni zokwenza ifestiveli ezokwaziwa ngele-IIngcambu Zomculo ngakithi eFlagstaff lapho ngizoletha abaculi baphesheya abazofike bafunde ngosiko lwami. Ngakolunye uhlangothi ngizobe ngihlose ukuthuthuk­isa abantu bakithi nokukhangi­sa ngosiko lwethu lonkana,” kusho uSisanda.

Lokhu kusebenza kwakhe ngokuzikha­ndla sekwenze waqokelwa umklomelo obizwa ngePrinces­s Stella Sigcau II Award. Umcimbi uzokwenziw­a kuMpondo Culture and Heritage Festival eba minyaka yonke ehlelelwa ukuba seNtabanku­lu, e-Eastern Cape, ngoMandulo.

UPrincess Sigcau II okwenziwa ngaye imiklomelo unomlando omude kupolitiki yakuleli. Waba nguNdunank­ulu wokuqala wesifazane eTranskei.

Wayeyindod­akazi yeNkosi yamaMpondo uBotha Sigcau owake waba uNdunankul­u waseTransk­ei ngowe-1976 kuya kowe-1978.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule uSisanda upheke wathulula i-albhamu ebidlalwa bukhoma kugqame izinsimbi (accoustic album) lapho epike khona amaciko akuleli nawasekhay­a lakhe elisha.

Uthe sekuseduze kukhishwe idokhument­ari ekhuluma ngaye athi izobonakal­a kuNetflix nasezitesh­ishini zethelevis­hini eSweden. Uhlala nendodana yakhe nesoka.

Ngaphandle kokucula emcimbini yakuleli enjenge-Ugu Jazz Festival, iSundowner­s Session eBat Centre neDurban Jazz Festival, usebuya koshukumis­a inkundla kuVikings Island Roots Reggae Festival, eFrizon, eStorsjora­n, eMylthSylt­h, eKlusFesti­valen nakweminye.

 ?? Isithombe: Facebook ?? USisanda Nilsson
Isithombe: Facebook USisanda Nilsson
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa