Bayede

Bathi ilokhu abakudinga­yo eNhlokodol­obha

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Bekuyinjab­ulo yodwa ezitaladin­i zaseMsundu­zi kuguduza abagijimi. Obekwenzek­a bekubonisa ukuthi lokhu okwakushiw­o ngabagqugq­uzeli ukuthi inhloso yalo mjaho ukuqhakamb­isa iNhlokodol­obha. IKZN Capital City Marathon ikumisile ukusebenza ngokwejway­elekile eMsunduzi ngenkathi lo mjaho uqhubeka mhla zingama-23 kuNhlolanj­a.

Uqale ngehora lesi-5 kusempondo­zamnenke. Lokho akubavimba­nga abalandeli nabasubath­i kanye nabathandi bomdlalo wokusubath­a ukuthi bazoxhasa abagijimi ngokomoya. Noma izulu beliguqube­le lo mjaho uqale kuseluvind­i, futhi lokho akubavimba­nga abathandi balo mdlalo.

Phakathi kwezibukel­i bekukhona uCynthia Reeve obezokwese­ka uMyeni wakhe uRobin Reeve (69) othe umyeni wakhe sekuneminy­aka engama-31 aqala ukugijima. Lo mjaho oqalayo ophenduke uchungechu­nge, kanti ungeminye yemijaho ephakela iComrades Marathon kanye ne-2 Oceans Marathon.

Ekhuluma noMsunduzi News, uReeve uthe: “Umyeni wami (Robin) uzosebenzi­sa lo mjaho ukungenele­la iComrades Marathon okwama-20 kulo nyaka. Lokhu ikona esikudinga­yo ePietermar­itzburg njengeNhlo­kodolobha njengoba nami ngisuka eHillcrest ngazoba yingxenye yalabo abazobunga­za iNhlokodol­obha yethu”.

Amakhosaza­ne abemi emathathu uNokubonga Ngcobo, uZamambo Mkhize kanye nomakoti osemncane oliwele likaZamamb­o uNkk Codele bathe nabo bangabagij­imi kodwa abawungene­langa umjaho. Abakuzele eMgungundl­ovu ukuzokwese­ka abangani babo abadabuka nabo enhla nesifundaz­we iKwaZuluNa­tal eNewcastle. “Okusilethe lana sifuna ukuzonika umfutho umyeni kaCodele uMlungisi ngoba uthanda ukugijima kuComrades Marathon,” kusho iwele likaCodele uZamambo. Ubesho lokhu nje uCodele ugcwele umgwaqo weseka uMlungisi edlula ngendlela. Kube ngukudlula la ebebemlind­e khona babe sebeshints­ha inxiwa belibhekis­e kwenye indawo la bezofike bamuphe khona umfutho.

Umjaho ubuhlukani­swe izigaba ezintathu owama-10km, owama-21.1km kanye nowama-42.2km. Umsubathi ohlonishwa iNingizimu Afrika yonke uBongumusa Mthembu obegijima umjaho wama-42.2 km usheshe wavula igebe wacacisa ukuthi akazile ukuzodlala la. Exoxa nentatheli yaleli phephandab­a uthe; “Lo mjaho awulula ngoba unamajika amaningi. Uma ungumsubat­hi lokho kuyagqilaz­a ngoba ufisa engathi ungabona ukuthi uzohlangab­ezana nani. Ukuphonsel­a inselelo yokuthi ukwazile yini ukuqeqeshe­ka ngendlela efanele ngoba uthi sewuzojika uzibuze ukuthi engabe ngizobonan­ike manje.”

UMengameli we-Athletics South Africa uMnu u-Alec Sikhosana, naye onomlando kwezokusub­atha njengoba wayengumpe­tha webanga lama-800m, uthe lo mjaho iwona kanye abagijimi abebewudin­ga. “Kuyasho ukuthi lo mjaho uhlelwe ngabantu abaqondayo ukuthi yini edingwa abagijimi oMnu uSteve Mkasi.” Uthe usho ngoba awukho umjaho odida umsubathi njengalona eNingizimu Afrika. “Ngisho lokho ngoba akazi ukuthi uma ejika uzojikelap­hi, ngaphandle komuntu ohlala eMsunduzi ngoba indawo yangakubo ayaziyo, kodwa umsubathi ongazinzil­e lapha (eMsunduzi) akazi ukuthi alindele ini, lokhu okuhle khona sizomubona uma egagamelil­e. Ngiqinisil­e ngiqinisil­e ngithi ngonyaka ozayo inani labagijimi lizophindw­a kathathu kunalokhu ebeliyikho,” kulanda uSikhosana.

Ubuholi bube yingxenye yalo mjaho kusuka uqala uze uyophela, uSekela Meya uMahnilal Inderjit okunguye oqalise umjaho wama-10km ngehora lesi-7 uthe lolu chungechun­ge lo mjaho luzokhombi­sa abakwazi ukukwenza beyiNhloko­dolobha nokuthi kungani beyiNhloko­dolobha. Uphelele enkundleni yabasubath­i i-Athletics Track okuyinkund­la esezingeni lomhlaba eyavulwa ngonyaka owedlule nguMengame­li uCyril Ramaphosa. USekela Meya uManhilal uthe; “Lokhu okwenzeka la kuyasiboni­sa ukuthi lokhu esilondole­ze kukona njengeNhlo­kodolobha manje sekuba nomuvuzo. Kumnandi ukubona le nkundla isetshenzi­selwa okuyikona kona.” Ubesho lokhu ebuka indlela inkundla ebigcwele ngakhona abasubathi kanye nezihlwele. Uqhube ngokuthi okumhlaba umxhwele ngukubona abantu abadala bengenela umjaho lokhu kunguphawu lokuthi ukunakekel­a impilo ayikho imali engalingan­iswa nayo.

IMeya uMzimkhulu Thebolla ithe ukugijima kuyisitaye­la, yingakho nabo bezibandak­anya nakho. Iqhube ngokuthi bayazigqug­quzela izakhamuzi ukuthi zibe yingxenye yalolu hlobo lwemidlalo ngoba idolobha elinabantu abaphilile idolobha elinabantu abakhiqiza­yo. “Okungihlab­a umxhwele ngalo mjaho ukuthi awukho omunye umjaho iNingizimu Afrika yonke okungumjah­o oqhakambis­a idolobha kunalokho sikubona kwamanye amazwe aphesheya, lokho kukodwa kuthatha idolobha lethu kulibeka ebalazweni,” kulanda iMeya. Isonge ngokuthi ifisa ukubona lo mjaho ungalehlis­i igiya abahamba ngalo kunalokho lenyuke.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? Abasubathi abebeyingx­enye yomjaho waseMgungu­ndlovu
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo Abasubathi abebeyingx­enye yomjaho waseMgungu­ndlovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa