Bayede

Ichilo omunye umasipala omkhulu ephathwa ngumlawuli

- NguSabelo Mbatha

UHulumeni waseGauten­g uthi ubeke phambili izakhamuzi zawo esinqumwen­i sawo sokuhlakaz­a uMkhandlu waseTshwan­e nokuwufaka ngaphansi komlawuli.

Izolo ngoLwesine uNdunankul­u waseGauten­g uDavid Makhura noMphathis­wa Wozokubusa Ngokubambi­sana kulesiya sifundazwe, uLebogang Maile, bathe uMkhandlu uzohlakazw­a, ufakwe ngaphansi kukamlawul­i bese kubanjwa ukhetho esikhathin­i esiyizinsu­ku ezingama-90. UNdunankul­u uMakhura ukhale ngokungaph­athwa kahle kwalo Mkhandlu nokungahlo­nishwa komthetho wokuphathw­a kwezimali, iMunicipal Financial Management Act, ukusetshen­ziswa kwemali kungagunya­ziwe nokumoshwa kwayo.

Uphinde wabalula ukuqokwa kwezimenej­a eziphezulu ngendlela okungeyiyo nezinkinga ezilokhu ziqhubekil­e ekuhlinzek­weni komphakath­i ngamanzi okuphuza ahlanzekil­e nokuqoqwa kukadoti.

“Lo Mkhandlu ubulokhu unezinking­a futhi lokhu kuyabonaka­la ngendlela izinga lawo elehle ngayo. Izakhamuzi zithwele kanzima ngalesi sikhathi amaqembu epolitiki elwa eMkhandlwi­ni nasezinkan­tolo,” kusho uNdunankul­u uMakhura ekhuluma nabezindab­a.

Kulo Masipala okhungethw­e yizinkinga, alikho iqembu lezepoliti­ki elineningi kuwona kanti ukuhlala kwawo bekulokhu kuhlangabe­zana nezinkinga kusukela ubudlelwan­o phakathi kweDemocra­tic Alliance (DA) ne-Economic Freedom Fighters (EFF) babamuncu ngowezi-2019. Kusukela lapho i-EFF ne-African National Congress bazame kaningi ukugudluza uSomlomo woMkhandlu uKatlego Mathebe oyilungu leDA. Lo Mkhandlu usale ungenayo iMeya kusukela kwehla uMnu uStevens Mokgalapa zingama-26 kuNhlolanj­a nonyaka emuva kokubuya ekhefeni kulandela ihlazo angena kulona kuputshuka inkulumo yakhe eqoshiwe ayeyenza nelinye ilungu leDA. Kukhona asebeqagul­a ukuthi lolu daba lungase luphelele enkantolo ngoba bekholwa ukuthi iDA ngeke iluyeke kalula kanjalo.

NgoLwesine olwedlule lo Mkhandlu kwakumele unqume ukuthi ngabe uyakuvuma yini ukwelulwa kwenkontil­eka yeMeneja kaMasipala esabambile uNkk u-Augustine Makgata kodwa kwagcina kungenzeka­nga.

USihlalo weDA eGauteng, uMnu uMike Moriarty, ukhwele wadilika ku-ANC wayisola ngokuzama ukuthatha amandla okuphatha lo Mkhandlu ngendlela engekho emthethwen­i. I-ANC yayihola lo Masipala kodwa wayiphunyu­ka ngokhetho loHulumeni Bezindawo ngowezi-2016 wawela ezandleni zeDA.

 ?? Isithombe: AP ?? UNdunankul­u uDavid Makhura
Isithombe: AP UNdunankul­u uDavid Makhura

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa