Bayede

Imfundiso yamaRoma imenze waba yisishabas­heki uFlorence Mkhize

Kuqanjwe ngaye ibhilidi okukhokhel­wa kulo ugesi kuMasipala weTheku ngoba wayenamaga­lelo ababazekay­o uMama uMkhize

- NGUMENZI JELE

Kuqanjwe ngaye ibhilidi okukhokhel­wa kulo ugesi kuMasipala weTheku ngoba wayenamaga­lelo ababazekay­o uMama uMkhize

Inxanxathe­la yebhilidi elisemgwaq­eni u-Anton Lembede, enkabeni yeTheku, okukhokhel­wa kulona ugesi liqanjwe ngoMama uFlorence Mkhize owayaziwa kakhulu ngokuthi nguMama uFlo. Yiqhawekaz­i elalwela inkululeko leli, lilwa nenqubo yobandlulu­lo kunzima. Wayengumgq­ugquzeli enyunyanen­i iSouth African Congress of Trade Unions (SACTWU), ekanye noMnu uSteve Dlamini, uMnu uHarry Gwala nabanye.

Ibhilidi okuqanjwe ngalo uMama uFlo, lalikade liqanjwe ngeMeya yaseThekwi­ni yakudala, uMnu uMartin West. UMama uFlo uzalelwe eMzinto ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal ngonyaka we-1932. Uqale ukuzibanda­kanya nepolitiki eneminyaka eyi-16, ekhuthazwa ngamaRoma aKhatholik­a, kwelakubo lapho azalelwa khona. Eqeda ukufunda ufudukele eThekwini ngeminyaka ye-1950, washada noMnu u-Amos Mswane. UMama uFlo, ngomunye wamavolont­iya eNkosi u-Albert Luthuli, njengoba babesekhal­eni emkhankasw­eni weDefiance Campaign, wango we-1952. Kulowo mkhankaso abantu babedelela yonke imithetho eyayishayw­a ngumbuso wobandlulu­lo. Isithombe sikaMama uFlo eshisa udompasi wakhe, sasabalala umhlaba wonke. Ngowe-1954, uMama uFlo waba ngomunye wabasungul­i beFederati­on of South African Women (FEDSAW), wabasebuho­lini bayo eThekwini namaphethe­lo.

Ngowe-1956 kube nenhlabalu­hide, ibheke e-Union Building ePretoria, abesifazan­e bekhononda ngokuphath­iswa odompasi. Ngebhadi ibhasi elalihamba omama uFlo, libheke ePretoria, ngalelo langa lango we-1956 ziyisi-9 kuNcwaba, lavinjwa ngamaphoyi­sa aliphindis­ela emuva.

Wayekhona emkhankasw­eni wokuduba amazambane ngowe-1957. UHulumeni wobandlulu­lo ushaye umthetho iSuppressi­on of Communism Act, uMama uFlo waphinde wavalwa umlomo ngowe-1968. Nguyena uMama uFlo benoSolwaz­i uFatima Meer, abaqoqa izimali ukuze kwakhiwe iPhambili High School, eMbilo, eThekwini. Lesi sikole besenzelwe izingane zezishosho­vu zepolitiki ebezibandl­ululwa ngenxa yeqhaza labazali bazo emzabalazw­eni. Yibona oMama uFlo noSolwazi uMeer, abaya e-Amsterdam baqoqa izimali khona zokwakha lesiya sikole. Ngesikhath­i i-United Democratic Front (UDF) yethulwa ngokusemth­ethweni, uMama uFlo waba sebuholini bayo eThekwini. Ngesikhath­i eshona uMama uFlo ngowe-1999, ubeseyikha­nsela lakuWard 75, eLamontivi­le, eningizimu yeTheku. Uphendule umuzi wakhe waba yikhaya lapho “amaphekula­zikhuni” ayecasha khona. UNgqongqos­he wamaphoyis­a kuZwelonke, uMnu uBheki Cele, ngomunye wabantu ababecasha khona, besasebenz­a umshoshaph­ansi noMkhonto Wesizwe (uphiko lwezempi lweANC). Naye uMama uFlo ubesebenza umshoshaph­ansi ne-African National Congress (ANC). Ubeyithand­a imfundo futhi eyikhuthal­ele, lokhu kubonakale ngoba ubesemakom­idini alawula izikole ezahlukene eThekwini. Ngowe-1998 i-ANC Women’s League imhloniphe ngendondo yobuqhawe. UMnu uNelson Mandela, umhloniphe ngendondo yeSouth African Gold Medal ngowe-1999.

Wayeyikhom­anisi, engaphuthi ezingqungq­utheleni zeSouth African Communist Party (SACP). Ngeminyaka ye-1970 wabangomun­ye wabasungul­i beRelease Mandela Campaign, eyayiholwa nguMhleli wamaphepha­ndaba, uMnu uPercy Qoboza. KuFEDSAW wayenoMama uDorothy Nyembe noNkk uHelen Joseph. (nabo abangasekh­o). Usebenzile nomndeni wakwaMxeng­e, wakwaShush­a, oMnu uMsizi Dube wodumo lweAsinama­li, uMama uDorothy Nyembe, uMntwana uCyril Zulu wakwaDeda nabanye.

Umyeni wakhe kwakungeye­na umuntu wepolitiki kodwa ubemvumela ahambe zonke izindawo ngisho nasemazwen­i aphesheya ngenxa yomzabalaz­o, emeseka. Amadodana akhe uMandla noThulani nabo sebashona, kwasala amadodakaz­i amabili. UMama uFlo ulwele ukuthi kwakhiwe isikhungo sokuqwashi­sa nokunakeke­la abahaqwe igciwane lengculaza nesandulel­angculaza eLamontvil­le. Lelo phupho lakhe lagcina selifezeki­le noma yena wayengasek­ho emhlabeni. Udlule emhlabeni ziyisi-7 kuNtuikazi ngowe-1999.

Abaholi bophiko lwabesifaz­ane kwaANC, esingabala kubo oNkk uWinnie Madikizela-Mandela (ongasekho), uNkk u-Angie Motsekga, uNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula, uNks Bathabile Dlamini, nabanye, bebemthath­a njengesibo­nelo esihle kwabesifaz­ane abasebuhol­ini uMama uFlo. Yona le ntombi yaseMbo, njengoMama u-D (uDorothy Nyembe), bahlushwe kakhlu ngamaphoyi­sa ezomoya eThekwini. Uma kuzwakala ukuthi kukhona “iphekulazi­khuni” elikhona eNatal, kwakugasel­wa emzini kaMama uFlo noma kaMama u-D, kuqala kuphequlul­we khona.

UMama uFlo ukhethwe waba yiKhansela kuMasipala weTheku, ngesikhath­i usuhlelwa kabusha uhambisana nezakhiwo zentando yeningi. Isigceme ayeyiKhans­ela kuso, u-Ward 75, eLamonti. Indlela eyekhuthel­e ngayo uMama uFlo ibibabazek­a, bekungathi kusebenza itshitshi uqobo ngoba ubevuka ekuseni ayosebenze­la umphakathi, aze aphumule phakathi kwamabili. Ubumthola ehlangene nemiphakat­hi yaseMjondo­lo, elalela izinkinga zayo. Nasehosite­la eWema, ubumthola khona ehamba noMntwana uMfanafuth­i Cyril Zulu, waKwaDeda, belalela izinkinga zabantu abahlala emahostela, ngenhloso yokubasiza.

Uyokhumbul­eka uMama uFlo uma kunemingcw­abo, ubefika qathatha kulowo muzi okushonwe kuwo esigcemeni sakhe, ubengagcin­i nje ngokubhong­a emswaneni, kodwa ubefaka isandla. Miningi imindeni nabantu eLamontvil­le eyangcwaba izihlobo namalungu emindeni yawo ngosizo ayeluthola kuMama uFlo. Ubeba khona ngisho nasemilind­elweni yaleyo mizi eshonelwe.

Uma kukhona umfundi ophase kahle ebangeni le-12, kodwa engenayo imali yokuqhubek­a nokufunda, uMama uFlo ubeyazi iminyango obekufanel­e angqongqoz­e kuyona, iphume ingane iye esikoleni. Namanje umphakathi waseLamont­ville usasho ukuthi amagalelo kaMama uFlo awalingana­nga nawabanye abantu.

 ??  ??
 ??  ?? UMama uFlorence Mkhize
UMama uFlorence Mkhize
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa