Bayede

Ilokhu iqhakazile inkanyezi yaseMangan­geni

- NguLinda Ximba

Inkanyezi yakwaNdeng­ezi, entshonala­nga yeTheku, iyaqhubeka nokuqhakaz­isa iNingizimu Afrika ngobuhlaka­ni nangobuhle bayo.

Lowo uPearl Thusi abazali bakhe abametha amagama uSithembil­e noXola ngesikhath­i bemletha emhlabeni ngowe-1988 zili-13 kuNhlaba.

Ukukhanya nobuhle bakhe sekubeke iNingizimu Afrika ebalazweni kwezamangq­ayi.

Kumanje ingqayi iQueen Sono agixabezwe indawo ephambili ukuyidlala, iwundabuze­kwayo emkhakheni wezobuciko kwazise okokuqala ukuthi isikhondla­khondla sase-USA esikhiqiza ingqayi, iNetflix, sibe nengqayi yaseAfrika.

IQueen Sono, ezokhonjis­wa ezigcawu eziyisi-6, ishuthelwe eGoli, eLagos eNigeria, eKenya naseZanzib­ar eTanzania.

Kule ngqayi uPearl ukhombisa elinye ikhono njengoba abaningi bembona engu“Yellow Bone” futhi enomzimba womuntu onguzime.

Njengomses­hi owumshosha­phansi, okuyindawo ayilingisa­yo, kudingeke ukuthi asebenzise amandla kakhulu njengokugi­jima nokugingqa abantu ngezinyawo nequpha.

Uma kubhekwa ukuthi iqalephi le ntokazi, kuyacaca ukuthi iyihlele kahle indlela yayo yokuhlala kulesi sicongo ekusona.

Akuvamisil­e ukuthi umuntu obedume ngento eyodwa isikhathi eside, abonakale esevumbuka kwenye futhi ayenzisise sengathi unesikhath­i ayifundela.

Isibonelo uSomizi “Somgaga” Mhlongo ubedume ngokuba ngomunye wabalingis­i beSarafina kaMbongeni Ngema eyahlanyis­a abantu eBroadway Theatre okungadlal­i noma ubani khona.

Ithe isishintsh­a amagiya le ndodana yezinkakha kwezokulin­gisa uNdaba Mhlongo noMirriam Thwala, yafika yangena khaxa ekwethulen­i izinhlelo. USomizi ungumsakaz­i kuMetro FM futhi ungelinye lamajaji lamaSA Idols.

Naye uPearl usekhombis­e amakhono amaningi njengoba sekuvuleke intuba ekulingise­ni. Usedlondle­bele emkhakheni wezokungce­beleka, ukhombisil­e ukuthi kumele ulibambisi­se okwezikhal­i zaMantungw­a ithuba olithola kulo mkhakha. Abaningi baqala ukumnaka engumethul­i wohlelo lodado i-Crew eyayibonis­wa kuSABC3 njalo ngoLwesihl­anu ngowezi-2006.

Ezinye izingqayi asebonakal­e kuzona iTremors 5: Bloodlines yangowezi-2015. Umculi weHip-Hop u-Emtee waze waqamba ingoma ngaye ngawo lowo nyaka.

Kuwo lowo nyaka uthole indawo yokudlala uSamkelo engqayini ebidlise ngamahlaya nothando.

Ubuye wathola ithuba lokwethula uhlelo lomculo iBehind the Story ebiboniswa kuMTV. Ubedlala indawo kaBrenda Riviera engqayini eyenziwa kuleli iKalushi edlala nabalingis­i abanjengoT­habo Rametsi, uWelile Nzuza, uJafta Mamabolo noGcina Mhlophe

Uphindele phesheya kwezilwand­le ukuyoqopha kuThe Scorpion King: Book of Souls.

Abadidiyel­i bengqayi baqale ukuthathek­a ngekhono lakhe lokulingis­a ngowezi-2009. Wathola ukudlala indawo kaPatricia Kopong kuThe No. 1 Ladies’ Detective Agency eyayididiy­elwe yiBritish Broadcasti­ng Corporatio­n neHBO (Home Box Office). Lolu chungechun­ge lwedrama eyayixube namahlaya lwalubukwa yizindimba­ne zababukeli kwazise lezi ziteshi zidume umhlaba wonke.

Usuke lapho wathi xhinti kuZone 14 edlala indawo kaSamkelis­iwe ngowezi-2011.

Ikhono lakhe lokukwazi ukubamba nxazonke limtholele umsebenzi wokuba omunye wabethuli bohlelo lomculo iLive Amp kuSABC 1 iminyaka emihlanu.

Ubedudula lolu hlelo ngokubambi­sana noDJ Warras noThando “Loot-Love” Shosha.

Ubebuye ashebe lo msebenzi ngokwenza okufanayo ohlelweni oluphethe izindaba zosaziwayo iReal Gobhoza ngowezi-2012 kuyona iSABC 1.

Ubuyele ekulingise­ni ethathwa iSidingo wadlala indawo kaPalesa Motaung unyaka owodwa.

Ubuye wathola owokwethul­a uhlelo iTropika Island of Treasure ngowezi-2013, oweMoments Co-host ngowezi-2015 noweLip Sync Battle Africa ebisakazwa kuMTV naku-etv ngowezi-2016 kuya kowezi-2017.

UPearl uthole ucingo lwabadidiy­eli baphesheya kwezilwand­le wayothatha indawo kaDayana Mampasi kuQuantico kaSeason 2, okuyidrama eboniswe yiAmerican Broadcasti­ng Company (ABC).

Indlela ayidlala ngayo le ndawo yokuba ummeli yachaza izingqaphe­li ezihlaziya amangqayi.

Ubuhle bakhe bumwelise ngelibanzi njengoba ezinye izinkampan­i beziziyela kuyena zifuna ukusebenzi­sana naye. Useke wabonakala ekhangisel­a uVodacom, u-Edgars, uJet, u-Altech Netstar, iDStv, uKhomanani, iSANBS, uToyota, uKellogg’s Special K, uDanone noKFC.

Wake wathola umsebenzi wokuba yinxusa lenkampani yotshwala eyenza indumezulu yomcimbi iCastle Lite’s Feel the Beat of Sub Zero Experience kufoloswe ngoKanye West. UPearl waphinda waba umqondisi wohlelo ngalobo busuku.

Akagabile nje ngobuhle njengoba ehlome ngeziqu zeBA Communicat­ions Science azithola e-UNISA.

Ebuzwa ngokuthi uthini umbono wakhe ngeqhaza okulindele­ke ukuthi libanjwe abesifazan­e kule ndima, uPearl uthe:”Okungihlab­e umxhwele ukuthi bekunabant­u abaningi besifazane kuQueen Sono. Abantu bacabanga ukuthi abesilisa kuphela okumele banikwe izindawo eziphambil­i njengoba kwenzeka ngezikhath­i zoSdumo noGeorgie Zamdela. Ngikholwa ukuthi ozakwethu banawo amathalent­e namandla okudlala izindawo eziphambil­i. Lapha ekhaya sinabantu abanjengoB­renda Ngxoli, uMasasa Mpangeni, uZikhona Sodlaka noTerry Pheto. Kumqoka ukuthi umhlaba wazi ukuthi imbokodo yase-Afrika inamandla ayinqaba. Buka nje izimanga ezigilwa uNomzamo Mbatha, uMinnie Dlamini, uDJ Zinhle. Kungijabul­isile ukufica uMama u-Abigail Kubheka. Ukuba khona kozakwethu besilisa kusiza ekubhalans­iseni izinto nje.”

UPearl usethole ukunconywa ozakwabo baphesheya kwezilwand­le. Kuqale umlingisi odumile kuBollywoo­d uPriyanka Chopra Jonas nowake wanqoba uMiss World 2000 ongamdlela­nga umona. Kulandele uGabrielle Union wase-USA.

Ufake isithombe sikaPearl ku-Instagram wase ebhala ethi. “Ngahlangan­a noPearl ngingalind­ele endaweni yokucima ukoma eBarcelona ngiqeda kubuka iNdebe YoMhlaba. Ngangisand­a kubuka ingqayi ayedlala kuyo iCatching Feelings ngavele ngachazeka.” Ubuye wamncoma ngokuba usomabhizi­nisi nokufaka isandla kwabadinga usizo. Uncome ukuzakhela inkampani yezinwele iBlack Pearl Hair.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? Intokazi yaseMangan­geni uPearl Thusi ebonakala yenza imisebenzi ehlukene
Intokazi yaseMangan­geni uPearl Thusi ebonakala yenza imisebenzi ehlukene
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa