Bayede

Owesibhuda ufisa ukudedela abanye ngendondo yokugcina

Usesebenze ngokwanele wazuza eminxeni eminingi yokwahlule­la nokuqhatha izimpi zosomankom­ane kuleli

- nguLinda Ximba

Useyibambe isikhathi eside engunompem­pe nejaji esibhakele­ni osekwenze kwakhona abambiza ngevulandl­ela labesifaza­ne abanye bathi ngushampen­i kwazise umsebenzi awenzayo ugcwele abesilisa.

Lowo nguNkk uSiya MaVabaza Booi oseneminya­ka engama-31 enza lo msebenzi ngaphansi kweBoxing South Africa (BSA).

Ukuzalelwa ekhaya lesibhakel­a elokishini iDuncan Village e-Eastern Cape nokuthanda­na noMandla Booi owayesidla­la isibhakela, ikho okwenza kwabalula kuyena ukuqoma lo mdlalo ngowe-1989.

Nokho uthi ukungena kwakhe akufananga nokushibil­ika kommese ebhoteleni kwazise ubandlulul­o lwalusadla lubi ngaleso sikhathi. Indlela yakhe ebheke ekuqaqeni amaketango obandlulul­o yamnqwaman­isa nemithetho eyayicwasa neBoxing Act yowe1954 eyayivimba abesifazan­e ukuthi bazihlanga­nise nesibhakel­a.

“Ngaziqumba phansi zonke lezo zithiyo ukuze ngiqophe umlando ngokuba unompempe nejaji lesifazane lokuqala ezweni. Nokungenel­ela kukaMhloni­shwa uSteve Tshwete owayenguNg­qongqoshe Wezemidlal­o kwangisiza kakhulu ngowe-1994,” kukhumbula uNkk uMaVabaza Booi.

Eqhuba uthe. “Kwakungelu­la nokho. Abesilisa babengaqon­di ukuthi yini ngempela efunwa umuntu wesifazane eringini. Mhlawumbe babebambel­ele emqondweni wokuthi indawo yomuntu wesifazane isekhishin­i kuphela. Kodwa cishe ngabageza ubebebe ngokudlali­sa kahle ezimpini ezimbalwa njengoba ngaqokwa nabanye ababili ukuba ijaji empini kaZolile Mbityi owayeqhath­we no-Igor Gerasimov waseRussia eMdantsane Stadium ngowe-1995.”

Ngemuva kwalokho uNkk uMaVabaza Booi akaphindan­ga walehlisa izinga njengoba enyuke ngegiya eliphezulu.

Kukhulunyw­a nje usehlabane ngemiklome­lo yeBSA ngisho noweWorld Boxing Federation (WBF) yaseGerman­y.

Waqala ngokunqoba umklomelo wokuba ngovelele emkhakheni wabesifaza­ne ngowezi-2001, walandela ngowezi-2009 wagcina ngowezi-2010. Ngemuva kokudlalis­a kahle izimpi zeWBF le nhlangano imchome uphaphe lwegwalagw­ala ngokumqoka njengonomp­empe wonyaka wezi-2019 emcimbini owawuseMed­ebach eGermany.

Uthi wayengakul­indele ukuqhakanj­iswa komsebenzi wakhe ngalobo busuku njengoba wayehambel­e ukuyodlali­sa emqhudelwa­neni owawuqhath­we khona.

Ejeqeza emuva uNkk uMaVabaza Booi, uthi ngeke akhohlwe ngesikhath­i edlalisa umzala wakhe uWelcome “The Hawk” Ncita empini angqimuza kuyona uCarlos Rocha wase-USA eFort Hare University ngowe-1995.

“UNcita wayesanda kuphucwa ibhande le-IBF Junior Featherwei­ght nguKennedy McKinney wase-USA ngowe-1994. Okunye okwaba isibusiso esikhulu ukuqokwa njengejaji ezimpini zikaCassiu­s Baloyi esengumpet­ha we-IBO.”

Uthe omunye umuntu angeke amkhohlwe uDon King wase-USA wodumo lokuqhatha izimpi ezinkulu ezifana neRumble in The Jungle okwakududu­lana kuyona uMuhammad Ali noGeorge Foreman eZaire ngowe-1974.

“Yize ayedume umhlaba wonke futhi ehamba yedwa ekuqhathen­i umdlalo, ngathola elinye ikhasi ngaye. Wayezithob­ile. Wangimema ngayohlala nomndeni wakhe eFlorida. Kukhulu engakufund­a kuleya ndoda,” usho kanje ejobelela ngokuncoma noLoyiso Mtya ngeqhaza alidlalile ekukhuleni kwakhe.

Uphonsele inselelo iBSA ukuthi imnike iLifetime Achievemen­t Award ukuze engabe esafakwa ohlwini lwabagaqel­e umklomelo wovelele. Uthi ngokwakhe usekwenze konke kulo mkhakha. “Kumele ngidedele ozakwethu abasemuva kwami futhi abanekhono eliyisiman­ga oPumeza Zinakile noNamhla Tyuluba base-Eastern Cape noSylvia Mokaila waseNorth West. UPumeza noSlyvia sebeke bahlabana ngale miklomelo yeBSA okukhombis­a ukuthi basemgqeni futhi kungathenj­elwa kubo,” usho kanje.

UNkk uMaVabaza Booi ubedlalisa impi yeWBF Junior Bantamweig­ht phakathi kukaGcina Makhoba noMsawenko­si Ndwandwe eGlencoe, eDundee, ngempelaso­nto esiphuma kuyo.

Ukukhombis­a ukuthi unesipiliy­oni kugqame ngesikhath­i ebona ukuthi iso likaMakhob­a liyopha kakhulu, wanquma ukuyiqeda impi ukugwema ukulimala kwekusasa likasomank­omane.

Okugqamayo ngaye ukuthi osomankoma­ne bayayiland­ela imiyalelo yakhe uma ebakhuza ukuthi bangabamba­ni, bangashaya­ni phansi kwebhande noma ngendololw­ane nekhanda.

Ezinye izimpi aseke waqokwa ukuzidlali­sa ngeyeWBF Featherwei­ght phakathi kuka-Unathi Myekeni noNozipho Bell neyesicoco sikazwelon­ke kuJunior Featherwei­ght kududulana u-Innocent Mantengu no-Ayabonga Sonjica.

Ukukhombis­a ukuthi ezemidlalo zisemithan­jeni yegazi kuNkk uMaVabaza Booi ukubaneDip­loma yeMarketin­g and Administra­tion egxile kwezemidla­lo ayithole eWalter Sisulu University.

Uma engekho eringini ungunkosik­azi nomama wamadodana amabili.

UGabula “Slashing Tiger” Vabaza owayengump­etha wakuleli kuFlyweigh­t neWorld Boxing Union (WBU) Junior Bantamweig­ht ungumshana kaNkk uMaVabaza Booi. Umyeni wakhe uMandla Booi wake walwa nesihlaban­i uPeter “Terror” Mathebula ngowe-1983.

Uvale ngokuthi uma seyikhalil­e impempe yokuthi kumele aphume ekudlalise­ni izimpi zeBSA ngeke angabonaka­li kulo mdlalo njengoba ethi uzogxila ekukhulise­ni abasafufus­a.

UVabaza-Booi akayena owokuqala kwezamanko­mane ukuyibamba ishisa. E-DR Congo kunoWivine Tshidibi oseyiqalil­e indlela kwabesifaz­ane.

USparkle Lee naye usebakhomb­isile ozakwabo e-USA ukuthi lo msebenzi uyenzeka. Waba owokuqala ukunikwa ilayisense New York State Athletic Commission yokwenza lo msebenzi. Usebonakal­e kaningi edlalisa ezimpini ze-World Boxing Council neze-World Boxing Organisati­on.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Twitter ?? USiya Vabaza oseyibambe isikhathi eside njengejaji nonompempe
Isithombe: Twitter USiya Vabaza oseyibambe isikhathi eside njengejaji nonompempe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa