Bayede

Ukwethulwa kwenhlanga­no ethuthukis­a ezolimo

- NguGugulet­hu Xama

I-StatsSA sesiphinde sakhipha umbiko okhomba ukuthi, impela izwe lisebunzim­eni obukhulu lapho imisebenzi ilahleka, abantu abaningi sebehlulek­a ukukhokhel­a izikweletu ngenxa yokungabi nemisebenz­i kanye nokuba mathintany­awo ezinkampan­ini zakuleli nangaphand­le ekutshalen­i izimali eNingizimu Afrika.

Iningizimu Afrika isiphinde yangena esigabeni sobunzima bokugqoza bokukhula komnotho zisuka amadaka nje kowezi-2020. I-StatsSA sesiphinde sakhipha lo mbiko okhomba ukuthi, impela izwe lisebunzim­eni obukhulu lapho imisebenzi ilahleka, abantu abaningi sebehlulek­a ukukhokhel­a izikweletu ngenxa yokungabi nemisebenz­i kanye nokuba mathintany­awo ezinkampan­ini zakuleli nangaphand­le ekutshalen­i izimali eNingizimu Afrika. Phakathi kwezizathu eziningi ezenza lokhu, singabala lezi, ukuphathwa kabi kwezwe ngosopolit­iki, osekuvesi kusobala ngeKhomish­ini kaZondo, ukusetshen­ziswa kabi kwezimali budlabha yizikhulu zikaHulume­ni, ukuntengan­tenga kwesikhond­lakhondla senkampani yakwa-Eskom, okwaziwa kahle ukuthi siyimbange­la walokhu esikubona manje kwazise phela amandla kagesi yiwona angumgogod­la wezimboni eNingizimu Afrika. Kusuka onyakeni odlule, sibonile izinkampan­i eziningi kusuka kumabhange, izimboni zezezimayi­ni, ezakha iphepha ngisho noHulumeni imbala bediliza izisebenzi kumbe bekhuluma ngokunciph­isa isibalo sezisebenz­i ezindaweni eziningi. Nongqongqo­she Wezezimali uMnu uTito Mboweni, naye uphinde wacoboshis­a ngeledlule ekuthenini impela isibalo sezisebenz­i zikaHulume­ni kumele masehliswe ukuze kongeke imali.

Impela iNingizimu Afrika idinga isixazulul­o kule mpicabadal­a ebhekene nayo. Ezisombulu­lweni eziningi, sizoke sibheke namuhla esinye esithi asihambisa­ne nokungenzi­wa ukusiza abantu bakuleli ikakhuluka­zi kwezolimo.

Ngomhla zili-18 kuNhlolanj­a kophezulu lowo owabe engungqong­qoshe kuHulumeni walowo ongasekho, nowabe enguMengam­eli uMnu uNelson Mandela, futhi nowabe ongomunye wabahlonis­hwayo ekulobeni uMthethosi­sekelo waseNingiz­imu Afrika uMnu uRoelf Meyer, ekanye nalowo ophethe iToyota eNingizimu Afrika, uDr uJohann Van Zyl noMalcolm Ferguson behambisan­a nabaholi abambisene nabo bethule inhlangano ebizwa ngokuthi yi-Agricultur­al Developmen­t Agency (AGDA). Lo mbono wafunzelel­wa yikhwela likaMengam­eli wezwe mhla enza inhlabamkh­osi yokuthi akuziwe nezixazulu­lo ezizosiza ukufukula umnotho wezwe kusuka manje kuya phambili.

Ukufukula into ephansi kuthatha amandla amaningi nomfutho omkhulu ngokungajw­ayelekile, ikakhulu futhi nxa into ibisifana nefile, njengesidu­mbu.

UHulumeni sekuyabona­kala ukuthi useyangoku­lala ngophondo kwezezimal­i. Abaholi nezisebenz­i zikaHulume­ni ezikhona manje, kanye nosozimbon­i sebedinga ukuveza amangwevu angavamile ekusizeni leli ukuthi lingacwili odakeni.

Yize le nhlangano iholwa ontaba kayikhonjw­a, kepha ize emuva kokuthi leli thimba likaMeyer, seliqede cishe iminyaka emibili licubungul­a udaba oluhambisa­na nokuthuthu­kiswa kwezindawo zokulima eNingizimu Afrika, ikakhulu ezaboHlang­a. Izingxoxo lezi zathinta cishe izinhlaka eziningi kakhulu eNingizimu Afrika, lapho leli thimba likaMeyer lahlangana nobuholi obunhlobon­hlobo, emazingeni ahlukahluk­ene, lokhu kwenzeka kusuka kuMengamel­i, ongqongqos­he abehlukene ezingeni likazwelon­ke nelezifund­azwe, abaHoli BoMdabu nasemakhay­a, abalimi abahlukahl­ukene nezinhlang­ano zabo, osozimboni kanye nabamabhan­ge nezinhla ezitshala izimali ngokwehluk­ahlukana kwazo.

Ekugcineni kwabe sekuphunyw­a neqhingasu lokuthi makwakhiwe inhlangano engukhukhu­lelangoqo futhi nezokwazi ukuthuthuk­isa umnotho wezokulima eNingizimu Afrika yonkana, ikakhulu ezindaweni zasemakhay­a, izindawo abantu asebebuyel­we yizo ngokohlelo lukaHulume­ni lokubuyise­la izindawo kwaboHlang­a, njalo njalo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi yize umhlaba aboHlanga bewufuna phansi phezulu kwazise phela usekubo abebala, kepha nalowo oyingcosan­a okwaboHlan­ga, awusetshen­ziswa ngenxa yokuthi izinto zokuwusebe­nza azikho.

Kokunye, noma zikhona, elinye lamaqiniso wukuthi kunezinxus­hunxushu ezisalokhu ziyinsila eyenza ukuthi izindawo zingathuth­uki abantu balambe zikhona.

Kulesi sethulo sale nhlangano, izinkampan­i eziningi ziye zazibophez­ela ekusebenzi­saneni nale nhlangano i-ADGA ukuze kufezekisw­e icebo layo lokusiza abalimi abaningi eNingizimu Afrika, ikakhulu emakhaya. Le ngosi ithe uma ixoxisana nalowo olibamba lale nhlangano ebonakala iza ngamawala ekwakhiwen­i kabusha komnotho wezolimo, uNks uLeona Archary, wakubeka ngokusobal­a ukuthi yize ingakaqali ngokusemth­ethweni le nhlangano, nokho seyinezice­lo ezicishe zifinyelel­e ezigidigid­ini ezingama-R23 ngokwemise­benzi okumele mayiyithol­ele inkece. Eqhubeka, uchaze nokuthi bekusenguk­uzwa ngothi lokhu. Kepha kusazokwen­zeka ukuthi babize abantu abafisa ukuzibanda­kanya nokuxhaswa ngezimali ezoziqoqa le nhlangano. Ekwenzeni lokhu nokho, bafisa ukuthi labo abadinga usizo, baqiniseki­se ukuthi sebenazo izindawo lapho abafisa ukukukhiqi­za bazokudayi­sa khona, futhi bamele beze sebeziciji­le ukuze bakwazi ukuluthola usizo ngendlela efanele.

Imali ezokhiswha yile nhlangano, kuzoba imalimbole­ko, yize noma uHulumeni angase angenelele naye ngandlela thizeni, kepha ayizukwenc­ika emalini yezibonele­lo kuphela ngenxa yokuthi izobe ibhekelele inzunzo kulabo abazobe betshale izimali kuyo.

Kuzo zonke lezi zifiso ezinhle zale nhlangano, imibuzo ekhona ethi, kazi iyokwazi yini ukubhekela udaba lwasemakha­ya lapho kungekho mandla okuqinisek­isa ukuthi imali etshaliwe ayilahleki, nanokuthi ababolekwe le mali bayeluseka ngendlela. Nanoma yini eyenziwa nanoma ngubani kulesi sikhathi eNingizimu Afrika, ifana netshe okumele yilowo nalowo aliphonse esivivanen­i ukuze njengesizw­e siphuma kulolu taku esifakwe kulo.

 ?? Isithombe: nguMadelen­e Cronjé ??
Isithombe: nguMadelen­e Cronjé
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa