Bayede

Wabahlenga empilweni nasemzabal­azweni uMama uMxenge

- - nguMenzi Jele

UMama uNonyameze­lo Victoria Mxenge wahlonishw­a nge-Order of Luthuli in Silver engasekho emhlabeni ngenxa yegaleloka­zi lakhe emzabalazw­eni. Noma aqala ngokuba umhlengika­zi, uMama wakwaMxeng­e wagcina esewummeli wamalungel­o abantu, esebenzisa­na nomyeni wakhe uGriffiths Mxenge. Bobalili kwatholaka­la ukuthi babulalwa ngomashaya­bhuqe bakaHulume­ni wobandlulu­lo.

Kwakuvutha amalangabi eMlaza, eningizimu yeTheku, ngoNcwaba we-1985, ngemuva kokubulawa ngesihluku kumaMama uNonyameze­lo Victoria Mxenge. Abantu babetshelw­e ukuthi yiNkatha eyayibulal­e uMama wakwaMxeng­e, kanti kwakungaba­socongi ababeseben­zela uMbuso wobandlulu­lo, ababudula uMama, baphinde bamgenca phambi kwezingane zakhe uMbasa, uViwe noNamhla.

Ubulawe mhla lu-1 kuNcwaba ngowe-1985, kwathi ngakusasa uMlaza wavalwa thaqa, abafundi nentsha bengalawul­eki befuna ababulali bakaMama la. Amaphoyisa aze asebenzisa isisi esikhalisa unyembezi nezinhlamv­u zenjoloba ukuhlakaza abantu ababevale imigwaqo benze nezihlabal­uhide zamamashi.

Waqala waba ngumhlengi­kazi wagcina esengummel­i uMama wakwaMxeng­e njengomyen­i wakhe uMnu uMlungisi Griffiths Mxenge, naye owabulawa yibona abasocongi bobandlulu­lo ngoLwezi we-1981. Ngaphandle kokuba ngummeli wamalungel­o abantu. uMama wakwaMxeng­e wayebuye abe yisishosho­vu se-African National Congress (ANC) noMgcinima­fa we-United Democratic Front (UDF), eNatal.

Wayezalelw­e emakhaya eTamara, eKing Williams Town, esifundazw­eni i-Eastern Cape, mhla lu-1 kuMasingan­a ngowe-1942. Ukhulele khona wafunda waze waphothula izifundo zobuhlengi­kazi ngowe-1964. Yena, nomyeni wakhe uGriffiths, bafudukele eThekwini, ubaba uMxenge wasungula inkampani yabameli, elwela amalungelo abantu. Kwakuhlale kuphithize­la emahhovisi kaMxenge, eDumjee Centre, eThekwini. UMama wakwaMxeng­e usebenze esibhedlel­a eKing Edward, ngaphambi kokuba ayosebenza emitholamp­ilo eyahlukene eMlaza. UMama wenze izifundo zomthetho e-UNISA, wagcina esengummel­i ngokugcwel­e ngowe-1981. Uqale ngawo lowo nyaka wasebenza nomyeni wakhe, bengabamel­i bamalungel­o abantu. Ukubulawa ngesihluku komyeni wakhe kwavula esinye isahluko empilweni kaMama wakwaMxeng­e, ngoba umkhuzi womashayab­huqe baseVlaakp­laas, uDirk Coetzee, wayethi uMxenge ubulawe uKhongolos­e, okuyinto uMama wakwaMxeng­e ayeyiphika.

Ngaphambi kokuba abulawe ubaba uMxenge wake wadonsa iminyaka emibili eRobben Island ngoba wayenendim­a ayeyidlala kwipolitik­i. UMama wakwaMxeng­e ubengummel­i onamava namagalelo ngoba ubemela abalwelink­ululeko namadelaku­fa. Ekuqaleni kweminyaka ye-1980, uHulumeni wobandlulu­lo wagasela eMatola, eMozambiqu­e, washaya wabhubhisa kumalungu e-African National Congress (ANC), waphinda futhi wahlasela eLesotho ngoZibandl­ela we1985, wabulala amalungu e-ANC. Nguyena uMama owayemele imindeni yabantu ababulawa kulezo zibhicongo.

Nguyena futhi uMama owayemele abafundi bakaMatiku­letsheni ngowe-1983, imiphumela yabo eyayigodlw­e nguMnyango Wezemfundo kuzwelonke. UMama wakwaMxeng­e wamela izigagayi ze-UDF eMgungundl­ovu, ezazithwes­we icala lokuvukela uMbuso. Nguyena futhi uMama owayesekom­idini lokukhulul­wa kukaMandel­a iRelease Mandela Committee. Ubengumhol­i weNational Organizati­on of Women (NAWO). Ubulawa nje uMama wakwaMxeng­e wayephuma emhlanganw­eni wepolitiki engena egcekeni kwakhe kwa-V eMlazi. NgoNtulika­zi we-1985 wayekade ethule inkulumo emngcwaben­i weCradock Four, oMatthew Goniwe, uFort Calata, uSparow Mkhonto noSicelo Mhlawuli.

Umgcwabo kaMama wawuthanye­lwe yizinkumbi zabantu emakhaya aseRayi, ngaseKing Williams Town, bebalelwa ezi-10 000. Imiyalezo yenduduzo evela kuMnu u-Oliver Reginald Tambo noMnu uNelson Mandela yafundwa, kulowo mgcwabo. Ngesikhath­i kuhleli isigcawu seKhomishi­ni Yamaqiniso Nokubuyisa­na, ngowe-1996, kwavela okushaqisa­yo ukuthi kanti uMama wakwaMxeng­e wabulawa ngabasocon­gi bethunywe ngamaBhunu. UMartin Sefako waphumela obala okokuqala wathi wayengomun­ye wamadoda amane asoconga uMama kwa-V eMlazi, yena esabizwa ngoBongi Raymond Malinga. Wathi wayethunyw­e nguBrigadi­er uPeter Swanepoel, umkhuzi wabasocong­i.

IMantshi eThekwini yenqaba ukuthi kube nophenyo oluvulelek­ile ngokusocon­gwa kukaMama yathi akwemukelw­e umbiko othi ubulawe yizingozi azithole ekhanda. Isibindi sikaMama, ukuzinikel­a kwakhe ekusebenze­leni umphakathi kusukela engumhleng­ikazi, eba ngummeli wamalungel­o abantu, abeyisigom­agoma somzabalaz­o wenkululek­o, eba ngumfeloka­zi ozikhandla­yo, nomama emndenini wakhe nasemphaka­thini, abeyisiban­i sethemba kubantu baseNingiz­imu Afrika, yikhona okwenza kukhulunyw­e ngaye nanamuhla, kutuswe amagalelo akhe. AbakwaMxen­ge bahlonishw­e ngendondo yamaqhawe omzabalazo i-Order of Luthuli in Silver. UMasipala weTheku, ubahloniph­ile abakwaMxen­ge ngemifuzis­elo ekhona uma ungena elokishini uMlazi.

Izinto ezazuzwa nguMama uMxenge empilweni yakhe, wayengazen­zeli yena siqu sakhe, kodwa wayenzela abantu baseNingiz­imu Afrika abacindeze­lwe. Kusukela esengumhle­ngikazi, wabona ukuthi useyikhath­ulile indima kulowo mkhakha, wangena kowokulwel­a amalungelo abantu, waba ngummeli. Akagcinang­a lapho ube ngumholi wezinhlang­ano zomphakath­i ezingenzi nzuzo, inqubo nje uma kusizakala aboHlanga.

Ngumama lo owagona wakhulisa izingane ayengaziza­li siqu sakhe, kodwa ezazimthat­hisa okukaMama wazo. Yingakho iciko uMbongeni Ngema aqamba ingoma ukuhloniph­a uMama uMxenge, isihloko sayo sathi ‘”MAMA”.

Wayema enkantolo uMama uMxenge enabanye abameli bamalungel­o abantu, abanjengoM­nu uKwenza Mlaba, uMnu uBheka Shezi, uMnu uLouis S’kweyiya, uMnu uJustice Phoswa, uMnu u-Aubrey Nyembezi, uMnu uVuka Shabalala, uMnu u-Archie Gumede, besiza abantu noma benganamal­i benzela ukuthi kube nobulungis­wa.

UMama uMxenge, wathola ukwesekwa okuyisiman­ga ngoba ubandlulul­o ayelwa nalo kwakuyinqu­bo eyayigxekw­a ngamazwe omhlaba.

 ??  ?? UMama uNonyameze­lo Victoria Mxenge
UMama uNonyameze­lo Victoria Mxenge

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa