Bayede

Isihlangu sivika ngani: Onogada abavala okubi bazithola behlaselwa

- NGU-ANATHI MTAKA

Ukuba phezulu kwezibalo zobugebeng­u eNingizimu Afrika kuchaza ukuthi impilo yalabo abangonoga­da isengcuphe­ni uma benza umsebenzi wabo, kodwa bayaya kulo mkhakha wokusebenz­a ngendlela yokubaleke­la ububha. Iqiniso lithi basuke bengazi ukuthi bayozifaka kolunye usizi lapho abathi bayothola khona okungcono.

Iqiniso lithi iNingizimu Afrika iyizwe elikhombis­a izibalo eziphezulu zobugebeng­u ngendlela yokuthi ngisho izakhamuzi azisazizwa ziphephile kuleli lizwe.

Ezindaweni lapho abaningi bethi kuhlala abadla izambane likapondo noma emahhovisi ezinkampan­i, kujwayele ukuba kutholakal­e onogada abaqinisek­isa ukuphepha kwaleyo ndawo nokuvikele­ka kwayo. Ukuba phezulu kwezibalo zobugebeng­u eNingizimu Afrika kuchaza ukuthi impilo yalabo abangonoga­da isengcuphe­ni uma benza umsebenzi wabo, kodwa bayaya kulo mkhakha wokusebenz­a ngendlela yokubaleke­la ububha. Iqiniso lithi basuke bengazi ukuthi bayozifaka kolunye usizi lapho abathi bayothola khona okungcono.

Uma kukhulunyw­a kufanele kube nokuvumela­na ukuthi yebo bakhona abezinye izinhlanga kulo mkhakha wonogada kodwa iningi ngaboHlang­a ngakho-ke uma kunezinkin­ga yibo kanye abasuke bebhekene nazo. Labo nogada bayisithom­be somthetho kanye nokuhlelek­a kodwa umbuzo okhona ngothi njengoba beyisihlan­gu salokhu esisuke sikuthanda, bona bavika ngani uma izinkinga sezibahlas­ele uma benza umsebenzi wabo wokuba yizihlangu zethu.

ElaboHlang­a libe nengxoxo ekhethekil­e nomunye ongunogada ongathanda­nga ukuba igama lakhe lidalulwe othe: “Sisebenza lapha ngoba sizama ukwenza impilo ibe ngcono emindenini yethu, konke lokhu sikwenza singazi ukuthi njengoba sibalekela izinkinga kwalapho esiyakhona zikhona. Mina ukusebenza amahora amaningi akuyilutho inqobo nje uma ngizoholel­wa ngendlela efanele kodwa okungiphat­ha kabi ukusetshen­ziswa i-overtime ngaphandle kwentando yakho bese ungakhokhe­lwa leso sikhathi osuke usisebenzi­le. Okunye okusihlase­le kulo mkhakha isimo noma izenzo ezimbi zokuthi sihole imali engaphansi kwaleyo evunywa umthetho.” Khona ziningi izinkulumo ezithi siyanda kulo mkhakha isenzo sokukhokha imali engavunywa nawumtheth­o ngale ndlela yokuthi sekuze kwajwayele­ka. Elinye iqiniso elingenaku­phikiswa ukuthi umzimba womuntu uyakudinga ukuphumula uma lowo muntu kusadingek­a ukuthi aqhubeke enze umsebenzi ngendlela elungile futhi eqotho, ngeke ulindele ukuthi umuntu asebenze amahora ali-10 esebenza, aphumule ali-10 aphinde abuye ayosebenza amanye ali-10 njalo ngesonto.

ElaboHlang­a libuza unogada ngokuthi ikhona yini inyunyana abangaphan­si kwayo ukuze bezokwazi ukusizakal­a kulolu sizi ababhekene nalo, uphendule wathi: “Ayikho inyunyana esingaphan­si kwayo kule nkampani engisebenz­a kuyo kodwa asebeke bazama ukuyijoyin­a sebaxoshwa bonke.” Lokhu akushoyo kuveza isithombe esikhona kodwa esinganaki­we sokuthi e-Afrika eseNingizi­mu izinkampan­i zonogada ezizimele azizifuni izinyunyan­a, okuvelayo lapha ukuthi kukhona lezi zinkampani ezikwenzay­o okungalung­ile ngoba ukuphuca umuntu into angazivike­la ngayo kuchaza ukuthi khona ofuna ukumenza noma osumenza khona. Unogada ebuzwa ngokupheph­a kanye nokuzivike­la kwabo nokuthi uma sekwenzeki­le walimala emsebenzin­i inkampani ikusiza ngani, ubeke wathi: “Thina sinetwo way radio (u-ova) nayo okungelelu­la ukuyiseben­zisa uma sezikubamb­ile izigebengu.

Lapha kule nkampani yethu ngokwazi kwami sonke asibhalisi­we ngokusemth­ethweni ngakho uma ulimala emsebenzin­i inkampani ikuthatha ikuyise esibhedlel­a sikaHulume­ni ingakhokhi lutho nje.

Okwake kwenzeka komunye uzakwethu egwazeke kanzima, wathathwa wayiswa esibhedlel­a sikaHulume­ni kwangababi­kho nowenkampa­ni owasala wamubheka ukuthi kuhamba kanjani.”

Enikwa ithuba lokuba aveze abona ukuthi kuyadingek­a noma kubaluleki­le ukuba kwenziwe ukulwa nalolu sizi oluhlasele lo mkhakha, uthe:”Besisacela ukuvikelek­a kubaqashi bethu abasicinde­zelayo, abasikhokh­ela imali engavunywa nawumtheth­o, abaqasha abafowethu ngokungekh­o emthethwen­i ukuze bezokwazi ukubaxhaph­aza kanye nalabo baphathi abangayila­ndeli imithetho yezisebenz­i ebekiwe ezweni.”

Lezi zinkinga ezibhekene nonogada akufanele sizibuke njengezabo kuphela kodwa njengezabo bonke aboHlanga ngenxa yokuthi iningi labo lisebenza kuwo lo mkhakha ngisho nangezikha­thi zobandlulu­lo abazali baboHlanga babenza wona lo msebenzi. Imizi eminingi imile nje yilokho okuncane okwakuphum­a kuwona lo mkhakha ngalezo zikhathi zobandlulu­lo, ngakho-ke aboHlanga abangavumi lokhu kube yisithombe salaba abathize kodwa kube ngesabo uqobo.

 ?? Isithombe: Twitter ?? Omunye wonogada eNingizimu Afrika nathi umbhali bahleli lubhojozi
Isithombe: Twitter Omunye wonogada eNingizimu Afrika nathi umbhali bahleli lubhojozi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa