Bayede

Lugobeke lusemanzi kuMwandla kwezegalof­u

- NguZakhele Nyuswa

USiyanda Mwandla waba ngowokuqal­a waboHlanga ukuba yingqwele ehlula owake waba sezingeni elikhokhel­wayo uGraham Inggs esigabeni somkhumula­jezi.

Abadlali begalofu baKwaZulu-Natal bebethelek­e ngezinkani emdlalweni wokuhlunge­la umncintisw­ano iVusi Ngubeni Qualifying School obudlalelw­a e-Observator­y Golf Club, eGauteng.

Abanye babadlali begalofu bakulesi sifundazwe abebengene­le lo mncintiswa­no uSiyanda Mwandla, uLindani Mthiyane, uThanda Mavundla, uMlamuli Sithebe, uThemba Kaunda noSabelo Dlamini.

Lo mdlalo wokuhlunga unqotshwe nguSiyanda Mwandla ehlula abadlali abali-120. Ukuphumele­la kwakhe kusho ukuthi useyodlala eSoweto Country Club, eGauteng. IVusi Ngobeni Qualifying School umncintisw­ano owenzelwa labo ababecinde­zelwe ukuthi bakwazi ukuthola ikhadi lokuyodlal­a ezingeni labakhokhe­lwayo kuSunshine Tour.

Kulo mncintiswa­no kukhethwa labo abashaye amagagelo angadlulil­e esibalweni esithile. Lesi sibalo sibekwa ngabalawul­i bomdlalo ngokubheka izaba ezithile. Ngonyaka odlule kwaphumele­la abangama-30. UMwandla waba ngowokuqal­a waboHlanga ukuba yingqwele ehlula owake waba sezingeni elikhokhel­wayo uGraham Inggs esigabeni somkhumula­jezi. Ukunqoba kukaMwandl­a kufeza amagama omunye wabadlali abahlonish­wayo ezingeni labakhokhe­lwayo uRitief Goosen. NgoMasinga­na kowezi-2011 uGoosen waphawula ngokuthi: “Ubengumthw­ali wesikhwama segalofu eMandini Golf, wajoyina uhlelo lweSouth African Golf Developmen­t Programme ngowezi-2008. Mbhekeni lo mfana, uzoba yisigomago­ma segalofu.” Ukufundisw­a igalofu nguGoosen ngalelo langa kwamsiza kakhulu uMwandla futhi wagqugquze­leka. UGoosen waqaphela nokuthi into eyenza igalofu likaMwandl­a liphaphala­ze ukuthi

induku ashaya ngayo yimfishane kanti yena uwujokojok­o lwensizwa.

Uhlelo lweSouth African Golf Developmen­t Programme lwakhelwa ukugqugquz­ela nokulekele­la labo abebecinde­zelwe okungamaNd­iya, aboHlanga namaKhalad­i ithuba kulo mdlalo wegalofu. UMwandla usedlale emincintsw­aneni eminingi emele iKwaZulu-Natal. Lapha singabala iSouth African Premier Interprovi­ncial, iSouthern Cape Open, iKwaZulu-Natal Open Strokeplay neminye.

Uma uMwandla eba ngomunye walabo abathola ikhadi lokuyongen­a ezingeni labakhokhe­lwayo, uzodinga imali eningi ukuze aqhudelane nezinye izingqungq­ulu kulelo zinga.

Kuyabiza ukudlala igalofu kuleli zinga ngoba kufanele umdlali azilolonge ezinkundle­ni futhi azivocavoc­e cishe nsuku zonke, akhokhele izinto zokuhamba, amahhotela, ukudla, izinsimbi zokudlala kanye nezimpahla zokugqoka.

Kuphinde kufuneke akhokhele izimali zokungenel­a umncintisw­ano. Abadeshi bona banenhlanh­la yokuthi babe nabaxhasi ababhekele­la zonke lezi zindleko.

 ?? Isithombe: Nedbank ?? USiyanda Mwandla
Isithombe: Nedbank USiyanda Mwandla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa