Lugobeke lusemanzi kuMwandla kwezegalofu
USiyanda Mwandla waba ngowokuqala waboHlanga ukuba yingqwele ehlula owake waba sezingeni elikhokhelwayo uGraham Inggs esigabeni somkhumulajezi.
Abadlali begalofu baKwaZulu-Natal bebetheleke ngezinkani emdlalweni wokuhlungela umncintiswano iVusi Ngubeni Qualifying School obudlalelwa e-Observatory Golf Club, eGauteng.
Abanye babadlali begalofu bakulesi sifundazwe abebengenele lo mncintiswano uSiyanda Mwandla, uLindani Mthiyane, uThanda Mavundla, uMlamuli Sithebe, uThemba Kaunda noSabelo Dlamini.
Lo mdlalo wokuhlunga unqotshwe nguSiyanda Mwandla ehlula abadlali abali-120. Ukuphumelela kwakhe kusho ukuthi useyodlala eSoweto Country Club, eGauteng. IVusi Ngobeni Qualifying School umncintiswano owenzelwa labo ababecindezelwe ukuthi bakwazi ukuthola ikhadi lokuyodlala ezingeni labakhokhelwayo kuSunshine Tour.
Kulo mncintiswano kukhethwa labo abashaye amagagelo angadlulile esibalweni esithile. Lesi sibalo sibekwa ngabalawuli bomdlalo ngokubheka izaba ezithile. Ngonyaka odlule kwaphumelela abangama-30. UMwandla waba ngowokuqala waboHlanga ukuba yingqwele ehlula owake waba sezingeni elikhokhelwayo uGraham Inggs esigabeni somkhumulajezi. Ukunqoba kukaMwandla kufeza amagama omunye wabadlali abahlonishwayo ezingeni labakhokhelwayo uRitief Goosen. NgoMasingana kowezi-2011 uGoosen waphawula ngokuthi: “Ubengumthwali wesikhwama segalofu eMandini Golf, wajoyina uhlelo lweSouth African Golf Development Programme ngowezi-2008. Mbhekeni lo mfana, uzoba yisigomagoma segalofu.” Ukufundiswa igalofu nguGoosen ngalelo langa kwamsiza kakhulu uMwandla futhi wagqugquzeleka. UGoosen waqaphela nokuthi into eyenza igalofu likaMwandla liphaphalaze ukuthi
induku ashaya ngayo yimfishane kanti yena uwujokojoko lwensizwa.
Uhlelo lweSouth African Golf Development Programme lwakhelwa ukugqugquzela nokulekelela labo abebecindezelwe okungamaNdiya, aboHlanga namaKhaladi ithuba kulo mdlalo wegalofu. UMwandla usedlale emincintswaneni eminingi emele iKwaZulu-Natal. Lapha singabala iSouth African Premier Interprovincial, iSouthern Cape Open, iKwaZulu-Natal Open Strokeplay neminye.
Uma uMwandla eba ngomunye walabo abathola ikhadi lokuyongena ezingeni labakhokhelwayo, uzodinga imali eningi ukuze aqhudelane nezinye izingqungqulu kulelo zinga.
Kuyabiza ukudlala igalofu kuleli zinga ngoba kufanele umdlali azilolonge ezinkundleni futhi azivocavoce cishe nsuku zonke, akhokhele izinto zokuhamba, amahhotela, ukudla, izinsimbi zokudlala kanye nezimpahla zokugqoka.
Kuphinde kufuneke akhokhele izimali zokungenela umncintiswano. Abadeshi bona banenhlanhla yokuthi babe nabaxhasi ababhekelela zonke lezi zindleko.