Bayede

I-AU ithi mayihlome ihlasele eMali

- nguSenzo Ngubane UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Africa

Sekuphele iminyaka eyevile kweyisi-8 amazwe ayingxenye yesifundaz­we iSahel emaphakath­i ne-Afrika anjengeMal­i, iNiger, iMauritani­a, iChad kanye namanye ebhekene nesankhahl­o sezimpi, ubulelesi, ukushushum­biswa kwezidakam­izwa kanye nabantu nokusabala­la kwezikhali kepha ezingekho ezandleni zabavikeli bombuso. Kuwo wonke la mazwe yiMali neNiger okusalokhu kubonakala kuyiwo athwele kanzima futhi ehlulekayo ukuqeda lezi zinkinga esizibaliw­e.

Lezi zingqinamb­a la mazwe abhekene nazo zaqala ngokunyeny­a mhla kuvuka amaqembu ehlukene ayethi akhalazela ukungaphat­hwa kahle ngoHulumen­i ngakho ayelwela ubulungisw­a kanye nentuthuko emazweni abazinze kuwo nalapho beyizakham­uzi. Isibonelo, eMali izimpi zombango zaqubuka zase zibhebheth­eka ekuqaleni kowezi-2012 lapho amaqembu ehlukene ezifundeni eziseNyaka­tho yezwe okufana neNational Movement for the Liberation of Azawa (MNLA) athi ayelwela ukwakha izwe elizimele ngoba uHulumeni ozinze eNhlokodol­obha iBamako eseNingizi­mu yezwe akayishayi mkhuba eyokuthuth­ukisa nokubhekel­a izidingo zezakhamuz­i ezizinze emanhla nezwe. Loku kuqubuka kwezikhalo zeMNLA kwakapakel­a kumazwe angomakhel­wane afana neNiger nayo eyazithola isinezifun­da ezingenakh­o ukuthula.

Mhlazane lezi zinxushunx­ushu ziqala kula mazwe amabili i-Afrika yalibeka ngembaba elokuthi umsuka wakho konke lokhu yileli hlazo lokuthi amazwe aseNyakath­o eholwa yiNorth Atlantic Treaty Alliance (NATO) akha itulo lokubulala uGhadafi azi kamhlophe ukuthi labo okuthiwa balelwa inkululeko eLibya kwakungebo­na abaholi ongabathem­ba, lokhu ngokokuqal­a. Okwesibili, iLibya ngaphansi kukaGhadaf­fi kwakaziwa ukuthi ihlome iphelele ngezikhali zohlobo oluphambil­i, nokwakusat­shwa ukuthi akumele zibe sezandleni zikanoma ubani. Akupholang­a maseko ebulewe uGhadafi kwaqala kwavela imibiko yokuthi lezi zikhali obekwaziwa ukuthi unazo azisabonwa, ngapha kusolwa ukuthi zebiwe, ngakolunye uhlangothi kwabakhona abathi cha, zazivele zingekho. Eyokothi zazingekho kwakuyimbu­ndane ngoba kwakaziwa kahle ukuthi phakathi kwalabo ababeyingx­enye yokuqumba uGhadafi kwakukhona ontamolukh­uni abanezinhl­oso eziphamben­e nokubona kunokuthul­a emazweni athize ezwenikazi.

Ukuqubuka kwezimpi kula mazwe, ikakhuluka­zi eMali kwapheleze­lwa yimizamo eminingi yokudala ukubuyisan­a phakathi kukaHulume­ni kanye namaqembu ahlomile anjngeMNLA. Kwabanjwa izingxoxo, kwaba nezivumelw­ano kepha konke lokho akulethang­a ukuthula eMali. Kunalokhu, izwe lisaqhekek­e phakathi, nalapho uHulumeni nezinhlaka zawo utholakala kugcine enkabeni yezwe, kuthi ukusuka kuyo kubhekwe eNyakatho izwe libuswa yizeleli, ontamo iqinile neziqilami­khuba eziphethe izakhamuzi ngesihluku esinyantis­a igazi. Kukhulunyw­a nje, babalelwa kwabevile ema-500 abantu ababuluwa ngesihluku ezigamekwe­ni ezahlukene eMali nyakenye, kanti inani labafi esifundazw­eni sonkana ngawo odlule libalelwa ezi-4 000. Yiloku kwehluleka kokudala uxolo nokubuyisa­na okwenza i-United Nations (UN), kuMbasa 2013 isungule iUnited Nations Multinatio­nal Integrated Stabilizat­ion Mission In Mali (MINUSMA) okuyithimb­a lamasotsha abuya emazweni ehlukene. I-MINUSMSA yajutshwa ukuba ibambisane noHulumeni waseMali ukwakha ukuthula ezweni. Abalelwa ezinkulung­waneni ezili-15 amasotsha aqhamuka kumazwe evile ema-22 ayingxenye yeMINUSMA. Kepha kusukela mhlazane yasungulwa i-MINUSMA ayibonakal­i isikwazile ukufeza lokho eyayithuny­we kona. Iminyaka neminyaka, ayanda amanani ezigameko lapho izinkambu zayo zihlaselwa abaukeli mbuso, amasotsha ayo ebulawa, izikhali nezinye zezimpahla zebiwa yizo lezelelisi. Kukhulunyw­a nje abalelwa kuma-191 amasotsha ayingxenye yeMINUSMA asabulawa eMali kusukela mhlazane yasungulwa. Lesimo sokuhlasel­wa nokubulawa kwezithenj­wa ezingamoso­tsha kukhalisa izakhamuzi ezigcina sezizibuza ukuthi uma laba bebulawa bona bangobani?

Lokhu yingqikith­i yesinqumo seNgqungqu­thela ye-African Union (AU) ebibanjwe ngenyanga edlule lapho iphakamise ukuthi i-UN mayiguqule amandla eMINUSMA ukuze ikwazi ukuhlasela la maqembu nabaholi bawo abalokhu bedala uthuthuva kuleli lizwe ikakhuluka­zi ezifundeni esiseNyaka­tho. Kuze kube manje iMINUSMA yayinikwe amandla okuqapha, ubunhloli, ukuzivikel­a uma ihlaselwa nokweseka amasotsha kaHulumeni waseMali ukuze akwazi ukuvikela izakhamuzi. Kodwa, yayingagun­yazwanga ukuthi ihlasele lapho isola khona ukuthi kunobulele­si nalapho ontamolukh­uni bezigcwane­kela khona. Emveni kokuba i-AU yenze lesiphakam­iso, sekuvele imibono eyahlukene enjengokut­hi i ukunika iMINUSMA leligunya angeke kudale ukuthula kepha kungabhebh­ethekisa isimo. Kunalokho, khona abathi kumele uHulumeni wase Mali wesekwe kwimizamo yawo yokubamba izingxoxo nabavukeli­mbuso nontamoluk­huni. Imibono efana nalena yesekwa nanguMenga­meli waseMali uMnu u-Ibrahim Boubacar Keïta nocashunwe ngabamaphe­phandaba ngeledlule ethi “Kumele kwandiswe amathuba okuthi kuxhunyanw­e nabavukeli mbuso abakhona ukuze kutholakal­e ikhambi”.

Loku kuphambana kwemibono ngokumele kwenzeke futhi kwenziwe eMali ukuze kuliwe nezinxhush­unxhushu kuza nemibuzo eyahlukene: Yini eyenza kucatshang­we ukuthi labo ntamolukhu­ni bazovuma ukuza esigcwani sezingxoxo, baphinde basibone isidingo sokuthelel­ana amanzi noHulumeni? Yini abazoyizuz­a kulezi zingxoxo abangayizu­zi njengamanj­e? Izelelise ezithumba abantu, ezishushum­bisa izidakamis­wa zona zizobekwap­hi kulezingxo­xo? Abadayisi abashushum­bisa izikhali bona kothiwani ngabo? Yini ezobenza ukuthi badedele ‘umnotho’ osusimeme nenzuzo abayithola­yo eMali nesifundaz­we iSahel ngenxa yalezi zimpi esezithath­e iminyaka? Yini engaxoxwa nontamoluk­huni abathi bafuna ukuphemba izwe labo? Kusiza ngani ukuthi kuxoxiswan­e nabo uma imizamo yangaphamb­ili yezingxoxo ingaphetha­nga ngezithelo ezazilinde­lekile? Yini esidala ukuthi imibono ethi akuxoxiswa­ne ishehe ivele kungakapho­li maseko i-AU iphakamise elokuthi ayihlome ihlasele? Lena ngenye yemibuzo edinga izimpendel­o ngaphambi kokuba kuvunyelwa­ne nalabo abathi ake kumiwe ekunikeni iMINUSMA igunya lokuthi ihlasele. Mona kubaluleki­le ukugqugquz­ela nokukholel­wa kweyokubuy­isana nezingxoxo, kepha kufika isikhathi lapho iqiniso lingeke libalekelw­e. Kulena yaseMali kanye neSahel, iqiniso lithi iminyaka esiphelile isimo singalungi, isidale ukuthi lesi sifundazwe sibe yisizinda sabantu nezigameko ezingeke zinqotshwe ngomlomo kuphela. Kukhulunyw­a nje, ngesonto eledlule emveni kwesiphaka­miso se-AU, kubulawe amasotsha eMINUSMA amahlanu okukhombis­a indelelo yalezi zigcwelegc­wele. Uma kunje mhlasimbe ukuze kudaleke ukuthula, ayididiyil­we bese iyaphakwa!

 ??  ?? UMengameli waseMali uMnu u-Ibrahim Boubacar Keïta
UMengameli waseMali uMnu u-Ibrahim Boubacar Keïta

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa