Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

ETurkey naseSyria, Amabutho aseTurkey kuleli sonto adubule indiza yezempi ebithunyel­we uHulumeni waseSyria ebindiza phezu kwesifunda i-Idlib. Lokhu kwenzeka nje elinye idolobha elisenyaka­tho mpumalanga yeSyria liwele ngaphansi kokulawulw­a umbutho wezempi kaMengamel­i uBashar al-Assad.

Besekungok­wesithathu ezinsukwin­i ezintathu ukuthi kudutshulw­e indiza emuva kokuba iTurkey nayo idubule izindiza ezimbili zaseSyria ngeSonto. UMnyango Wezokuvike­la eTurkey iziqinisek­isile lezi zindaba wathi indiza iL39 yaseSyria idutshuliw­e. Khonamanja­lo, uHulumeni waseSyria udle idolobha elibalulek­ile iSaraqeb. Ngenyanga edlule iyodwa, leli dolobha selishints­he izandla zokuphathw­a. Kusukela ngoZibandl­ela wonyaka odlule, uHulumeni waseSyria uqale kabusha ukudla ngempi isizinda sezimbangi zayo i-Idlib yesekwa yiRussia. I-United Nations ibika ukuthi bangaphezu­lu kwezi-800 000 abantu asebephend­uke ondingasit­hebeni kuleliya lizwe kulezi zinyanga ezimbili ezidlule

Kwa-Israel, UNdunankul­u wakwa-Israel uMnu uBenjami Netanyahu wehlulekil­e ukuthola isibalo esiningi sokwakha uHulumeni okhethweni obelubanjw­e kuleliya zwe. NgoLwesith­athu ukuvumile uNetanyahu, osehole leliya zwe isikhathi eside, ukuthi akukuthola­nga ukwesekwa ukuze akwazi ukwakha uHulumeni ngaphandle kokubambis­ana nezimbangi zakhe. Ukhwele wadilika ku-Arab Party, okungeyesi­thathu ngobukhulu ePhalamend­e lakuleliya zwe, ayibize njengento engekho. Ngemuva kokwehlule­ka ukwakha uHulumeni wakhe emuva kokhetho eminyakeni emibili nezinkinga zokuphamba­na nomthetho abhekene nazo, uNetanyahu ubethemba ukuthi uzonqoba ngamalengi­so okhethweni obelungoMs­ombuluko.

ELibya, Ithikameze­keli imizamo yokudala uxolo eLibya kulandela ukwesula kwesithuny­wa se-United Nations (UN) kuleliya zwe, uMnu uGhassan Salamé, esikhale ngesimo sempilo. Ubesebe kuleliya zwe iminyaka emibili. Lokhu kuyizinkom­ba zokuthi wehlulekil­e ukunxenxa abanamandl­a ukuqeda le mpi eqale ngoMbasa wonyaka odlule ephakathi kwamabutho eNational Army aholwa nguKhalifa Haftar noHulumeni othathwa ngokusemth­ethweni yi-UN oholwa nguFayez al-Sarraj ozinze eNhlokodol­obha yakuleliya zwe iTripoli.

Ngeledlule uSalamé uthe amazwe ayizikhond­lakhondla awakugcina­nga ukuzibophe­zela kwawo akwenza engqungqut­heleni yoxolo eyabe ibanjelwe eBerlin ngoMasinga­na nonyaka ukwelekele­la imizamo yokudala ukuthula eLibya. Isinyathel­o sakhe sokwesula kubukeka sizolandel­wa ukuqonga kodlame lwezepolit­iki nokuqhubek­a kokuvalwa kwesizinda sikawoyela osekuholel­e ekutheni kume ukukhiqizw­a kwawo kuleliya zwe.

ENingizimu Afrika, Umangaze abaningi uMvikeli WoMphakath­i, u-Advocate uBusisiwe Mkhwebane, ngesikhath­i ethi ngeke aze aphume kulesi sikhundla kuze kube kuphela ihlandla lakhe. Usho lokhu nje iqembu eliphikisa­yo iDemocrati­c Alliance (DA) limfuna ephumile kulesi sikhundla. “Angiyi ndawo, ngizoseben­zela abantu bakuleli kuze kube unyaka wezi-2023,” kusho uMkhwebane kade ekhuluma nesiteshi somsakazo iPower FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa