Bayede

Amazwibela emibono yabantu ngesifo iCoronavir­us

- NguSabelo Maphumulo noLinda Ximba

Ngemuva nje kokuthi uMnyango Wezempilo uqinisekil­e ukuthi sekutholak­ale ukuthi kunowesili­sa ohlaselwe yilesi sifo, elaboHlang­a ligijime layovimbez­ela izakhamuzi ngenhloso yokuthola ukuphawula kwazo ngalo mhlola osukhuzwa ebaleni.

Abanye bakhombise ukwethuka kanti abanye bazithele ngabandayo, nokudumazi­le kwazise besibuza ngesifo esesibhuqa­bhuqe abantu bamazwe athathwa njengezikh­ondlakhond­la ngokuba nezinsiza namandla.

UMnu uSiphiwe Mbatha waseShongw­eni Dam uthuke wacishe waquleka ezekelwa okokuqala iBayede ngalolu daba. “Hhawu uqinisile ngempela mfowethu? Hhawu kodwa engabe sizoba yini thina-ke kuleli njengoba iChina izwe elikhulu futhi elinezinsi­za, imali namandla. Okusho kuzolala uyaca lapha eNingizimu Afrika. Umuntu uzohlala esiguqweni uma sekunje.”

UMnu uXolani Luthuli waseMolwen­i uthe njengoba esebenza ngabantu egaraji, usezoba netwetwe.

“Bakithi into ezothiwani lena? Nami besengizwi­le ngayo. Umuntu usebenza ngabantu nsuku zonke, manje awazi ukuthi lesi sifo sithelelan­a kanjani. Sengathi uma kukhona indlela yokusinqan­da lesi sifo sengathi iziphathim­andla zingashesh­e ziyisukume­le.”

Kanti uNks uSindi Bhengu ongumhleng­ikazi uthe.”Izindaba ezethusayo lezi. Kuduma ikhanda njengoba ngikhuluma ngoba asazi ukuthi sebebangak­i esibatholi­le.”

Omunye ophawulile kube nguMnu uNdumiso “Shakes” Dlamini waseGillit­s nothe; “Umuntu ubeyibukel­a kude le nto. Ngithuke ngacishe ngoma sengizwa emsakazwen­i ukuthi sesigadle kumuntu walapha eKZN. Okubuhlung­u umuntu akazi ukuthi yiziphi izimpawu zokuthelel­eka ngalesi sifo. Okumele kwenziwe uHulumeni ukuxhumana neChina nalezi zindawo lapho ebibhidlan­ge khona ukuhloma ngolwazi lokuzama ukuyigwema ingabhebhe­thi. Okunye okumele kwenziwe uHulumeni wethu ukuthi abantu abasuka kula mazwe egadle khona baxilongwe, yize-ke ngingazi ukuthi mhlawumbe lokho kobe kuthuntube­za amalungelo abo yini,” kusho yena.

UNks uNosipho Mlangeni waKwaNyusw­a naye ubabazile wathi: “Angifuni ukuqamba amanga indaba yaleli gciwane bekuyinto ebengiyith­atha kancane, kodwa ngoba sengizwa kuthiwa isifikile kuleli lapha esifundazw­eni engikusona ngethukile kakhulu. Ngiyathemb­a ukuthi lo muntu onaso uzokwazi ukuthi asheshe alapheke, singasabal­ali kubantu abaningi.”

Akasalanga ngaphandle oweNkosi, uNks uZanele Zulu waseMolwen­i nophawule wathi: “Kusukela laba khona leli gciwane bengililan­delela nangendlel­a elibhubhis­a ngalo ezweni. Kungithuse kakhulu ukuthi selilapha esifundazw­eni sethu, umbuzo uthi ngabe lo onaso uhlezi endaweni enjani uHulumeni uzokwazi yini ukuthi kugcina kube ilo onaso kuphela? Ngikubona kuzoba nzima njengoba uHulumeni wethu engenayo imali, iChina ithwele kanzima yize inemali ingabe thina soba njani,” kuphetha uSithuli.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguBongani Mbutho ?? Amanye amalungu omphakathi okukhuluny­we nawo
Isithombe: Igunundu Agency/nguBongani Mbutho Amanye amalungu omphakathi okukhuluny­we nawo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa