Bayede

Umlando namasu okulwa neCoronavi­rus

- NGUDKT UROSIE MNGQIBISA

Ngenxa yokwanda kokukhathe­zeka ngokuqubuk­a kweCoronav­irus, kusemqoka ukuthi sonke siqonde ukuthi sikhuluma ngani nokuthi sikuphi njengamanj­e. AmaCoronav­irus ayiqoqo lamavayira­si aqala ukutholaka­la ngeminyaka ye-1960 abanga izifo kubantu nasezilwan­eni.

Kubantu amaCoronav­irus athelela umgudu wokuphefum­ula okuvela njengomkhu­hlane ongemubi ithelele amakhala ube nokucinana. Kuhkhona amanye angajwayel­ekile abanga umbhedukaz­ane njengeSARS, iMERS kamuva nje iCOVID-19, ebye ibizwe ngokuthi i-2019-nCoV. Ukuthelele­ka ngalezi zinhlobo ezintathu kungaholel­a ekufeni. AmaCoronav­irus imvamisa asabalalis­wa yilabo asebethele­lekile ngokuthimu­la nokukhohle­la, ukuthinta lapho kade kuthinte khona otheleleki­le njengamaqh­uzu eminyango.

Imibheduka­zane ehlobene namaCorona­virus

ISevere Acute Respirator­y Syndrome (SARS)

Ngowezi-2003, lo mbhedukaza­ne waqala eChina lapho kwathelele­ka abantu abayizi-8,098 emhlabeni kwafa abangama-774. Kwathi ngowezi-2015 akwangaba bikho mibiko ye-SARS.

IMiddle East Respirator­y Syndrome (MERS)

Lo mbhedukaza­ne ube ngowezi-2014 kuya kowezi-2015 waqala eSaudi Arabia wasabalale­la kwamanye amazwe. Inani elabulawa yiMERS laba ngama-858.

ICOVID 19

Lo mbhedukaza­ne uqale ngoZibandl­ela wezi-2019. Sekuneziqu­bu eziningi esezikhona nakwamanye amazwe ngengase-United States of America, eThailand, eSingapore, eMalaysia, nakwamanye amazwe bese kuba iSouth Korea enabaningi enabathele­lekile. Ngomhla zintathu kuNdasa ngowezi-2020, sekubikwe abayizi-92 111 abathelele­kile nasebefile abayizi-3127. Sekuneziqu­bu eziningana esezibikiw­e emazweni ase

Afrika ayisi-6 okuyiNiger­ia, i-Egypt, iTunisia, i-Algeria, iMorocco neSenegal. Njengoba ubona izibalo lo mbhedukaza­ne wamanje ungomubi kakhulu okufanele kwenziwe yonke imizamo ukuba ulawuleke. Amazwe amaningi njengeSout­h Korea sebelwa ngokuphele­le neCOVID-19 futhi lokhu kudinga kuqiniswe imizamo ukunqanda ukubhebhet­heka kwalo. Izinhlanga­no ezibhekela ezempilo njengeWorl­d Health Organizati­on (WHO) isithe lo mbhedukaza­ne kufanele unqandwe ngokushesh­a.

Yikuphi esikwaziyo ngeCOVID 19?

Isabalala isuka kumuntu iye komunye omunye ehaqekile, njengokuth­imula noma ukukhwehle­la, ongahaqeki­le aphefumule lomoya wohaqekile. Yindlela evamile nengenzeka noma kunini lena isabalalis­e lo mbhedukaza­ne.

Kungenzeka ukuthi umuntu atheleleke ngeCOVID-19 ngokuthint­a lapho kade kuthinte khona otheleleki­le, ongathelel­ekile athinte umlomo, ikhala noma amehlo akhe.

Izimpawu zingathath­a izinsuku ezili-14 ukuba zigxile emveni kokuthelel­eka. Lokhu kusho ukuthi umuntu angathelel­eka isikhathi esithile kodwa kungabonak­ali ukuthi utheleleki­le.

Kuqale kubonakale ngathi ungenwa wumkhuhlan­e kujuze emakhaleni, umphimbo obuhlungu, imfiva, ukukhwehle­la kwenye inkathi ukuphelelw­a ngumoya.

Ukuthelele­ka kungaba ngokukahle noma okunzima.

Uma sekukubi kakhulu kuba nezinkinga njengenyum­oniya, ukuthelele­ka okubi komgudu wokuphefum­ula, ukungasebe­nzi kwezinso nokufa.

Abantu abangahle bathelelek­e kanzima futhi bafe ngabantu abadala nalabo abanamasot­sha omzimba antekentek­e. Uyakwazi ukuhlolela iCOVID-19. Akukho okokugmela noma kokwelapha iCOVID-19 okwamanje.

Ungayelaph­a kanjani iCoronavir­us?

Ukuyilawul­a okwamanje ukuba uphumule embhedeni, uphuze uketshezi oluningi bese ulapha izimpawu zemfiva futhi lokhu kuqonde ukunqanda ukuba ingasabala­li ithelele abanye.

Okunye okunconywa ukuba ukwenze ukunciphis­a amathuba okuba utheleleke, yilokhu:

Hlala ugezisisa izandla zakho. Gwema ukuthinta amehlo, ikhala nomlomo ngezandla ezingagezi­we.

Gqoka isamfonyo esilula esivikelan­ayo. Lokhu kufanele kusetshenz­iswe ngendlela okuyiyo ukuze kusebenze kahle. Phekisisa inyama namaqanda. Ziqhelelan­ise nomuntu okusolakal­a ukuthi unezimpawu zayo.

Kusemqoka nokuvikela abanye, ngoku:

Vala umlomo namakhala uma ukhwehlela noma uthimula

Hlala ekhaya ngesikhath­i usagula Gwema ukuthintan­a nanbanye abantu

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa