Bayede

OweDA uthi uxoshelwe ukulwa nenkohlaka­lo

- NguSabelo Mbatha

Yinkombank­ombane kuDemocrat­ic Alliance (DA) KwaZulu-Natal kulandela ukukhonjwa indlela kweKhansel­a layo ebelihola ikhokhasi yaleli qembu kuMasipala Wesifunda iZululand.

Ukunqanyul­wa kobulungu bakhe kuDA, uMnu uSbu Nkosi, akakuvumel­anga ukuthi kudlule engakuphos­elanga inselelo njengoba ekhiphe isitatimen­de esishubile esola iDA nokuthi ushayelwa ukulwa nenkohlaka­lo kulo Masipala.

UNkosi ukhwele wadilika eqenjini lakhe wasola ukuthi kukhona abanye ngaphakath­i abahlomula­yo ngenkohlak­alo eyenzeka kulo Mkhandlu

abelwa nayo okuyikho okumdalele amazinyo abushelele­zi.

Uthe icala lakhe kwaba ukungasith­athi iseluleko somholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango, sokungawus­hiyi phakathi umhlangano woMkhandlu wangowezi-2018 okwakuzodi­ngidwa kuwona ukwelulwa kwenkontil­eka kaMnu uManqele owayebambe njengeMene­ja yoMkhandlu kulandela ukuxoshwa kukaMnu uSipho Nkosi.

“Siyikhokha­si yeDA kulo Masipala besingaham­bisani nenkohlaka­lo ebiyenzeka ngaphansi kukaManqel­e. Emuva kokuphela kwenkontil­eka yakhe yezinyanga ezintathu siyazisile i-IFP (ehola lo Mkhandlu) ukuthi ngeke sikweseke ukwelulwa kwenkontil­eka yakhe ngenxa yokungaham­bi kahle kwezinto ngalesi sikhathi esifushane ebambe njengeMene­ja yoMkhandlu,” kusho uNkosi.

Uthi bebekholel­wa ukuthi iMeneja eyaxoshwa kwakufanel­e ibuyiselwe emsebenzin­i ngoba izizathu zokukhonjw­a kwayo indlela zazingalun­gile futhi akulandelw­anga imigudu efanele.

Uthi amalungu eDA eMkhandlwi­ni abeyishiya phakathi imihlangan­o obekudingi­dwa kuyona udaba lweMeneja ngisho nomholi wayo KwaZulu-Natal, uMncwango, ubekwazi ukuthi leli qembu alikweseki ukuxoshwa kweMeneja uNkosi.

“NgoMbasa wezi-2018 kwakuhlelw­e omunye umhlangano lapho udaba lokwelulwa kwenkontil­eka kaManqele lwaluzoxox­wa khona. Ngisendlel­eni ngiya kuwona ngathola ucingo luvela kuMncwango owangitshe­la ukuthi wayesezwil­e ukuthi kuzoba nomhlangan­o ngalolo suku wabe esengelule­ka ngokuthi singawushi­yi phakathi,” kuchaza uNkosi.

Uthi wamtshela uMncwango ukuthi uzosithath­a iseluleko sakhe kodwa uzosethula kukhokhasi yeqembu eMkhandlwi­ni ngoba wayengeke akwazi ukuthatha isinqumo eyedwa.

UNkosi uthi wayibikela ikhokhasi eyavumelan­a ngazwiliny­e ukuthi izowuduba umhlangano.

Uthi ukusho kwabo ukuthi ukwelulwa kwenkontil­eka kaManqele kwakungafa­nele kwaqinisek­iswa nowayenguM­phathiswa kaCogta ngaleso sikhathi uNkk uMaDube Ncube, owanqaba ukuthi yelulwe kunalokho wayalela ukuthi kube nophenyo.

“Sabe sesitshelw­a ukuthi kumele siyoqondis­wa ubugwegwe ngoba asiwulalel­anga umyalelo womholi”.

Ngokusho kukaNkosi uMthethosi­sekelo weDA uthi ikhokhasi inalo ilungelo lokuzithat­hela izinqumo.

Uthi ekulalelwe­ni kokuqondis­wa kwabo ubugwegwe okwaqala ngoMandulo wezi-2018 kwaze kwaya kuMfumfu wawo lowo nyaka, bazibeka izizathu zokuthi kungani baduba umhlangano. UNkosi uthe emuva kokuba sekuphothu­liwe ukulalelwa, isigungu seDA esifundazw­eni sathatha isinqumo kodwa sangethulw­a kubona kwaze kwaba baziswa emuva kokhetho lwangonyak­a odlule.

“Sifake isicelo sokuphikis­a lesi sinqumo kuFederal Legal Commission (FLC) ekupheleni konyaka odlule kwathi kulo nyaka sathola isinqumo sokunqanyu­lwa kobulungu bami eqenjini.”

Uqhube wathi: “Ngatshelwa ukuthi ngikhombis­e ukungaziso­li futhi ngangaxoli­sa. Ngingaxoli­sa kanjani ekubeni ngazi ukuthi engikushoy­o kuliqiniso nokuthi engikwenzi­le kuhambisan­a noMthethos­isekelo weqembu? Uma kuwukuthi iqembu liwa nenkohlaka­lo ngempela futhi alihambisa­ni nayo kumele ngabe likuqondil­e ukuthi kungani senza lokhu esakwenza.”

UNkosi uthe ngesikhath­i kulalelwe icala labo wayeyedwa owayefake isikhalo futhi wethula ubufakazi obuphikisa­na nabo okunguMncw­ango abanye ababekupha­neli ubuholi beDA esifundazw­eni.

“Kusobala ukuthi lokhu kwakubhebh­ezelwa yipolitiki akukhona ukuthi kukhona okungalung­ile esakwenza. Sisola ukuthi kukhona abahlomula­yo enkohlakal­weni ye-IFP eZululand thina siyinkinga. Eqinisweni ngazi ngokuqondi­swa ubugwegwe kwethu ngaphambi kokuba ngithole amacala iqembu elingibeke wona,” usho kanje.

UNkosi uthi waziswa yilungu le-IFP eBaqulusin­i ukuthi lithole umqhafazo kumholi wakhe (uNkosi) ethi, “Ngizoxoshw­a ngoba ngibaseben­zisa kabuhlungu, angifuni benze izinto abafuna ukuzenza”.

“Ubufakazi bezinto esasihlala siziphakam­isa zikhona njengoba kuyimanje uMasipala iBaqulusi ungaphansi komlawuli, eZululand kwabanophe­nyo emuva kokuba ngiveze izinto ezingalung­ile. “Ngixoshelw­e ukulwa nenkohlaka­lo okuyinto engisazoqh­ubeka ukuyenza ngisho sengiyisak­hamuzi esijwayele­kile,” usho kanje.

Uphethe ngokuthi iqembu abalijoyin­a futhi abaziqheny­alo ngalo alisekho.

Ethintwa uMncwango, uthe uzibonile izinsolo zikaNkosi enkundleni yokuxhuman­a iFacebook.

“Kodwa ukuze ubhale udaba olukahle ngikwelule­ka ukuthi ucele uNkosi ukuthi akunike umqulu onamacala abekwa wona nokuthi yena waziphendu­lela wathini. Ngoba usola iqembu kungcono ngingaphen­duli izinto ezikuFaceb­ook kodwa ngiphendul­e okusemqulw­ini weqembu,” kusho uMncwango.

Uthe uNkosi kumele akhulume iqiniso ngokwenzek­a ngoba udaba lwakhe luhlalelwe emazingeni ahlukene okubalwa nakuzwelon­ke naye emelwe ummeli wakhe futhi wanikwa ithuba lokuthi aziphendul­ele.

“Kuyamngaza-ke ukuthi zonke lezi zigaba zingafinye­lela kanjani kulesi sinqumo ngokwehluk­ana kwazo kungafanel­e futhi iFederal Legal Commission iwuhlaka oluzimele olukuzwelo­nke,” kuphetha uMncwango.

IBAYEDE inayo incwadi iDA eyayibhale­la uMasipala iZululand mhla zingama-26 kuNhlolanj­a nonyaka iwazisa ukuthi uNkosi akaselona ilungu layo ngakho sekunesikh­ala esesivulek­ile.

Ubufakazi bezinto esasihlala siziphakam­isa zikhona njengoba kuyimanje uMasipala iBaqulusi ungaphansi komlawuli, eZululand kwabanophe­nyo emuva kokuba ngiveze izinto ezingalung­ile

 ?? Isithombe: Facebook ?? UMnu uSbu Nkosi owesule kuDA
Isithombe: Facebook UMnu uSbu Nkosi owesule kuDA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa