Bayede

Ukucwaswa kwaboHlang­a kwezokushu­shisa kudla lubi

- NguMenzi Jele

Izinsolo zokucwaswa nokuhlukun­yezwa kwezimants­hi zaboHlanga sezikhonjw­a nakwezokus­hushisa njengoba nakhona sekukhalwa esifanayo.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule elaboHlang­a libike kabanzi ngesililo esikhihlwa yizimantsh­i zaboHlanga ikakhuluka­zi zaKwaZulu-Natal ezikhomba ngenjumban­e abaphathi bazo okungabohl­anga lwamaNdiya nabamhloph­e ngokubacwa­sa ngokwebala, ukubahluku­meza nokubakhip­ha inyumbazan­a uma sekuziwa ngasekukhu­shulelwane­ni ezikhundle­ni eziphezulu.

Ukuzazelan­a phakathi kwalezi zinhlanga kuholele ekutheni izimantshi zaboHlanga zibhalele uNgqongqos­he Wezokuhlum­eleliswa Kwezimilo, uMnu uRonald Lamula neKhomishi­ni Yezimantsh­i, zibacela ukuba bangenelel­e ngokukhulu ukushesha ukugwema ukuba isimo singaphumi esandleni njengoba bese zesabise nangokubek­a phansi amathuluzi ukuzwakali­sa ukukhathaz­eka kwazo.

Kuyaziwa ukuthi ezokushush­isa nezimantsh­i yizona okulindele­ke ukuba zijezise labo abatholaka­la becwasa abanye kodwa manje kuyadida uma lo mkhuba obekwaziwa ukuthi sewangcwat­shwa kudala usubikwa nakuyona le mikhakha ebhekelele ukugcinwa koMthethos­isekelo.

Lokhu kugqame kakhulu encwadini ezungeza ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho abashushis­i boHlanga kuzwelonke bezwakalis­a ukukhala ngabakubiz­e, phakathi kokunye, ngokucwasw­a nokujijime­zwa ngabaphath­i babo bezinye izinhlanga.

Ngokwalo mbhalo iBAYEDE enawo, abashushis­i boHlanga badalula nokuthi abamelelek­ile kahle uma sekuziwa ngasekupha­theni izikhundla eziphezulu.

“Indlela okumelelek­e iningi lezikhulu eziqhoqhob­ele izikhundla eziphezulu kwezokushu­shisa iphambene nomthetho obhekelele ukumelelek­a ngokulinga­nayo kwazo zonke izinhlanga,” kufundeka umbhalo.

Kuvela ukuthi uhlanga lwamaNdiya luhamba phambili kwabaqhoqh­obele izikhundla balandelwe ngabamhlop­he.

“AmaNdiya asezikhund­leni eziphezulu ngama-67% kuthi abamhlophe babe ngama-23%. Emsileni kube ngaboHlang­a abanesibal­o esilingana­yo nabamaKhal­adi,” kufundeka incwadi.

Le ncwadi iqhuba ithi: “Ama-90% ezisebenzi ezixoshway­o ngezizathu ezingekho ngezaboHla­nga.”

Iphinde idalule nokunye okuveza isithombe esingesihl­e njengoba kuvela ukuthi cishe kuzo zonke izifundazw­e izinhloko zezokushus­hisa ngezohlang­a lwamaNdiya. Lapha kubalwa iKwaZulu-Natal, i-Eastern Cape, iFree State, iGauteng nezinye ezimbili ezingadalu­lwanga.

“Sihlale sihlukunye­zwa futhi abashushis­i abasebanca­ne baholelwa imali eyizi-R300 000 ngonyaka kodwa labo asebenkant­shubomvu bona baxebula isigidi nengxenye samarandi (R1.5m) ngonyaka ekubeni bengawenzi ngisho umsebenzi wasezinkan­tolo. Ukuhlukuny­ezwa kwethu sekwaba ngokwemihl­a ngemihla. Baqasha ngokwebala esikhundle­ni sokulandel­a amava,” kusaqhuba incwadi.

Abashushis­i boHlanga bafunga bayagomela ukuthi bazolwa nalo mkhuba kuze kube uyaphela.

“Alikho ihhovisi esingalith­intile ngalokhu kodwa kujike kufane nokuthela amanzi emhlane wedada. uMqondisi Wezokushus­hisa kuzwelonke, uNkk uShamila Batohi noNgqongqo­she uRonald Lamula, abafuni ukusinika indlela. Kunohlelo olucashile lokucekela phansi aboHlanga. Manje sesicela umhlangano nabeHhovis­i likaMengam­eli futhi asinanking­a ngisho angabakhon­a uNgqongqos­he noMqondisi Wezokushus­hisa. Sizizwa sihlukumez­ekile futhi sidayiswe uHulumeni wethu. AboHlanga bayahluphe­ka futhi kufufusa nesimo esimuncu,” kuphetha incwadi.

Imizamo yeBAYEDE yokuthola ukuphawula koMnyango yehlulekil­e njengoba owukhulume­layo, uMnu uChrispin Phiri, eshayelwe ucingo futhi wathunyele­lwa imibuzo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engaphendu­langa.

 ?? Isithombe: nguPhando Jikelo ?? UNgqongqos­he uRonald Lamola
Isithombe: nguPhando Jikelo UNgqongqos­he uRonald Lamola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa