USeme uhlonishwa ngokuqanjwa kwesibhedlela ngaye
Makhathaleni kuwona lo nyaka kuzokwethulwa emphakathini isibhedlela sikanokusho esiseBridge City, KwaMashu, enyakatho yeTheku esiqanjwe ngomsunguli we-African National Congress (ANC), uDkt uPixley ka-Isaka Seme.
Sizosiza umphakathi owakhele isiyingi i-INK okuyi-Inanda, iNtuzuma neKwaMashu.
Besingekho isibhedlela kulezi zindawo, abantu abagulayo nabalimele bembondelana eMahatma Ghandi, ePheonix, noma ePoly Clinic KwaMashu.
UDkt uSeme wayengowaseNanda yingakho lesi sikhungo siqanjwe ngaye.
Bekuphuma izifundiswa nabaholi abawusizo emphakathini nabahlonishwayo eNanda.
Nguyena uMbuyazi (abakwaSeme) owaqhamuka nombono wokuthi njengoba amaBhunu namaNgisi ayesehlangene asungula ubumbano lwawo wodwa, i-Union of South Africa, ngowe-1910, naboHlanga ababeshiywe ngaphandle abahlangane basungule eyabo inhlangano.
Yazalwa kanjalo iSouth African National Native Congress (SANNC) eyaguquka yaba yi-ANC ekuhambeni kwesikhathi.
UDkt uSeme wayeneziqu zomthetho ayezithole eColumbia University, e-United States of America (USA), ngowe-1906, walandelisa ngezinye
emkhakheni ofanayo azithola e-Oxford University, e-England ngowe-1908.
Wahlaba umkhosi uDkt uSeme ukuba kuhlanganwe kubunjwe inhlangano ezoba yizwi elilodwa laboHlanga ababekhishwe inyumbazana. Izifundiswa, amakholwa, aMakhosi, abalimi nezisebenzi, bahlangana eMangaung, e-Orange Free State, mhla ziyisi-8 kuMasingana ngowe-1912 kwabunjwa iSANNC.
UMfundisi uJohn Langalibalele Dube wakhethwa waba nguMengameli wokuqala kaKhongolose yize ayengekho kulowo mhlangano.
UDkt uSeme wakhethwa waba nguMgcinimafa, uMnu uSolomon “Sol” Plaatjie waba nguNobhala Jikelele kwathi iSilo uDinuzulu kaCetshwayo senziwa uMengameli wokuHlonishwa kaKhongolose yize sasidingiselwe epulazini e-Uitkyk (KwaThengisangaye) eMiddleburg, esifundazweni iMpumalanga.
Eqhulwini lezinto ezazilwelwa kwakuwumhlaba nombuso. UMbuyazi wagcizelela ukuthi ngeke besanqotshwa abamhlophe ngezikhali ngoba kwakusanda kuphela iMpi YaMakhanda (iMpi kaBhambatha) eyahlakazwa uMbuso wamaNgisi ngowe-1906.
Nguyena uDkt uSeme owajuba ithimba lezithunywa zikaKhongolose elalinoMfu uMafukuzela Dube, uMfu uWalter Rubusana, uMnu uSaul Msane, uMnu uThomas Mapike, uMnu uSol Plaatjie bayokhala ngomthetho iLand Act yangowe-1913, owawephuce aboHlanga eNingizimu Afrika umhlaba. Leli thimba laya eLondon.
Uyise kaDkt uSeme, uMnu uMarsh Isaac (u-Isaka) Seme, wayesuka KwaMpukunyoni engutolika wabefundisi be-American Zulu Mission, esibizwa nge-United Congregational Church (UCC) njengamanje. Uyise kaDkt uSeme wagcina esezinze eMishini ye-American Board, eNanda, endaweni yeNkosi uMqhawe kaDabeka kaDube kaSilwane Ngcobo.
Kulapho-ke uDkt uSeme akhulela khona ngaphansi kwesandla sesonto nomndeni kaMafukuzela wawukulona leli bandla, bekholwa ndawonye.