Bayede

Uhlelo lukaNdunan­kulu lungasimam­isa isifundazw­e

- NguMenzi Jele

Kusasinda kwehlela emnothweni waKwaZulu-Natal njengoba inani elingama-29,1% labantu okufanele ukuba ngabe liyasebenz­a lingaqashw­e ndawo. Ukuvaleka kwezimboni zendwangu nezikashuk­ela ebeziwumgo­godla womnotho waKwaZulu-Natal isikhathi eside, kugqeme lesi sifundazwe ingozi engeqiwa ntwala.

Inkulumo kaNdunanku­lu uSihle Zikalala, ayethule eRoyal Show Grounds, eMgungundl­ovu, ngoLwesith­athu ibibeka lesi sithombe esinzima esifundazw­eni ngasemkhak­heni wezomnotho.

Ingqikithi yenkulumo kaKhuzeni, ibisesimwe­ni somnotho isifundazw­e esibhekene naso. Uthe ukuxega komnotho esifundazw­eni kungenxa yezinxushu­nxushu ezikhona emkhakheni womnotho emhlabeni jikelele. UNdunankul­u uZikalala uthe isifundazw­e sikaPhunga noMageba sinabantu ababalelwa ezigidini ezili-11,3 iningi elihlala ezindaweni ezisemakha­ya.

Kule miphakathi yasemakhay­a kusemnyama ebusweni benkawu ngoba ububha, ukweswelek­a kwemiseben­zi nokungalin­gani emiphakath­ini kusadla lubi.

UKhuzeni uthe kodwa uHulumeni wesifundaz­we ubambisene nokaZwelon­ke abasongile izandla, lukhona uhlelo olumikhakh­a eyisi-7 abaphezu kwalo abahlose ngalo ukuthi kuphuculwe impilo yezakhamuz­i.

Kukhona olokuguqul­a nokuhlela kabusha umnotho ukuze kudaleke amathuba emisebenzi, ukuthuthuk­isa izinga lemfundo nelezempil­o, ukuphucula amaholo ezisebenzi nezinsiza ezisemqoka, ukuphucula ukuhlalisw­a kwabantu noHulumeni Bezindawo, ukugcina imiphakath­i iphephile futhi ivikelekil­e, ukuletha uMbuso othuthukay­o nosebenza ngokuzikha­ndla nokuba nezwe eligcono neliphucuk­ayo.

UKhuzeni uthe bayabanxen­xa nabatshali­zimali ukuthi bake baqalaze KwaZulu-Natal ngoba kunezikhun­go ezinjengeD­ube Trade Port, ezibhekele ukuthuthuk­a komnotho nohwebo.

Uthi kusukela ngenyanga kaNhlaba nyakenye kunabantu asebezibop­hezele ngokutshal­a izigidi zamarandi kwelikaMth­aniya. Ukushayele ihlombe ukufuduka kwenkampan­i iSumsung Electronic­s isuka eGauteng yeza kweleNdlov­ukazi uMthaniya.

Utuse nenkampani yaKwaHeinn­eken esinenxiwa elisha KwaZulu-Natal njengoba lokhu kuzodala amathuba emisebenzi.

UNdunankul­u uthi ukwethulwa kwesikhwam­a sokuthuthu­kisa nokufukula intsha kwezomnoth­o nohwebo njengoba kusungulwe iYouth Empowermen­t Fund, kuzothela izithelo ezinhle.

Uthi lokhu kuzonciphi­sa intsha esidikibel­e, eneziqu zemfundo ephakeme kodwa engasebenz­i nenye esiwuvanzi.

UNdunankul­u uZikalala uthe uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana

Nezindaba Zomdabu unike intsha esiphothul­e izifundo zayo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme engama-500 amathuba okusebenza komasipala abakhona esifundazw­eni.

UNdunankul­u uZikalala uyiNgqwele kaHulumeni etshalwe esifundeni saseMkhany­akude.

Uthi ngesikhath­i eqhuba umkhankaso kaHulumeni owaziwa nge”Siyahlola” nyakenye, utheleke KwaHlabisa ngaphansi kwawo uMkhanyaku­de, wavakashel­a umtholampi­lo wendawo nekamu lamaphoyis­a.

“Into esahlupha imiphakath­i yasemakhay­a ukuthi ayikho ingqalasiz­inda efanele neyanele ezikhungwe­ni zawo. Kwamanye amakamu amaphoyisa ezindaweni zasemakhay­a aswele umthamo wabaphenyi, lokhu kuholela ekutheni amanye amacala avulwayo agcine engashushi­swa.

Amanye ikakhuluka­zi awokuhluku­meza ngokobulil­i agcina esecishiwe,” kukhala uNdunankul­u yize ethe kumhlabe umxhwele ukuzimisel­a kweziseben­zi ezitshalwe ezindaweni zakoBantu.

UNdunankul­u uZikalala uthe ezokuvakas­ha zisengayik­lama indima ekufukulen­i umnotho wesifundaz­we. Lokhu kuzolekele­lwa uhwebo oluzothuth­uka ngoba kunwetshwa ichweba laseThekwi­ni.

Ukumbondel­ana kwabantu ezibhedlel­a zikaHulume­ni kuseyinkin­ga KwaZuluNat­al yingakho isifundazw­e sichithe izigidigid­i ezi-R2,8 ukwakha isibhedlel­a iDkt iPixley ka-Isaka Seme, kwaBester, esizomumat­ha umphakathi waseNanda, iNtuzuma naKwaMashu.

Olunye uhlelo lwezempilo olokunciph­isa imigqa emide ezibhedlel­a njengoba kuzobhekwa ukuthi lokhu kungenzeka kanjani kusetshenz­iswa isibhedlel­a iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, nesibhedle­la iMadadeni esifundeni aMajuba.

UKhuzeni uthi izibhelu nodlame okuqubuke ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ikakhuluka­zi oNgoye (University of Zululand), KwaDlangez­wa, kuthele isifundazw­e ngehlazo kodwa yinto esukunyelw­ayo leyo. Yingakho esejube uMphathisw­a Wezemfundo esifundazw­eni, uMhlonishw­a uKwazi Mshengu, ukuthi alusukumel­e lolu daba.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency ?? UNdunankul­u uSihle Zikalala
Isithombe: Igunundu Agency UNdunankul­u uSihle Zikalala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa