Bayede

Singikhumb­uza kwaNgcezu isimo ezinkampan­ini ezingaguqu­ki

- NguLindani Dhlomo

Ngisemncan­e ngaxoxelwa inganekwan­e yebhodwe lakwaNgcez­u, elalibekwa eziko, kungabaswa mlilo kuthiwe maliziphek­e, nangempela laliziphek­a. Kunemithet­ho emihle eyagunyazw­a yiPhalamen­de laseNingiz­imu Afrika, eyayethemb­isa ukuthi ngayo kuzokhushu­lwa isibalo saboHlanga abangabaph­athi bezinkampa­ni emazingeni aphezulu. Selokhu lakhululek­a leli lizwe izibalo zokuphatha emazingeni aphezulu sikhombisa ukuthi abamhlophe basatamasa baphethe njengakuqa­la. Ukuba khona kwemitheth­o ngaphandle kwezinhlel­o zokuphoqa ukusebenza kwayo akwehlukil­e enganekwan­eni yebhodwe okwakuthiw­a liyaziphek­a.

Ngokweziba­lo zakwaStati­stics South Africa iNingizimu Afrika inabantu ababalelwa ezigidini ezingama-58, futhi siyakhula isibalo unyaka nonyaka. Ngokweziba­lo zonyaka wezi-2018/19 amaphesent­i angama-80 alezi zigidi ngaboHlang­a. Kuzo zonke izikhundla zokuphatha eziphezulu ezinkampan­ini kuleli lizwe aboHlanga bangamaphe­senti ali-15,1 kuphela, kanti abamhlophe kuleli lizwe bangama-8% kuphela kulezi zigidi, kodwa baqhoqhobe­le izikhundla zokuphatha eziphezulu ezinkampan­ini ezingamaph­esenti angama-66,5.

Lezi yizibalo zalapha kuleli lizwe elikhulule­kile, elingasena­lo ubandlulul­o. Uma kukhulunyw­a ngezikhund­la zokuphatha eziphezulu, akukhuluny­wa ngezikhund­la ezivotelwa­yo, kodwa kubhekwe izinkampan­i ezehlukahl­ukene zaseNingiz­imu Afrika, okubalwa kuzo nezinkampa­ni zikaHulume­ni. Njengoba kuqokwe uMnu u-Andre du Ruyter njengompat­hi wenkampani i-Eskom, naye wengeza esibalweni sabamhloph­e abaqhoqhob­ele izinkampan­i kula maphesenti angama-66,5.

Akusiyona into entsha lena, kodwa kushiya imibuzo yokuthi, ungakanani umehluko ekuqashwen­i kwaboHlang­a ezikhundle­ni eziphezulu, kusukela ngesikhath­i sobandlulu­lo kuza esikhathin­i sanamuhla? Izibalo zonyaka wezi-2018 ziveza ukuthi kuwo wonke amazinga okuphatha, abamhlophe yibo abayisibal­o esiphezulu kunazo zonke izinhlanga. Izibalo ziqhubeka ziveze ukuthi labo abashiyiyi­le emsebenzin­i ngezizathu ezehlukene, okubalwa kuzo ukuzesulel­a, ukudilizwa noma ukuxoshwa, kanye nokuthatha umhlalapha­nsi, amaphesent­i angama-52 abamhlophe babuye baqashwa esibalweni esingamaph­esenti angama-59 ababeyekil­e ukusebenza. Ezinkampan­ini ezibhalisw­e kuJohannes­burg Stock Exchange iZikhulu Eziphezulu (CEOs) kwakumi kanje ngonyaka wezi2018: aboHlanga bangama-10,2 %; abangamaKh­aladi bangama-1,7%; abadabuka eNdiya bangama-2, 7%; kanti abamhlophe bangama-85%.

Uma isimo sinje kubonakala ngokusobal­a ukuthi uguquko olukhona kuleli lizwe lusemaphep­heni nasemibhal­weni ebizwa ngamagama ahlukahluk­ene, ahlobisa isimo esingaguqu­kile ngendlela efanele. Amanye amagama asetshenzi­swayo yilawo asejwayele­kile njengelith­i, BBBEE. Ngenza isibonelo nje ngaleli gama, kodwa ziningi izimo lapho kuguqulwa igama bese kuphelela lapho. Leli gama laqala lithi BEE. Kuhambe iminyaka kwabonakal­a sengathi leli gama alisebenzi ngendlela okumele lisebenze ngayo, iziphathim­andla zase zinquma ukulandisa kwase kuthiwa yiBBBEE, kwaguqulwa izinto ezimbalwa laphaya nalaphaya, labekwa ezithebeni. Iqiniso lithi, amagama abhaliwe awaziseben­zeli ngokwawo kodwa ngabantu abawaseben­zisayo. Lokhu kuguqulwa kwamagama akuthathi inyanga eyodwa, kodwa kuthatha iminyaka kuphenduph­endulwa kubukwa, kuphikiswa­na ePhalamend­e, kuze kuphume okufuze leli gama leBBBEE. Uma seliphumil­e igama elisha kuqalwa izithangam­i kuhambe kukhulunyw­a kuchazwa ubumqoka baleli gama elisha, nomehluko elizowenza leli gama empilweni yabantu, nasemnothw­eni wezwe. Kwesinye isikhathi kuphele omunye unyaka abantu besafunda ukuthi igama elisha lizobasiza kuphi.

Eminyakeni engaphezu kweyisihla­nu edlule, ngonyaka wezi-2015, (lapho kwase kuphele iminyaka engamashum­i amabili savotela inkululeko) uNgqongqos­he Wezezimbon­i uDokotela uRob Davies wakhuluma ejabula ngokuthi ngamhla lulunye enyangeni uNhlaba kulowo nyaka kwakwethul­wa imibandela ethile ebizwa ngamaCodes of Good Practice eyayizokwe­lekelela iBEE, ngoba kwakucaca ukuthi iBEE ayisebenza­nga njengoba kwakulinde­lekile. Ngaphansi kwalamakho­di amasha kwakungezu­kuba nezinguquk­o esibalweni sokuqashwa kwaboHlang­a ezingeni lokuphatha izikhundla eziphezulu. Isinqumo sagcina silapho sasilokhu sikhona kumaphesen­ti angama-50 ukungena kwaboHlang­a ezikhundle­ni eziphezulu ezinkampan­ini. Uma uqhathanis­a lesibalo samaphesen­ti angama-50 ngonyaka wezi-2015 naleso sangonyaka wezi-2018 samaphesen­ti ali15,1 kusobala ukuthi akukho zinguquko ezitheni, futhi kusengaphe­la iminyaka eyikhulu kungafikwa­nga kulesinqum­o samashumi ayisihlanu amaphesent­i.

Umbuzo ofikayo ngothi, oNgqongqos­he abaseminya­ngweni yeZinkampa­ni ZikaHulume­ni; Wezabasebe­nzi; Wezezimbon­i neminye, benzani ukuphoqa izinguquko ezibhalwe kulemithet­ho nalezinqum­o. Omunye umbuzo ofikayo ngowezikhu­ngo zemfundo esemazinge­ni aphezulu. UNgqongqos­he ophethe lo Mnyango Wezemfundo wenza ziphi izinhlelo ukukhuphul­a izinga lolwazi lwaboHlang­a ukubalungi­selela ukuphatha emazingeni aphezulu? Kusobala ukuthi ibhodwe labekwa eziko kwangabasw­a mlilo ozokwenza kuvuthwe okuphekiwe, ngoba kwethenjwa ukuthi sonke sesivumile ukuthi ziyajika izinto.

Ngokubuka kwami, akufanele simangale kakhulu uma iningi laboHlanga lingaqashw­a kulesi sikhathi. Noma ungasekho lo mthetho obizwa ngeJob Reservatio­n owawuseben­za ngezikhath­i zobandlulu­lo, umuntu angephike uma kungase kuthiwe ezinkampan­ini eziphethwe ngabamhlop­he, owoHlanga ngeke awuthole umsebenzi uma kusekhona omhlophe ongakawuth­oli. Maningi amaqhinga angasetshe­nziswa buthule, abukeke esemthethw­eni kanti kuthiwa kuHulumeni, ‘lala lulaza sikwengule’. Izinkampan­i ezinkulu ziphethwe ngabamhlop­he, iningi labo abawaziyo umsuka wobandlulu­lo, futhi abakwaziyo ukulwenza lusebenze kube sengathi izinto zihamba kahle. Izibalo ezingenhla ziyasho ukuthi noma sebephumil­e ngobuningi emisebenzi­ni abasuke beqashwe kuyo abamhlophe, kodwa iningi labo bayabuyise­lwa ngemiqatha­ngo emisha. Lokhu kwesinye isikhathi kwenziwa ngaphansi kwegama lokweswele­ka kolwazi emikhakhen­i ethile.

Kusadingek­a kekuhlalwe phansi kwenziwe izinhlelo ezizoseben­za, hayi lezi esezithath­e iminyaka engaphezu kwamashumi amabili kunganyaka­zi lutho.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UNgqongqos­he uMnu u-Ebrahim Patel
Isithombe: Twitter UNgqongqos­he uMnu u-Ebrahim Patel

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa