Bayede

Baphawula ngombiko wosizi lwabasemij­ondolo

-

Mhleli

Siyabonga ukusivezel­a into enganakiwe, kumele azi uHulumeni ukuthi inhlupheko kubantu boHlanga iyinkinga.

- nguThokoza­ni Sikhakhane

Mhleli

Akekho umuntu ongathi enenye indlela akhethe ukuyohlala emkhukhwin­i kodwa baphoqwa ububha nokungaseb­enzi. Uma unikwa indlu ungasebenz­i nezingane zilambile uzoyidayis­a ukuze udle.

- nguMaqhing­a Buthelezi

Mhleli

Kuyoze kushintshe isizukulwa­ne ukuze kuphele imijondolo ngoba inkinga abantu bafundiswa ukuhlala emijondolo futhi ababuboni ubungozi bakho ngoba nabazali babo babengabun­aki. Kuyihlazo ukuthi abantu badayisa izindlu zabo zomxhaso kaHulumeni babuyele emijondolo.

- nguMzwandi­le Mdlovu

Mhleli

Ngeke yaphela imijondolo abantu besafuna imisebenzi, kungakathu­thukiswa emakhaya, kusaqhutsh­wa ngohlelo lobandlulu­lo. Ngisho nendlela yesimanje yokuhlela amadolobha isabavalel­a ngaphandle aboHlanga.

- nguJoseph David Grey Deyie II

Mhleli

Kukhona abahlala ngoba beswele indawo yokufihla ikhanda bese kuba nalaba abafudukel­a emadolobhe­ni beyozama amathuba emisebenzi­ni. Banawo amakhaya kepha benzela ukungahlal­i ezitaladin­i. Labo abayidayis­ayo imixhaso yabo, esingathi ngozenzile, akumeleke sibakhalel­e. Imijondolo ayisoze yaphela.

- nguSigcino Sibiya Cosmos

Mhleli

Baxoshwa yini emakhaya ngoba iningi labo alisebenzi? Emakhaya kungcono kabi ngoba ngisho ungenaso isishebo uhamba uyokha uqadolo ufake iKnorrox ubeke phezu kophuthu. Emjondolo yonke into iyimali ekubeni kunokungco­la yonke indawo.

- nguParsyle Doobe

Mhleli

Kuyefana ngoba bathola izindlu zomxhaso bashiye obhululu babo babuyele emijondolo. Ayisoze yaphela, akuvalwe amaRDP umuntu enze izitini zodaka akhe indlu, emakhaya senza kanjalo.

- nguSandile Maphalala

Mhleli

Mina angibazwel­i ngoba bayayithan­da leyo mpilo.

- nguNene Masikane KaNombanga

Mhleli

Abantu sebavilaph­a ukucabanga nokuzenzel­a. Konke sebekulind­ele kuHulumeni, indoda endala ikhale ngendlu yangasese kodwa inazo izandla zokuyigubh­a.

- nguThabang Nkwaibomvu

Mhleli

Noma ungazamani imijondolo ayisoze yaphela. Ngokwami ngibona ukuthi abayekwe kanje.

- nguSandile Maphalala

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa