Amalungelo awukuphila
INyanga uNdasa, esikuyona, ngeyamalungelo abantu, eNingizimu Afrika. Amalungelo abantu akhona njengoba eshicilelwe kuMthethosisekelo wezwe, owemukelwa ngoNhlaba ngowe-1996. Ngomhla zingama-21 kuNdasa kuba neholidi lamalungelo abantu kuleli lizwe, minyaka yonke. Alikho kodwa ilungelo eledlula elokuthi umuntu ebe nguyena.
Umuntu angazenzi omunye umuntu noma azenze into angeyona. Akekho umuntu onelungelo noma igunya lokukhipha ubuwena kuwe. Inqubo yengcindezelo nemfundisoze yabezizwe yafaka ukuzenyeza okukhulu kwaboHlanga. Le nto yayiqala ingane isazoqala ukufunda isikole. Ingane yaboHlanga, yayinikwa igama “lombhabhadiso” lelo gama kuzoba ngelesilungu uma kungenjalo, kuzovele kuvulwe incwadi iBhayibheli. Uma uMfundisi obhabhadisa ingane leyo esontweni evule iBhayibheli, encwadini kaLuke, leyo ngane igama layo sekuyoba nguLukha.
Isiyobizwa ngoLukha uma iqala ukufunda noma isiyofuna ukuqashwa ngumlungu. Uma uMfundisi evule isahluko encwadini kaMatthew ingane leyo sekuyoba nguMathewu impilo yayo yonke. Kanjalo nodadewethu kwakuba ngo-Isabel, ngoRuth, ngoMaria amagama ayecashunwa eBhayibhelini. Uma umzali esebenza ekhishini noma ejalidini lo mlungu nguyena ‘ubasi’ noma ‘umesisi’ owayetha ingaye yalowo mzali igama. Ingane igcine isinguLettie noma uPiet.
Ukuzenyeza okwafakwa ngabezizwe esizweni sethu kwakubonakala nakodadewethu boHllanga ababefaka izimonyo, bazibhixe ngazo ebusweni, ukuze bakhanye ngebala. Uma uyintokazi engakhilimi ebusweni wawuzibona uzoba nesigcwagcwa ezinsizweni, ungabi nezesheli.
La manyala ayethatha ilungelo lezintokazi zakithi lokuthi zibe yizona. Kuke kwaba nomkhankaso ngeminyaka ye-1970 owaqhamuka neBlack Consciousness Movement (BCM) wokuthi abantu boHlanga bazithande, baziqhenye ngebala labo.
KwaboHlanga ababengenalo izinga eliphezulu lemfundo, lo mkhankaso kwafana nokuthi kuthelwa amanzi emhlane wedada. Ilungelo lokuba nguwena laligqitshwa wumuzwa wokuzenyeza. Uthola aboHlanga behleli baphuza amankwebevu, uzobezwa sebeveteza isilungu. Uxakeke ngoba laba bantu abakhulumayo nguNgubane noNgcobo, yebo bafundile, kodwa imfundo yabo ayisho ukuthi abanyathele ilungelo labo lokukhuluma ulimi lweMbube. Ulimi olunothile nolumnandi kangaka madoda, ifa esalishiyelwa ngokhokho bethu. ISILO sikhulumile eMgungundlovu ngoLwesibili sivula iSishayamthetho. UMlom’ongathethimanga, ubekhuza ukufundiswa ngocansi ezikoleni, ethi lokhu kuzoba nomthelela omubi. IMbube ikhulume isiZulu esome nkwe!
Ikhuza ithi lokhu abakwenzayo kuzoholela ekutheni kube nokukhala nokugedla kwamazinyo esizweni sonke. Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bese behlekisa ngenkulumo yoMdala, bebeka sengathi iMbube ibihlambalaza kanti ibukhuluma ulimi lwayo lwebele olungadungiwe yinkolo nemfundiso yaseNtshonalanga. IMbube ingumfukameli wolimi lwesiZulu, ngakho kufanele ilukhulume njengoba lunjalo, ingumlondolozi wamasiko namagugu esizwe.
Akekho noyedwa kulesi sikhathi esiphila kuso ongephuca uNomthebe WeSizwe ilungelo lakhe lokuba nguyena. Bayede!