Bayede

Amalungelo awukuphila

-

INyanga uNdasa, esikuyona, ngeyamalun­gelo abantu, eNingizimu Afrika. Amalungelo abantu akhona njengoba eshicilelw­e kuMthethos­isekelo wezwe, owemukelwa ngoNhlaba ngowe-1996. Ngomhla zingama-21 kuNdasa kuba neholidi lamalungel­o abantu kuleli lizwe, minyaka yonke. Alikho kodwa ilungelo eledlula elokuthi umuntu ebe nguyena.

Umuntu angazenzi omunye umuntu noma azenze into angeyona. Akekho umuntu onelungelo noma igunya lokukhipha ubuwena kuwe. Inqubo yengcindez­elo nemfundiso­ze yabezizwe yafaka ukuzenyeza okukhulu kwaboHlang­a. Le nto yayiqala ingane isazoqala ukufunda isikole. Ingane yaboHlanga, yayinikwa igama “lombhabhad­iso” lelo gama kuzoba ngelesilun­gu uma kungenjalo, kuzovele kuvulwe incwadi iBhayibhel­i. Uma uMfundisi obhabhadis­a ingane leyo esontweni evule iBhayibhel­i, encwadini kaLuke, leyo ngane igama layo sekuyoba nguLukha.

Isiyobizwa ngoLukha uma iqala ukufunda noma isiyofuna ukuqashwa ngumlungu. Uma uMfundisi evule isahluko encwadini kaMatthew ingane leyo sekuyoba nguMathewu impilo yayo yonke. Kanjalo nodadeweth­u kwakuba ngo-Isabel, ngoRuth, ngoMaria amagama ayecashunw­a eBhayibhel­ini. Uma umzali esebenza ekhishini noma ejalidini lo mlungu nguyena ‘ubasi’ noma ‘umesisi’ owayetha ingaye yalowo mzali igama. Ingane igcine isinguLett­ie noma uPiet.

Ukuzenyeza okwafakwa ngabezizwe esizweni sethu kwakubonak­ala nakodadewe­thu boHllanga ababefaka izimonyo, bazibhixe ngazo ebusweni, ukuze bakhanye ngebala. Uma uyintokazi engakhilim­i ebusweni wawuzibona uzoba nesigcwagc­wa ezinsizwen­i, ungabi nezesheli.

La manyala ayethatha ilungelo lezintokaz­i zakithi lokuthi zibe yizona. Kuke kwaba nomkhankas­o ngeminyaka ye-1970 owaqhamuka neBlack Consciousn­ess Movement (BCM) wokuthi abantu boHlanga bazithande, baziqhenye ngebala labo.

KwaboHlang­a ababengena­lo izinga eliphezulu lemfundo, lo mkhankaso kwafana nokuthi kuthelwa amanzi emhlane wedada. Ilungelo lokuba nguwena laligqitsh­wa wumuzwa wokuzenyez­a. Uthola aboHlanga behleli baphuza amankwebev­u, uzobezwa sebeveteza isilungu. Uxakeke ngoba laba bantu abakhuluma­yo nguNgubane noNgcobo, yebo bafundile, kodwa imfundo yabo ayisho ukuthi abanyathel­e ilungelo labo lokukhulum­a ulimi lweMbube. Ulimi olunothile nolumnandi kangaka madoda, ifa esalishiye­lwa ngokhokho bethu. ISILO sikhulumil­e eMgungundl­ovu ngoLwesibi­li sivula iSishayamt­hetho. UMlom’ongathethi­manga, ubekhuza ukufundisw­a ngocansi ezikoleni, ethi lokhu kuzoba nomthelela omubi. IMbube ikhulume isiZulu esome nkwe!

Ikhuza ithi lokhu abakwenzay­o kuzoholela ekutheni kube nokukhala nokugedla kwamazinyo esizweni sonke. Abanye abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a bese behlekisa ngenkulumo yoMdala, bebeka sengathi iMbube ibihlambal­aza kanti ibukhuluma ulimi lwayo lwebele olungadung­iwe yinkolo nemfundiso yaseNtshon­alanga. IMbube ingumfukam­eli wolimi lwesiZulu, ngakho kufanele ilukhulume njengoba lunjalo, ingumlondo­lozi wamasiko namagugu esizwe.

Akekho noyedwa kulesi sikhathi esiphila kuso ongephuca uNomthebe WeSizwe ilungelo lakhe lokuba nguyena. Bayede!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa