Bayede

Ubunye bungasiwez­a ngelibanzi

-

Isilwane esingumunt­u sinamaphut­ha ejwayeleki­le. Kuke kuthi lapho kumele aqonde into noma inkulumo ngqo bese yena ezakhela enye indlela yokubhekan­a nesimo, anyanyalat­e. Kupolitiki nakosopoli­tiki lokho kwejwayele­kile omunye aze athi uma ungakwenzi abone sengathi kukhona okungalung­ile ngawe. Enkulumeni yaso iSILO esiyishici­lele ekhasini lesi-9, OMdala ukhuluma izinto ezimqoka ezingaphez­u kwepolitik­i yamaqembu.

Okokuqala esikuqaphe­le kule nkulumo yimizamo yoMdala yokuhlanga­nisa imihlambi eyalanayo, okungamaqe­mbu aphikisayo kanye nalelo elibusayo esho khona ukuthi ukubambisa­na kwabo kungahle kuweze lesi sifundazwe kokuningi. Kwabanye ngonyaka owandulela ukhetho le nkulumo yobunye ibingading­eki ngoba ukugula kwezimbang­i kungasho ukunqoba nokwenza ukubambisa­na kubemuke lelo thuba. Kepha umbono neseluleko soMdala kasibuki imanje kunalokho sibukela ikusasa. Luzodlula ukhetho kepha indlala nobubha kuyosala nathi uma singaseben­zi ngokubambi­sana.

UHulumeni uyadinga ukulekelel­wa ngoba lapha sikhona ngokweziba­lo zomnotho akuyona indawo enhle. Sekungayis­ithutha impela esingathi sisemkhunj­ini phakathi nolwandle nesitha saso bese sicabanga ukuthi nxa umkhumbi ungashona phansi ngalapho kunesitha sakhe yena uyosinda. Lolu lwandle esikulo lwendlala nokuzika komnotho alukhethe qembu, uma luphakama lizosigwin­ya sonke.

ISILO sikhulume ngalokho esikubize ngomoya waseSandlw­ana nesithe lesi yisimo lapha izingane zendoda (okungamalu­ngu esizwe) zifikelwa yisikhathi lapho zedlulisa lapho zingaboni ngaso linye kunalokho zibuthane kulokho okuzohleng­a umndeni. Uma sikwenza lokho okushiwo yiSILO siyobe singaqali njengoba umlando ufakaza ukuthi njalo uma sibhekene nesitha ndawonye siyaphumel­ela. Indaba iqala lapha sesihlukan­a phakathi siphenduke­lana.

Njengephep­handaba siyavumela­na neSILO kulokhu, sisitusa ngokuhlala endaweni yaso, ngokusihol­a nokunganya­nyalati ngalokho okuyizingq­inamba ezikhunget­he isizwe. Bekungabuy­e kube ngubani Hlanga Lezwe obengaba lapho umi khona? Kuyoba kuhle ukuthi sonke sininge ngalokho okushiwo ngoMdala, ake ufunde inkulumo le ukuze ucoshe umongo wale nkulumo eyethulwe ngoLwesibi­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa