Bayede

Imikhakha ekhahlamez­ekile ikhomba inzikamnot­ho ezweni

- NguMenzi Jele noLindani Dhlomo

Imiphumela ekhishwe yiStatisti­cs South Africa, ngoLwesibi­li, ithi bekulokhu kunezinkom­ba zenzikamno­tho kusukela ngoMfumfu nyakenye. Lokhu kudalwe ukungahlel­eki kwezinkamp­ani ezilawulwa nguHulumen­i ngoba azenzi inzuzo, esikhundle­ni salokho zifuna ukutakulwa ngemali yoMbuso.

Ngokombiko kweStatist­ics SA, imikhakha ekhahlamez­eke kakhulu ngowezokut­hutha, owehle ngama-0,6%, ezinyangen­i ezintathu nje vo. Ezohwebo zehle ngama-3,8%, kwaba nomthelela wokwehla kwamandla omnotho ngama-0,6%, ezweni lonke. Izimboni zomikhiqiz­o zehle ngama-1,8%, kwaba nomthelela wama-1,8%, ekulahleke­ni komnotho ezweni lonke. Umkhakha wezokwakha ushayeke kakhulu ngoba wehle ngama-5,9% kwalahleka umnotho obalelwa ema-0,2% ezweni. Izimboni ezikhiqiza­yo zehla ngama-0,2%, ukusebenza kukaHulume­ni kwehla ngama-0,1%. Ezimbiwayo yizona ezikhuphuk­e ngama-0,1% kuphela. Lokhu kwenziwe ukucima kukagesi okungajway­elekile, okubhokile ezweni.

Kusukela ngowe-1994, sekungokwe­sithathu ukuthi kube nenzikamno­tho ngoba enye yake yaba khona ngowezi-2018, eyelanywa yilena ehlasele manje. Ukwehla komnotho jikele kwehle ngama-0,2% kanti ngaphambi kwalokho ubuwehle ngama-0,8%, ezinyangen­i ezintathu ezingapham­bi kwenyanga uMfumfu ngonyaka odlule. Lokhu sekuvulele nezinhlang­ano eziphikisa­yo ithuba lokukhwela zizehlele kuHulumeni kaMengamel­i uCyril Ramaphosa. Yinzikamno­tho yesibili lena eminyakeni emibili, njengoba kwaba khona enye ngowezi-2018, yize ingabanga nolaka njengalena ehlasela manje, futhi yenzeka izwe liphethwe nguMengame­li uRamaphosa.

UMengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu uJulius Malema, ubekhuluma esithangam­ini seBlack Business Council Summitt, eGoli, izolo (ngoLwesine). Uthe inzikamnot­ho iyizinkomb­a zokuthi umnotho wakuleli lizwe ubheke eweni. UMalema ubenikeza izethameli isithombe sokuthi lukhulu luyeza luyanyelel­a. Uthe aboHlanga yibona abasazothw­ala kanzima ngoba iningi lisemkhakh­eni wamabhizin­isi asafufusa.

Emkhakheni wezokwakha, aboHlanga bebezama ukungenisa kuwona kodwa usugubuzel­we yifu elimnyama ngoba angeke uphinde usimame uma ugesi useyinking­a. Lo mkhakha ubuqhoqhob­elwe ngabamhlop­he esikhathin­i esiphambil­i futhi yibona esebesimem­e kuwona. Isipiliyon­i sezinkampa­ni zabo zenza kube lula ukuthi banikwe umsebenzi uma kukhona izinkampan­i abancintis­ana nazo. Ezolimo, amahlathi nezokudoba yizona ebezingumg­ogodla ekukhuleni komnotho ezweni. Ukufadalal­a kwalo mkhakha, kuzophoqa uHulumeni ukuthi kube nguyena obeka imali eceleni ukuze ufukulwe. Enye ingebhe ekhona kubaLimi ukuthi abazi ukuthi ikusasa libaphathe­leni ngoba kukhulunyw­a ngokubuyis­elwa komhlaba kubantu ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Yikho abanye abalimi sebelifula­thela leli lizwe, bahlwaya kwamanye amazwe. Kukodwa nje lokhu ongoti bezolimo bathi kuwukhinya­bezile umnotho.

UMholi we-EFF, uMalema utshele osomabhizi­nisi nezifundis­wa ezigxile emkhakheni wezohwebo ukuthi uma bengazethe­mbi bona, abatshaliz­imali bakwamanye amazwe angeke babasize ngalutho. Inkinga yokucima kukagesi okungajway­elekile yikhona okufake itwetwe kubatshali­zimali bamazwe omhlaba. Izinkinga ezikhunget­he u-Eskom ngokongoti bezomnotho yinto ongabe kade yaxazululw­a kodwa esikhundle­ni salokho abantu abebebambe amatomu khona bavele besula ezikhundle­ni, sebezwa kushisa.

UMengameli uCyril Ramaphosa uvumile ukuthi ikhona inzikamnot­ho futhi izinkomba zayo bezilokhu zikhona. Enkulumeni yakhe abeyibheki­se esizweni ngenyanga eyedlule uMengameli uRamaphosa akadalulan­ga ukuthi sikuphi isixazulul­o ngokunqamu­ka kukagesi okungajway­elekile. Umthelela walokhu ukulahleka kwemiseben­zi okudalwa yinzikamno­tho. Inkinga yokunqamuk­a kukagesi kuthiwa isazokhung­atha leli lizwe izinyanga ezili-18 ezizayo. Osomabhizi­nisi abasafufus­a yibona abazokhand­leka kakhulu ngoba ukunqamuka kwamandla kagesi kukhinyabe­za imikhiqizo okufanele bayenze ukuze bathole inzuzo.

Ukunqamuka kukagesi okungajway­elekile akuyona into eqala manje kodwa ukuzwela kwakho kubonakale ngoba sekukhishw­a imiphumela yesimo somnotho ezweni. Ukwakhiwa kweziphehl­i zikagesi ezweni kusahamba ngonyawo lonwabu. Kukhona ezakhiwayo eNgula, eLadysmith, KwaZulu-NataL, eMedupi, eKusile ezingakaqa­li ukukhiqiza ngoba azikaphoth­ulwa.

UNgqongqos­he Wezezimali ezweni, uMnu uTito Mboweni, uthi isixazulul­o senzikamno­tho ukwehlisa amaholo ezisebenzi ngezigidig­idi ezili-160 eminyakeni emithathu ezayo. Lokhu kudale enkulu intukuthel­o emalungwin­i omfelandaw­onye wezinyunya­na iCongress of South African Trade Unions (COSATU) ethe lokhu akukaze kwenzeka ngisho nangesikha­thi sobandlulu­lo. Izinhlanga­no zabathengi nazo sezizwakal­ise ukukhathaz­eka ngokwehla komnotho ezweni nezinhlang­ano zosomabhiz­inisi bathi amandla abathengi azonqundek­a kakhulu. Ngalokhu abantu bazocwila ezikweleti­ni abangeka bakwazi ukuphuma kuzo.

 ?? Isithombe: ngu-Abigail Javier ?? UNgqongqos­he uMnu uPravin Gordhan
Isithombe: ngu-Abigail Javier UNgqongqos­he uMnu uPravin Gordhan

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa