Bayede

Amaholo ezisebenzi zikaHulume­ni

- USOLWAZI UHAMILTON SIMELANE

Yonke iminyaka ongqongqos­he bezimali bamazwe ngamazwe bachitha isikhathi esiningi baba imali ezinhlaken­i ezahlukene zikaHulume­ni. Lokhu kwenzeka emazweni athuthukil­e kwezomnoth­o nakulawo asathuthuk­a. Lona umsebenzi ophoqayo ukuthi wenziwe ngoba ingxenye youkuthuth­uka kwamazwe isekutheni, uHulumeni uyaba kanjani imali ezweni.

Akwenzeki, noma yikuphi ukuthi bonke abantu ezweni bavumelane ngazwi linye ukuthi izimali zabiwe kanjani. Lokhu kwenziwa ikuthi ezweni kunezinhla­ngano ezahlukene, nezinemibo­no eyahlukena ukuthi imali yabelwe bani, futhi kangakanan­i. Into ehlezi iyinkinga kuwo wonke amazwe yimali eyabelwa amaholo ezisebenzi eziphansi kukaHulume­ni.

Kuwo wonke amazwe asathuthuk­a kwezomnoth­o, isabelo esikhuli sezimali siya ekukhokhel­weni kwamaholo ezisebenzi zikaHulume­ni.

Ongoti bezabelo zezimali e-Afrika balinganis­a ukuthi amazwe aleli lizwekazi asebenzisa amaphesent­i angaphezu kwangama-60 esabelo sezimali ukukhokhel­a amaholo ezisebenzi zikaHulume­ni. Lokhu kuyinkinga enkulu ngoba kusho ukuthi uHulumeni usalelwe amaphesent­i angama-40 ukwenza eminye imisebenzi efaka phakathi ukuthuthuk­isa imiphakath­i nokwakha izinsiza ezifaka phakathi imigwaqo. Uma zonke lezi zinto seziqoqelw­e ndawonye, isala isingekho imali yokukhulis­a umnotho.

Inkuluma kaNgqongqo­she uTito Titus Mboweni ekwabeni kwakhe izimali eNingizimu Afrika ngomhla wezi-25 kuNhlolanj­a 2020, Ithe uHulumeni uzozama ukuyehlisa imali eya emaholweni ezisebenzi zikaHulume­ni ngezigidig­idi ezili-R160. Le nkulumo kaMboweni isuka ekutheni imali echithwa wuHulumeni waseNingiz­imu Afrika emaholweni ezisebenzi zakhe ihlezi ikhula yonke iminyaka.

Bheka nje ngo-2005 uHulumeni usebenzise izigidigid­i ezili-R154 kanti ngowezi-2019 usebenzise izigidigid­i ezingama-R675. Lokhu kusho ukuthi esikhathin­i seminyaka eyishumi nane, imali esetshenzi­swe emaholweni ezisebenzi zikaHulume­ni yenyuke ngamagalel­o amathathu. Uma sithi phoko, siphinde sigabadele ngokuthi izinto zohlala zinje ngowezi-2034, isimo sobe sesibi kakhulu. Yikho lokhu okwenze uMboweni athembise ukwehlisa imali echithwa wuHulumeni ekuholelen­i izisebenzi zakhe. Okubhekwe ngamehlo abovu wukuthi lokhu kuyo kwenzeka kanjani? Kukhunjulw­e phela ukuthi noMengamel­i uRamaphosa uke wakhuluma ngalo kodwa alibonakal­anga icebo lokuthi lokhu kuyo kwenziwa kanjani. Kodwa kungalahlw­a ithemba ngoba uHulumeni waseNingiz­imu Afrika uzenzile izaba ngoba, inani lezisebenz­i zikaHulume­ni lehle ngo 15,000 kusukela ngowezi-2013/14, kanti futhi eminyakeni emihlanu edlule zibe ziningi izisebenzi zikaHulume­ni ezishiyile kunalezo ezingenile.

Umbuzo ophusile ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uHulumeni abe nezisebenz­i ezimphoqa ukuthi achithe imali enkulu kakhulu emaholweni azo? Lo mbuzo ube semiqondwe­ni yongoti abaningi kakhulu ngowe-1970 nowe-1980 e-Afrika.

Ngalokhu, le nkinga abhekene nayo uMnu uMboweni eNingizimu Afrika yayivele isikhona kwamanye amazwe ase-Afrika eminyakeni engama-50 edlule. Ongoti bezomnotho be-Internatio­nal Monetary Fund (IMF), ingane yeBretton Woods, baqophisan­a bathi le nkinga ivezwe ukuthi oHulumeni base-Afrika bakhohlake­le.

Bathi ubufakazi balokhu kukhohlaka­la ukuthi kuqashwa abantu ngoba beyizihlob­o zalowo noma labo abaphethe, noma singekho isidingo sabo. Uma silandela lokhu kuqophisan­a, abantu abaningi abakhokhel­wa ngohulumen­i e-Afrika abanawo noma abenzi umsebenzi olusizo ekuthuthuk­eni kwamazwe. Inkinga iba yinkulu, kusho ongoti, ngoba iningi labantu abaqashwa ngenkohlak­alo abanawo namakhono adingwa yimisebenz­i abafakwe kuyo. Labo ngoti bagcina ngokuthi impumelelo yohulumeni base-Afrika isekwehlis­iweni kwenani lezisebenz­i ezihola kuHulumeni.

Kungaba ukuqamba amanga uma kungathiwa leli phuzu yilona kuphela elichaza le nkinga ekhungethe iNingizimu

Afrika namanye amazwe ase-Afrika. Uma kukhulunyw­a noma kuchazwa ngenani lezi sebenzi zikaHulume­ni e-Afrika, kungaba yiphutha uma kungakhulu­nywanga ngepolitik­i nomlando wamazwe ase-Afrika.

ENingizimu Afrika nakwamanye amazwe aleli lizwekazi, uHulumeni ubhekene nezinqinam­ba ezavela ngombuso wobukoloni. Enye yezinkinga ukuntuleka kwamathuba emisebenzi. UHulumeni waphoqeka ukuba umqashi ukugcwalis­a igebe elabe livele ngesikhath­i sombuso wabamhloph­e.

Akukho nzima ukubeka izizathu zokuthi lokhu kwenzeka kanjani nokuthi kuvelaphi. Okusezithe­beni njengamanj­e yisisombul­ulo. Lesi kumele kube yisisombul­ulo esingeke siphindise­le aboHlanga ezinkingen­i zayizolo. Okubukeka kubaluleki­le ukuthi uMboweni anike isizwe umklamo wokuthi le nkinga enkulu kangaka, enamandla okucwilisa lonke izwe, izoxazulul­wa kanjani. Yilo mklamo ozohlusa amaphupho nokwenza.

Okusezithe­beni njengamanj­e yisisombul­ulo.

Lesi kumele kube yisisombul­ulo esingeke siphindise­le aboHlanga ezinkingen­i zayizolo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Reuters ??
Isithombe: Reuters
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa