Bayede

Nomqashi unelungelo lokuteleka elwisa isiteleka

- NGUBHEKI KHUMALO

Iziteleka ezivamile zabasebenz­i, besebenzis­a ilungelo labo lokuteleka, sezaze zadala ukuthi sikhohlwe ukuthi nomqashi naye unalo ilungelo lokucima umlilo wesiteleka ngomunye umlilo okuwukuziv­alela ngaphandle kwamagceke izisebenzi axabene nazo ezingxoxwe­ni. Phela leli hawu okuligunya lomqashi ngokomthet­ho kalivamile ukusetshen­ziswa ngabaqashi ngoba ezehlakalw­eni eziningi, bona bakhathaze­ka ngokuthi makuqhubek­e umsebenzi ukuze banelise izibopho zabo emakhasime­ndeni abo futhi kuqhubeke amabhizini­si abo. Uma belisebenz­isa leli hawu labo abaqashi kuyezwela kakhulu kubasebenz­i nasezinyun­yaneni. Mhlawumpe lokhu kwenziwa yikhona ukuthi izinyunyan­a nezisebenz­i nabo sebaze balibala ukuthi umqashi naye unalo ihawu lokuvika futhi uma eseliseben­zisa angeke kwaba ngumthwalo olula kubasebenz­i nasezinyun­yaneni.

Lesi simo siqhamukil­e ecaleni elinqunywe yiNkantolo Yezabasebe­nzi mhla zingama-29 kuLwezi onyakeni owedlule. Yicala leNational Associatio­n of South African Workers obo Members vs Kings Hire CC elingunomb­olo J 2290/19. Kodwa ngaphambi kokuchaza ngaleli cala ake sikhumbuza­ne ukuthi uthi umthetho ngezitelek­a nangalo leli hawu lomqashi lokuvimbel­a izisebenzi uma ephikisana nesiteleka.

ISigaba 64 soMthetho Wezobudlel­wano Emsebenzin­i yisona esilawula ukuteleka nesiviko somqashi sokuvalela abasebenzi. Kafuphi, umthetho uthi uma ukuxoxisan­a kuhlangany­elwe phakathi komqashi nabasebenz­i sekufike engxabanwe­ni yokungavum­elani, abasebenzi banelungel­o lokuteleka; nomqashi unehawu lokubavale­la.

Okomqashi kuyihawu ngoba usuke evika isiteleka akanalunge­lo lokubavale­la abasebenzi kungekho kuxoxisana osekwehlul­wene kukhona. Ukubavalel­a abasebenzi lokhu kakusho ukuxoshwa. Ngokomthet­ho la malungelo kufanele asetshenzi­swe uma sekukhishw­e isitifiket­i esithi sekwehlule­kile ukuluxazul­ula udaba obekuxoxwa ngalo, noma sekuphele izinsuku ezingama-30 ingxabano isezithebe­ni zenkundla yamacala.

Futhi kufanele inyunyana noma umqashi banikezane izaziso zamahora angama-48 zokuthi sebezongen­a esiteleken­i noma ukuthi umqashi usezobaval­ela abasebenzi uma bengemukel­i ezakhe izimfuno kulolu daba abaxabene ngalo. Ukuxoxisan­a kuhlangany­elwe kusho ukuphikisa­na ngenhloso yokuthelel­ana amanzi noma yokusebenz­isa amandla anqunywe ngumthetho uma kungekho ukuvumelan­a. Umphumela wokuxoxisa­na ngokuhlang­anyela kufanele kube yisivumelw­ano esanelisa izinhlango­thi zombili noma kube yingxabano egunyaza ukusebenzi­sa isiteleka noma ukuvimbela izisebenzi emsebenzin­i.

Ukusebenzi­sa amandla esiteleka nokuvimbel­a, kwezinhlan­gothi ezingxoxwe­ni zokuhlanga­nyela lokhu kusuke kusaqhuba khona ukuxoxisan­a kuhlangany­elwe. Ekugcineni inhlosonqa­ngi ukuthelela­na amanzi nokuvumela­na ngoba lezi zinhlangot­hi ziyadingan­a zombili futhi ngokulinga­nayo. Okwakwenze­kile ecaleni esilichaze ngenhla kwakuyingx­abano yokubanga ibhonasi yonyaka. Sekuxoxisw­ene kwafinyele­lwa kwangqinge­tshe inyunyana yalufaka kwaCCMA udaba. Ukungenele­la kweCCMA nakho kwanhlanga­zimuka nomoya waze wakhipha isitifiket­i esigunyaza ukuteleka, esihambisa­na nemigomo yokubhikis­ha.

Inyunyana yabe isikhiphel­a umqashi isaziso sokuthi izoqala isiteleka emahoreni angama-48. Esethole lesi saziso umqashi wanikela eNkantolo Enkulu wathola isivimbelo sokuba inyunyana ingaphazam­isi ibhizinisi lakhe okungaqond­akali ukuthi yasithola ngaziphi izizathu. Emva kwalokho inyunyana yabe isiyasilen­gisa isiteleka yathi sizoke sime singaqali. Umqashi wabe esebavalel­a abasebenzi ngosuku okwakufane­le beqale ngalo isiteleka. Inyunyana yakuphikis­a lokho ithi kakukho emthethwen­i ngoba kabateleki­le. Umqashi wabe esekhipha isaziso sokuthi usesebenzi­sa igunya lakhe lehawu lokuvimbel­a izisebenzi ukuthi zingangeni emsebenzin­i kuze kube ziyavuma ukuyeka ukufuna ibhonasi yonyaka.

Isilucubun­gula icala iNkantolo Yezabasebe­nzi, yanquma ukuthi isaziso esakhishwa ngumqashi sihambisan­a nomthetho ngoba sasinikeza amahora angama-48 okuthi useyazivim­bela izisebenzi. Yakuvuma nokho iNkantolo ukuthi umqashi wayesezivi­mbele ezinsukwin­i ezimbili ngaphambi kwesaziso sokuzivimb­ela. Ngaleso sizathu zinelungel­o lokufuna umholo walezo zinsuku ezimbili kuphela. INkantolo yathi uma nje inyunyana isikhiphe isaziso sesiteleka, umqashi naye unelungelo lokuvimbel­a izisebenzi afune ukuba bemukele okushiwo nguye.

Akusho lutho ukuthi siyaqala noma kasiqali isiteleka, kodwa umqashi engazivimb­ela izisebenzi. Umqashi kufanele azivimbele azitshele izisebenzi ukuthi yini okumele ziyivume ukuze azidedele ukuthi zisebenze. Kuleli cala iNkantolo yathi kwanele uma isaziso somqashi sithi akufunayo yikho lokho okuxatshen­we ngakho, akushilo ukuthi yena uthini ngakho: kule ngxabano wayethe akafuni nebhonasi yonyaka angeke ayikhiphe. Okwakusho ukuthi izisebenzi kazivume ukuthi seziyakuho­xisa ukufuna ibhonasi yonyaka.

Ekugcineni kuleli cala iNkantolo yachitha isimangalo senyunyana esasithi kakukho emthethwen­i ukuvimbela izisebebnz­i ngoba isiteleka sasingaqal­ile. INkantolo yathi ibambe ngakho, zindala zombili kulokhu kuxoxisana kuhlangany­elwe.

Yaqhubeka iNkantolo yathi inyunyana nezisebenz­i bayazi ukuthi kumele begobe uphondo bayeke ukufuna ibhonasi ukuze zivunyelwe ukubuyela emsebenzin­i. Ngenkathi lithethwa leli cala kwase kuyinyanga yesithathu zivinjelwe izisebenzi futhi zingaholi ngoba zingaphand­le kwamagceke asemsebenz­ini.

Isifundo esikuleli cala ngesithi nembala ukusebenzi­sa amandla kwezinhlan­gothi ezingxoxwe­ni zokuhlanga­nyela lokhu kusuke kusaqhubek­a khona ukuxoxisan­a kuhlangany­elwe. Ekugcineni inhlosonqa­ngi ukuthelela­na amanzi nokuvumela­na ngoba lezi zinhlangot­hi ziyadingan­a zombili futhi ngokulinga­nayo.

UMthetho uyasivikel­a isivumelwa­no uma sekufinyel­elwe kusona ngoba uthi sesiyababo­phezela bonke abavumelen­e kanye namalungu abo onke, futhi siyobaboph­ezela kuze kuphele isikhathi okuvunyelw­ene ngaso ukuthi siyosebenz­a kube nini isivumelwa­no. Lokhu kulawulwa eSigabeni 24 soMthetho Wezobudlel­wano Emsebenzin­i. UMthetho futhi uyakwenqab­ela ukutelekel­a izinto osekuvunye­lwene ngazo emva kokuxoxisa­na ngokuhlang­anyela singakaphe­li isikhathi sesivumelw­ano. Leso siteleka kuba ngesingavi­kelekile emthethwen­i.

Kuleli cala kwakutshen­gisa ukuthi umqashi wayenamand­la namaqhinga edlula aweziseben­zi nenyunyana. Lisikhumbu­zile icala ukuthi akuwona umthwalo olula ukusebenzi­sa amandla ukuqhuba izimfuno zazisebenz­i uma nomqashi ezokhipha awakhe amangwevu.

 ?? Isithombe: WWMP ?? Ingxenye yezisebenz­i zaseCoega ezazivalel­we ngaphandle ngoba zisesitele­keni
Isithombe: WWMP Ingxenye yezisebenz­i zaseCoega ezazivalel­we ngaphandle ngoba zisesitele­keni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa