Amalungelo awaqalanga ngoMthethosisekelo
Uma isimo simazonzo ezweni, umnotho wezwe ubheke phansi, izinkampani ebezethenjiwe zivala, abantu bephelelwa yimisebenzi, kukhulunywa esidlangaleni ngokuthathwa kwezimpesheni zezisebenzi zisetshenziselwe eminye imisebenzi, lokhu kuyizimpawu zokuthi ezinye izinto ezenziwayo zicatshangwa bume.
Uma kunjalo impi seyisendlini, kulula ukunyathela ilungelo lomuntu naye anganaki futhi agcine engazi ukuthi ulimale kuphi, azithole esopha nje.
Silambe namalungelo esawathola ngokuvota kodwa akasisebenzeli ngokuphelele.
Sinamalungelo esiwanikwa wuMthethosisekelo kodwa sibulalana namalungelo ethu.
Sinamalungelo okwenza izinto siziphathele impilo nezikhungo kodwa ziwa siziphethe, kugcine kuhlupheka thina ngaphezu kwezinye izizwe.
Singena enyangeni uNdasa okuyinyanga okukhunjulwa ngayo abalishiya leli lizwe belwela amalungelo.
Amalungelo abantu akusiyo into ekhona ngoba seyibhalwe phansi kodwa yinto okumele kube yindlela yokuphila nokuphilisana kwabantu. Kwabanye kungase kube nomcabango wokuthi amalungelo aqale ukwaziwa nokunakwa ngoba eseyingxenye yoMthethosisekelo wezwe. Iqiniso okumele sihlale silazi ngelokuthi amalungelo abaziwa kodwa anyathelwa ngamabomu, kwathi labo abavumbulula iqiniso lamalungelo baboshwa abanye babulawa ngezindlela ezinesihluku kanti abanye bethuswa kwagcina kusengathi kunalabo abanamalungelo kanye nalabo abangafanelwe amalungelo.
Ilungelo lihambisana nokuphila kanye nokuphilisana kwabantu kodwa akuvamisile ukuba kugxilwe kokumele kwenziwe yilowo onelungelo. Phela ilungelo aligengqezi nje lizihambele lodwa kodwa lesekwa yizenzo ezithile okumele zenziwe yilowo onelungelo.
Uma sithanda singawehlukanisa amalungelo ngemikhakha yempilo. Abanye bathi uma bewathola amalungelo bese bewathatha bawadayisele abanye ngoba bengenalwazi lokuwathatha bawasebenzise ngokufanele. Amanye amalungelo aphelela ezandleni siwaphethe ngenxa yokungazi ukuthi uma sisusa unyawo sizobheka ngakuphi.
Ukuvuleka kwesicabha akumsizi umuntu ongenazo izinyawo kumbe amehlo ukuba azihambele angene. Noma ngabe kutholwani ngaphakathi endlini ongenazinyawo nongaboni uyokuba ngowokugcina ukunakwa. Uyosizwa wukuthathwa abekwe.
Noma esebekiwe uyokube engazi ukuthi uzokwenzani kuleyo ndlu uma engachazelwanga wafundiseka ngandlelathize.
Ilungelo alimsizi ngalutho umuntu ongalazi, ongekho esimweni sokulamukela engazi ukuthi lingelakhe naye. Bazithathela phambi kwakhe ethule ebukela. Ingozi enkulu kungaba wukubeka umuntu ebuholini kodwa engawazi amalungelo futhi engenabo ubuciko bokuwaba ngononina kusizakale bonke abantu. Kungaba nengozi yokuthi athathe amalungelo azivulele yena nalabo ahlobene nabo kuthi iningi eliwadingayo ligcine liwabukela kude noma liwezwa ngendaba.
Umsebenzi omkhulu wobuholi kumele kube wukulungisa imiqondo yabantu ukuba bawabone amalungelo futhi babe sesimweni sokuwamukela angaze athathwe ngabanye abanolwazi ngaphezu kwabo.
Isibonelo salokhu ngicabanga umsebenzi ongenziwa yikhansela uma selikhethiwe, kungaba wukuqinisekisa ukuthi abantu abasendaweni yalo bayafunda futhi bayafundiseka ngezinto ezingase zibe yisidingo kulowo mphakathi. Kumele ngokubambisana noMnyango Wezemfundo kulungiswe imfundo yaleso sigodi ukuba sikhiqize ososayensi ngobuningi ukuze bangene emikhakheni eyahlukene emuva kweminyaka embalwa bengene ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Okwamanje akukhombisi kuxhumana phakathi kohlobo lwezifundo ezifundwayo endaweni nalokho okudingwa yileli zwe ngezigodi ngezigodi. Ukulungiselelwa kolwazi kumele kuqale esiyingini esincane kuphumele ngaphandle kwande nakwezinye iziyingi. Ophethe ezomnotho endaweni kumele azi ukuthi izikole zifundisani futhi ikusasa lazo lithini. Kumele kumkhathaze umholi wesigodi ukuthi izingane ziyaphuma esigodini asiholayo ziye kofuna ulwazi ngaphandle kwesiyingi sakhe. Akusiwo umsebenzi wenyanga eyodwa lona kumbe oweminyaka emihlanu lisebenza ikhansela kodwa ngoxhumanisa iminyaka yeqe eshumini kufundiswa abantu endaweni.
Uma silindele ukuwamukeliswa uHulumeni omkhulu amalungelo, sisahuqa ubuthongo singaphansi kwengubo. Ngokubona kwami amalungelo kumele aqale eduze ukuze azisabalalele ngokwawo kuthi lowo angakafiki ngakubo abuze umholi wangakubo ukuthi kwenzenjani.
Angisho ukuthi uHulumeni omkhulu ngiyamkhipha kulolu daba lwamalungelo. Unomsebenzi omkhulu ekwenzeni isimo sisebenze ngokomthetho nasemazingeni wonke ezwe. Amaningi amalungelo asebiyelelwe ngemithetho eyahlukene ukuze kulawuleke ukunikezelwa kwamalungelo bese kuba nezindlela zokuqapha labo abawashaya indiva awabanye.
Eqinisweni kwakungadingi ukuba kuze kwakhiwe umthetho ngaphambi kokuba abantu bathole amalungelo kumbe banike abanye awabo. Lena yinto okumele izenzakalele ngoba singabantu, kumele ibe yingxenye yempilo yomuntu nomunye.
Emuva kokuthi sekukhulunyiwe kwavunyelwana ngokuthi amalungelo asezonikezelwa ngokulingana kubantu, kwakufanele ukuthi kuzenzekele kalula ukuthi aboHlanga babonakale ngobuningi bengena emisebenzini yobumeneja nasemisebenzini yokuphatha. Kuze kube manje, kweminingi yemisebenzi esemqoka aboHlanga basalandela ngemuva futhi kababalwa nokubalwa emisebenzini yobuchwepheshe Phakathi kwemithetho eyashaywa kuleli zwe kunalowo obizwa nge-Employment Equity ogcizelela ukuqashwa kwabantu ngesilinganiso esifanelekile.
Ngokwalo mthetho kumele inkampani yenze isiqiniseko sokuthi ezisebenzini eziqashiwe kunabesifazane abayisibalo esithile kanti ngokunjalo kumele kube nabanokukhubazeka okuthile abanikwa izikhala emsebenzini.
Ngamanye amazwi lo mthetho ubhekelela amalungelo abesifazane kanye nabanokukhubazeka ukuthi bangabandlulwa ngenxa yobulili nesimo esithile sabo. Akufanele kuze kube kuyaphoqelelwa ukuthi kuqashwe isibalo esithile sabesifazane kodwa ngenxa yokuthi kunalabo ababakhipha inyumbazane noma bezifakile izicelo futhi benolwazi oluphelele oludingekayo kulowo msebenzi.
Umzabalazo wokulwa nobandlululo wawungenxa yokunyathelwa kwamalungelo aboHlanga bezithola bencishwa amalungelo emikhakheni eyahlukene. Noma sekuthiwa selikhululekile leli kusenzima ukubona imiphumela yakho ngoba ingqinambi enkulu ngeyokuthi umlando, ikakhulukazi imfundo ayibalungiselelanga kahle aboHlanga ukuba bangene khaxa kweminye imisebenzi.
Akusafanele ukuba nanamuhla emuva kweminyaka engaphezu kwama-25 sisabungaza ukuqeda komshayeli oyedwa wesifazane waboHlanga okwazi ukushayela uhlobo oluthile lwamabhanoyi. Amalungelo avulekile kodwa abantu abakaze bawathathe awokufunda ukushayela amabhanoyi. Kulesi simo kuyadingeka uHulumeni akumele ngezinyawo ukusetshenziswa kwamalungelo afuze leli, ukuze isithombe esivelayo emhlabeni siveze ukuthi ngobani abaningi ngokwesibalo.