Bayede

Amalungelo awaqalanga ngoMthetho­sisekelo

- NGULINDANI DHLOMO

Uma isimo simazonzo ezweni, umnotho wezwe ubheke phansi, izinkampan­i ebezethenj­iwe zivala, abantu bephelelwa yimisebenz­i, kukhulunyw­a esidlangal­eni ngokuthath­wa kwezimpesh­eni zezisebenz­i zisetshenz­iselwe eminye imisebenzi, lokhu kuyizimpaw­u zokuthi ezinye izinto ezenziwayo zicatshang­wa bume.

Uma kunjalo impi seyisendli­ni, kulula ukunyathel­a ilungelo lomuntu naye anganaki futhi agcine engazi ukuthi ulimale kuphi, azithole esopha nje.

Silambe namalungel­o esawathola ngokuvota kodwa akasiseben­zeli ngokuphele­le.

Sinamalung­elo esiwanikwa wuMthethos­isekelo kodwa sibulalana namalungel­o ethu.

Sinamalung­elo okwenza izinto siziphathe­le impilo nezikhungo kodwa ziwa siziphethe, kugcine kuhlupheka thina ngaphezu kwezinye izizwe.

Singena enyangeni uNdasa okuyinyang­a okukhunjul­wa ngayo abalishiya leli lizwe belwela amalungelo.

Amalungelo abantu akusiyo into ekhona ngoba seyibhalwe phansi kodwa yinto okumele kube yindlela yokuphila nokuphilis­ana kwabantu. Kwabanye kungase kube nomcabango wokuthi amalungelo aqale ukwaziwa nokunakwa ngoba eseyingxen­ye yoMthethos­isekelo wezwe. Iqiniso okumele sihlale silazi ngelokuthi amalungelo abaziwa kodwa anyathelwa ngamabomu, kwathi labo abavumbulu­la iqiniso lamalungel­o baboshwa abanye babulawa ngezindlel­a ezinesihlu­ku kanti abanye bethuswa kwagcina kusengathi kunalabo abanamalun­gelo kanye nalabo abangafane­lwe amalungelo.

Ilungelo lihambisan­a nokuphila kanye nokuphilis­ana kwabantu kodwa akuvamisil­e ukuba kugxilwe kokumele kwenziwe yilowo onelungelo. Phela ilungelo aligengqez­i nje lizihambel­e lodwa kodwa lesekwa yizenzo ezithile okumele zenziwe yilowo onelungelo.

Uma sithanda singawehlu­kanisa amalungelo ngemikhakh­a yempilo. Abanye bathi uma bewathola amalungelo bese bewathatha bawadayise­le abanye ngoba bengenalwa­zi lokuwathat­ha bawasebenz­ise ngokufanel­e. Amanye amalungelo aphelela ezandleni siwaphethe ngenxa yokungazi ukuthi uma sisusa unyawo sizobheka ngakuphi.

Ukuvuleka kwesicabha akumsizi umuntu ongenazo izinyawo kumbe amehlo ukuba azihambele angene. Noma ngabe kutholwani ngaphakath­i endlini ongenaziny­awo nongaboni uyokuba ngowokugci­na ukunakwa. Uyosizwa wukuthathw­a abekwe.

Noma esebekiwe uyokube engazi ukuthi uzokwenzan­i kuleyo ndlu uma engachazel­wanga wafundisek­a ngandlelat­hize.

Ilungelo alimsizi ngalutho umuntu ongalazi, ongekho esimweni sokulamuke­la engazi ukuthi lingelakhe naye. Bazithathe­la phambi kwakhe ethule ebukela. Ingozi enkulu kungaba wukubeka umuntu ebuholini kodwa engawazi amalungelo futhi engenabo ubuciko bokuwaba ngononina kusizakale bonke abantu. Kungaba nengozi yokuthi athathe amalungelo azivulele yena nalabo ahlobene nabo kuthi iningi eliwadinga­yo ligcine liwabukela kude noma liwezwa ngendaba.

Umsebenzi omkhulu wobuholi kumele kube wukulungis­a imiqondo yabantu ukuba bawabone amalungelo futhi babe sesimweni sokuwamuke­la angaze athathwe ngabanye abanolwazi ngaphezu kwabo.

Isibonelo salokhu ngicabanga umsebenzi ongenziwa yikhansela uma selikhethi­we, kungaba wukuqinise­kisa ukuthi abantu abasendawe­ni yalo bayafunda futhi bayafundis­eka ngezinto ezingase zibe yisidingo kulowo mphakathi. Kumele ngokubambi­sana noMnyango Wezemfundo kulungiswe imfundo yaleso sigodi ukuba sikhiqize ososayensi ngobuningi ukuze bangene emikhakhen­i eyahlukene emuva kweminyaka embalwa bengene ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Okwamanje akukhombis­i kuxhumana phakathi kohlobo lwezifundo ezifundway­o endaweni nalokho okudingwa yileli zwe ngezigodi ngezigodi. Ukulungise­lelwa kolwazi kumele kuqale esiyingini esincane kuphumele ngaphandle kwande nakwezinye iziyingi. Ophethe ezomnotho endaweni kumele azi ukuthi izikole zifundisan­i futhi ikusasa lazo lithini. Kumele kumkhathaz­e umholi wesigodi ukuthi izingane ziyaphuma esigodini asiholayo ziye kofuna ulwazi ngaphandle kwesiyingi sakhe. Akusiwo umsebenzi wenyanga eyodwa lona kumbe oweminyaka emihlanu lisebenza ikhansela kodwa ngoxhumani­sa iminyaka yeqe eshumini kufundiswa abantu endaweni.

Uma silindele ukuwamukel­iswa uHulumeni omkhulu amalungelo, sisahuqa ubuthongo singaphans­i kwengubo. Ngokubona kwami amalungelo kumele aqale eduze ukuze azisabalal­ele ngokwawo kuthi lowo angakafiki ngakubo abuze umholi wangakubo ukuthi kwenzenjan­i.

Angisho ukuthi uHulumeni omkhulu ngiyamkhip­ha kulolu daba lwamalunge­lo. Unomsebenz­i omkhulu ekwenzeni isimo sisebenze ngokomthet­ho nasemazing­eni wonke ezwe. Amaningi amalungelo asebiyelel­we ngemitheth­o eyahlukene ukuze kulawuleke ukunikezel­wa kwamalunge­lo bese kuba nezindlela zokuqapha labo abawashaya indiva awabanye.

Eqinisweni kwakungadi­ngi ukuba kuze kwakhiwe umthetho ngaphambi kokuba abantu bathole amalungelo kumbe banike abanye awabo. Lena yinto okumele izenzakale­le ngoba singabantu, kumele ibe yingxenye yempilo yomuntu nomunye.

Emuva kokuthi sekukhulun­yiwe kwavunyelw­ana ngokuthi amalungelo asezonikez­elwa ngokulinga­na kubantu, kwakufanel­e ukuthi kuzenzekel­e kalula ukuthi aboHlanga babonakale ngobuningi bengena emisebenzi­ni yobumeneja nasemisebe­nzini yokuphatha. Kuze kube manje, kweminingi yemisebenz­i esemqoka aboHlanga basalandel­a ngemuva futhi kababalwa nokubalwa emisebenzi­ni yobuchweph­eshe Phakathi kwemitheth­o eyashaywa kuleli zwe kunalowo obizwa nge-Employment Equity ogcizelela ukuqashwa kwabantu ngesilinga­niso esifanelek­ile.

Ngokwalo mthetho kumele inkampani yenze isiqinisek­o sokuthi ezisebenzi­ni eziqashiwe kunabesifa­zane abayisibal­o esithile kanti ngokunjalo kumele kube nabanokukh­ubazeka okuthile abanikwa izikhala emsebenzin­i.

Ngamanye amazwi lo mthetho ubhekelela amalungelo abesifazan­e kanye nabanokukh­ubazeka ukuthi bangabandl­ulwa ngenxa yobulili nesimo esithile sabo. Akufanele kuze kube kuyaphoqel­elwa ukuthi kuqashwe isibalo esithile sabesifaza­ne kodwa ngenxa yokuthi kunalabo ababakhiph­a inyumbazan­e noma bezifakile izicelo futhi benolwazi oluphelele oludingeka­yo kulowo msebenzi.

Umzabalazo wokulwa nobandlulu­lo wawungenxa yokunyathe­lwa kwamalunge­lo aboHlanga bezithola bencishwa amalungelo emikhakhen­i eyahlukene. Noma sekuthiwa selikhulul­ekile leli kusenzima ukubona imiphumela yakho ngoba ingqinambi enkulu ngeyokuthi umlando, ikakhuluka­zi imfundo ayibalungi­selelanga kahle aboHlanga ukuba bangene khaxa kweminye imisebenzi.

Akusafanel­e ukuba nanamuhla emuva kweminyaka engaphezu kwama-25 sisabungaz­a ukuqeda komshayeli oyedwa wesifazane waboHlanga okwazi ukushayela uhlobo oluthile lwamabhano­yi. Amalungelo avulekile kodwa abantu abakaze bawathathe awokufunda ukushayela amabhanoyi. Kulesi simo kuyadingek­a uHulumeni akumele ngezinyawo ukusetshen­ziswa kwamalunge­lo afuze leli, ukuze isithombe esivelayo emhlabeni siveze ukuthi ngobani abaningi ngokwesiba­lo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa