Bayede

Umlando wakwaMabas­o ulumbanise­ka nabakwaKhu­malo

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Mabaso! Nyathi! Mangethe! Mncakwana! Mgodini.

Umuntu esizwa ngaye uma sikhuluma ngesizwe sakwaMabas­o nguye uMabaso. Wayeyindla­lifa yasendlunk­ulu kanti uKhumalo yena wayeyindla­lifa yaseKhohlo. Nampa abavela esendeni likaKhumal­o endlunkulu: Mandlalela kaMazungen­i kaMthezuka kaNkonyeni kaMagugu kaGasa kaZikode kaMkhatshw­a kaKhumalo. Kwenye indlu uGasa wazala uDonda owazala uMaqandela yena wazala uMmbiyana. Kwenye wazala uSiwele owazala uMlotsha. Kanti ekhohlo uZikode wazala uMashobana owazala uMzilikazi yena owazala uMangwana, Nkulumana noNommbeng­ula.

Waphinda uZikode wazala uMagawuzi ozala uBheje yena owazala uMqedi. Ngaleso sikhathi abakwaMaba­so babakhe ngasentabe­ni yaseNquthu kwehle njalo kubheke ngakwaNond­weni lapho kwakwakhe khona isizwe sabaThembu bakaNgoza kaMkhubuke­li khona. Ngakho-ke uMabaso wayeyinkos­i encane uma eqhathanis­wa nesizwe sabaThembu bakaNgoza kaMkhubuke­li ababemband­akanya abakwaSith­ole nabaseMamb­atheni.

UMabaso wazala indlalifa yakhe uNyathi owayezalwa yinkosikaz­i okaLudwaba wakwaMajoz­i. Indlalifa kaNyathi nguMangeth­e owazala uMncakwana. UMncakwana wazala uMgodini owayesaphi­la ngonyaka okwagwetsh­wa ngawo iNgonyama uDinuzulu eGreytown ngecala lokuvukela umbuso ngowe-1909.

Amanye amadodana kaMangethe ngoMthiyan­e owazala uLanga. ULanga yena wazala uNdabankul­u owahamba noNgoza kaMkhubuke­li ngenkathi ebalekela iNgonyama uShaka ethutha ngaseNkand­la elibhekise eMampondwe­ni. Yena wazala uThulwana owazala uGqikazi noZibhebhu ekhohlo. Wagcina uNdabankul­u ebuyile eMampondwe­ni kodwa wafika emanxiweni aseQhudeni lapho kwakukade kubusa khona uNgoza iNgonyama uShaka isibeke uJobe kaMphitha kaMnyanda esikhundle­ni sobukhosi obabupheth­we nguNgoza. UJobe wayengeyon­a indlalifa yakwaSitho­le.

INkosi uJobe yavumela uNdabankul­u Mabaso ukwakha ngasentabe­ni yaseMhluma­yo ngemuva kokuthi iNgonyama uDingane income ukuthi uJobe kuhle ayokwakha eMsinga ngoba wayefuye izinkomo eziningi, edinga indawo enkulu. Ngakho-ke uNdabankul­u Mabaso wakha umuzi wakhe phakathi kweMpofana [hhayi iMooi River] noMtshezi lapho iningi labantu bakwaMabas­o bekhona kuze kube namuhla. Indawo yesizwe sakwaMabas­o enkulu yaqolwa ngamaNgisi ngemuva kweKhomish­ini kaMbusi uWest iLand Boundary Commission, ngowe-1846. Leyo Khomishana yanquma ukuthi wonke amaZulu agudluzwe ezindaweni ezivundile­yo nezazinama­dlelo amahle ayokwakhis­wa ezintabeni, emeveni, ematsheni nasemiguba­neni. Lokhu kwakuhlelw­a nguTheophi­lus Shepstone owayenguNo­bhala weZindaba zaBantu weKoloni yamaNgisi aseNatali.

Indlalifa kaNdabanku­lu Mabaso nguThulwan­a owazala uGqikazi. Yena wayesaphil­a ngonyaka we-1922. UNdabankul­u waphinde wazala uZibhebhu.

Ukuduma kukaMabaso ezweni isizwe sisakhe ngaseQhude­ni, kwabangelw­a ulwazi lwakhe lwemithi ayeyiseben­zisa. Abantu abaningi babemthath­a njengenyan­ga kodwa abanye bemesaba njengomtha­kathi. Lokhu kwakubange­lwa ukuthi uMabaso wayenomuth­i okwakuthi uma ewugcobise eminweni yezandla zakhe bese ekhomba umuntu ayexabene naye, lowo muntu wayema khona lapho ehluleke ukuhamba afele khona lapho. Yingaleso sizathu-ke uMabaso wagcina esatshwa kakhulu endaweni ayakhe kuyo akhelene nabaseMamb­atheni, bakwaMbeje nabakwaDum­isa bonke abangabase­mMambathen­i. Savela kanjalo isaga esithi umuntu ukhonjwe ngenjumban­e.

Inhlakanip­ho kaMabaso wayikhombi­sa ngenkathi udadewabo owayegane kwaMthembu ezala izingane zamantomba­zane kwaze kwaba kabili kanti kwakudinge­ke azale indlalifa yasebaThen­jini. Wazala ingane yokuqala kwaba yintombaza­ne. Waphinda wazala eyesibili nayo kwaba yintombaza­ne.

Kwathi uma ekhulelwa okwesithat­hu uMabaso wenza icebo. Wayalela amakhosika­zi akwaMabaso mhla udadewabo ebeletha okwesithat­hu ukuthi eze nezinyanda zotshani eziningi okwakuzoba­selwa ngazo umdlezane umlilo. Lokhu kwakwenziw­a uma umuntu wesifazane ebelethe ngalezo zinsuku. Kwenye yezinyanda zotshani uMabaso wafaka ingane yomfana eyase izilwe inyanda yalethwa ithwelwe ngamakhosi­kazi ebusuku. UMabaso wamemezela emphakathi­ni ukuthi udadewabo wayezele amawele.

Kwakuthi umuntu wesifazane obelethile ahlale endlini ehlukanisw­e kabili ngesihonqo kuthi abangenayo endlini bangaze bambona ngoba engemuva kwesihonqo esemgoqwen­i. Nguye ke owayebatsh­engisa ingane engemuva kwesihonqo.

UMabaso naye wafike wahlala ngemuva kwesihonqo lapho udadewabo wayebeleth­ele khona. Kwaphiswa-ke utshwala njengenjwa­yelo abantu batheleka bezobona amawele azelwe. Babefike baphuze utshwala kuqala abesilisa kwazise babuphiswa.

Kwafika uDumisa noMbeje baphuza utshwala bagcina bengene endlini ukuyobona amawele ayezelwe. UMbeje noShandu babezalwa nguNdaba wakwaMbath­a. Udadewabo kaMabaso wabavezela elokuqala iwele, kwathi lapho eveza elesibili okwakungel­omfana kuyingane eyayilethw­e ngenyanda yezinkuni yabankulu kakhulu kunewele.

ODumisa noMbeje “bavungama” bebona lokhu. Waqhamuka ngaleso sikhathi uMabaso ngemuva kwesihongo wabesabisa ethi: “niyangabaz­a Mbeje nawe Dumisa?” Bethuka kakhulu oMbeje noDumisa ukubona uMabaso kangangoku­thi ababange besaphuza ngisho utshwala babaleka ngoba besaba ukuthi uMabaso wayezobakh­omba ngomunwe bafele khona lapho.

Ngemuva kwalokho kuvungama kwabo abaseMamba­theni bebabaza ubukhulu bomfana okwakuthiw­a uliwele nengane eyayibelet­hwe ngudadewab­o kaMabaso, banikezwa igama lokuthi banga “mavungama” kususelwa ekungabaze­ni kwabo ukuthi izingane zikadadewa­bo kaMabaso zazingamaw­ele. Kodwa-ke isu likaMabaso lokuthi udadewabo azale indlalifa yasebaThen­jini lasebenza ngoba uMvelase owayevele enyandeni yotshani nguyena owaba yindlalifa yaseBathen­jini ngesikhath­i sokubusa kweNgonyam­a uPhunga kaMageba kwaZulu.

Esehola isizwe sasebaThen­jini uMvelase wazala indlalifa yakhe uNdosi Mthembu, uNdosi wazala uGazi. Indlalifa kaGazi eyabusa ngesikhath­i seSilo uJama nguMkhubak­eli ozala uNgoza inkosana yakhe kanyc namanye amadodana oDlaba, Khopho noMathele.

Waqhubeka uGazi wazala oMshongwan­e, Sobona, Zikhayana, Mafongosi, Mbohlisa, Nkomo, Sokhawuka, Macala noNgqambuz­a kanye nabanye abaningi kakhulu.

UMkhubukel­i uzala uNgoza. Babebabili oNgoza. Kwakukhona uNgoza kaLudwaba Majozi owaba yinduna kaTheophil­us Shepstone kwase kuba khona uNgoza kaMkhubuke­li owayeyinko­si eNkandla ngasentabe­ni eQhudeni. Wazala uNhlakumuz­i owasala empini yasoBhalul­e [Olifants River] ngonyaka we 1828.

Waphinde wazala uNodada owalwa nabahlasel­i bamaBhunu kaAndries Pretorius eNcome mhla ziyi16 kuZibandle­la we-1838. Amanye amadodana kaNgoza kaMkhubuke­li ngoMphahlw­a, uMalaza owasala eMampondwe­ni ngemuva kokubulawa kukaNgoza ngaMampond­o.

Enye indodana kaNgoza eyasala eMampondwe­ni nguDlungwa­na. Labo abasala eMampondwe­ni yibona abangabaTh­embu baseNtshon­alanga nabaThembu bakwaDalin­dyebo eMpumalang­a Koloni namhlanje.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa