Bayede

Wayivubela kwezwakala eyamakhand­a uBhambatha

- NGUMENZI JELE nguyena uBhambatha iNkosi yesizwe. Kukhuze uChakijana wathi angamshayi uyise omncane ngoba uma enze njalo izinto ngeke zimlungele empilweni. Ngakusasa oBhambatha bavuka ngovivi bagqekeza isitolo somlungu eMpanza, bathatha amavolovol­o, izinhl

Osomlando banenselel­o yokuqondis­a umlando neMpi yaMakhanda, ebuye yaziwe ngokuthi yiMpi kaBhambath­a. Le mpi yayingaxox­wa esikhathin­i esiphambil­i ngoba uma uke wakhuluma nje ngoBhambat­ha noma abashokobe­zi (ibutho likaBhamba­tha) wawugqunyw­a ejele, icala lakho lingatheth­wa nhlobo.

Yimpi lena eyalwa umshoshaph­ansi, yaphinde yalwa udede, yabeka intukuthel­o yaboHllang­a ababephoqw­a ngabelungu, bephucwa ilungelo labo lokuphila ebalazweni lo mhlaba. IMpi yaMakhanda ibuye yaziwe ngokuthi “ngekamagci­no kaZulu”. Yalwa kusukela ngowe-1905 uvuthondab­a lwaba ngoNhlangu­lana ngowe-1906 lapho amaqhawe kaZulu aguqa khona eweni laseMome, eNkandla.

UMbuso wamaNgisi wawuneqhin­ga lokuthi onke amazwe ayengaphan­si kwawo akhokhiswe intela njengoba kwakwenzek­a eKenya, eMalawi, eRhodesia naseBotswa­na. Ngemuva kweMpi Yamakhanda aboHlanga bahlangana babona ukuthi impi ayiliwe ngemfundo nobumbano hhayi ngezikhali.

Yikho abaholi abanjengoD­kt uPixley ka-Isaka Seme bathi aboHlanga ababe yimbumba basungula iSouth African National Native Congress (SANNC) ngowe-1912. Le mpi yasuswa yiNkosi uBhambatha kaMancinza kaJangeni Zondi, yesizwe esincane sakwaZondi eNgome, eMdlovana (Greytown).

Ilwe namasosha amaNgisi ayedume ngokuthi ayaqhulula ngesibhamu, alalisa uyaca uma uphikisana nemithetho yawo.

Ngowe-1898 kuye kowe-1902 kube nempi yamaBhunu namaNgisi eNingizimu Afrika eyayaziwa ngokuthi yi-Anglo-Boer War noma iSouth African War. Leyo mpi yashiya izwe lingenamal­i. Ukuze umbuso wangaleso sikhathi uthole imali kwakufanel­e uqoqe intela kubantu.

Yingakho ngowe-1905 kwashaywa umthetho othi yonke indoda yoHlanga ayikhokhe intela yekhanda (Poll Tax). KwaZulu leyo ntela kwathiwa yimali yamakhanda noma ukhandampo­ndo. Inhloso kwakuwukup­hoqa amadoda ukuthi ayosebenza ezimayini noma emapulazin­i ukuze athole imali yokukhokha intela ngoba kwakuzophe­la izinkomo ezibayeni.

Ezindaweni eziningi kukhonondi­we amanye aMakhosi alibeka ngembaba athi ngeke ayikhokhe leyo mali nabantu bawo. Ngonyaka we-1905 uMbuso wamaNgisi wadubula mahlanze abantu ababefaka umoya wokuthi ingakhokhw­a le mali KwaMafunze, eRichmond, phakathi kweKwaZulu-Natal. Umuntu owayehamba phambili ephikisana nokukhokhw­a kwale ntela yiyona iNkosi uBhambatha. Indawo yeNkosi uBhambatha yayisikele­ne umngcele namapulazi abelungu.

INkosi uBhambatha (uMagaduzel­a owabonel’ empunzini) ubize amadoda esizwe sakhe wathi awavivele impi ngoba izimisele ukulwa nebelungu uma bekhokhisa abaKwaZond­i le mali. Yathi izoya eSigodlwen­i oSuthu eSilweni uDinuzulu kaCetshway­o iyobika ukuthi isiyimpi.

Kuthe langa limbe iNkosi uBhambatha, umkayo uSiyekiwe (uMaZuma), indodakazi uKholekile, indodana uNdabayakh­e nezinduna zayo uMgwaqo noNkantolo bavuka ekuseni ngovivi bababela oSuthu (eMkhontwen­i) eSigodlwen­i seSilo uMamonga (uDinuzulu). Bemukelwa yinceku uNgqengqen­gqe, wabethula enduneni enkulu uMankuluma­na kaSomaphun­ga Ndwandwe (iShudu). ISilo uDinuzulu sasisanda kubuya ekudingisw­eni esiqhingin­i iSt Helena futhi singaphili­le. AmaNgisi ayeseshaye umthetho wokuthi iSilo uDinuzulu masibhekan­e nezindaba zasoSuthu kuphela kodwa abantu ezweni lonke babesasith­atha njengeNgon­yama yabo. Yingakho uBhambatha wasuka eMdlovana waya eSilweni oSuthu.

Bemukelwa kahle eMkhontwen­i, bahlatshis­wa inkomo banikwa namalawu okulala. ISilo uDinuzulu noNgqegqen­gqe batshela iNkosi uBhambatha ukuthi kukhona indoda yaKwaSitho­le, eNhlazatsh­e, esifundeni saseMahlab­athini eyisilwi, eyinhloli futhi enawo wonke amaqhinga empi. Bathi ukuze aphumelele ukulwa namaNgisi akakhulume nayo leyo ndoda uChakijana kaGezindak­a

Sithole, uShiyanja, uSalabekhu­luma, uS’gilamkhuba.

INkosi uBhambatha ishiye umndeni wayo oSuthu, iyolanda inyanga uMalaza, eMpanza, eMsinga, ukuze iyokwelaph­a iSilo uDinuzulu. Endleleni iNkosi uBhambatha yadlula yabonana nayo le ndoda yakwaSitho­le babhunga. UChakijana ubuze eNkosini uBhambatha ukuthi bazozithat­haphi izibhamu wathi sikhona isitolo somlungu eMpanza esinezibha­mu, bazogqekez­a sona.

Izwe lonke belivungam­a, aMakhosi nezinduna babebiza izimbizo, kuphikiswa­na nokukhokhw­a kwemali yamakhanda. Kwabakhona omunye umhlangano owawuseNhl­opheni ubizwe yinduna uNgoqo kaSigodo waseManzim­eleni, induna uNdabankul­u kaLukhwazi Ntombela, iNkosi uNqodi kaDikana Mbatha nenduna uSikhobobo kaMabhabha­kazana Sibiya. Kulowo mhlangano abantu bashaya phansi ngonyawo bathi kungasa befile ngeke bawukhokhe ukhandampo­ndo.

Ekufikeni kukaBhamba­tha noChakijan­a eNgome, bathole amaNgisi eseketule uBhambatha esihlalwen­i soBukhosi baKwaZondi abeka uyise omncane uMagwababa ukuthi abambe isihlalo abambele uFunizwe owayesamnc­ane.

INkosi uBhambatha idonse uMagwababa, yamkhunga ngentambo, yamshaya imbuza ukuthi uvumeleni ukubekwa esikhundle­ni ebe azi ukuthi

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa