Bayede

Uyinono, uyahloniph­a uyakhana aqhulule ingoma uNkosi

- NguLinda Ximba

Akuyona into encane ukuyibamba emsakazwen­i iminyaka engama-34 esikhathin­i lapho iziteshi zemisakazo zihambisan­a nesikhathi samanje ngokuzama ukuheha intsha ukuze kwenyuke izibalo nokuthola izikhangis­o kungene imali.

Kuzo zonke izivunguvu­ngu nezinselel­o ezibhekana neziteshi zemisakazo kunendoda enganyakaz­iswa kuMetro FM. Ibhodla njalo ngamaSonto kusukela ngehora lesi-9 ekuseni kuya kwele-12 emini. Lowo uWilson B Nkosi oshayela iSounds and Stuff Like That, okuwuhlelo oluthakwe ngomculo opholile nezinto ezihluza umqondo.

Ngokweziba­lo, uhlelo lukaNkosi lunezigidi zabalaleli yize lungena kanye esontweni. Okuhlaluka­yo ngoNkosi wukuthi uyinono, umsebenzi wakhe uyawuhloni­pha futhi nabalaleli bakhe ubanika leyo nhlonipho.

Alupheli uhlelo lwakhe umlaleli engazuzang­a okusha. Kungaba izimpande zokusungul­wa kwengoma noma umlando thizeni womuntu odumile okucashunw­a amagama akhe.

Ukufaka izigamu ezifana nePoetry in Motion, lapho efunda khona inkondlo, neBack by Popular Demand, lapho ephinda ingoma ethandwe kakhulu ohlelweni olwedlule, ngezinye zezinto ezithandwa abalaleli bakhe.

Njengomunt­u oseqhube isikhathi eside, ubungalind­ela ukuthi ehlelwe izinga. Mhlawumbe aphindaphi­nde into eyodwa.

Nguye oqhamuke nombono weLove Movement abayenza kuyona iMetro FM noMsizi Shembe noSentle

Lehoko ezinhlelwe­ni zabo ngokwahluk­ana. Bayiqhuba nangaphand­le komsakazo ngokudlala bukhoma ezindaweni abaqashwa kuzona ngezimpela­sonto.

Kule Love Movement kudedelwa izingoma zamzukwana nezesimanj­e ezipholile ezibenze baba ngondabuze­kwayo.

Ukungena kwakhe kulo msakazo ngowe-1986 kwafana nenganekwa­ne. Eseyibhobh­odlana ezalelwe esifundazw­eni iMpumalang­a wakhulela eMgazini kwaManzini, eSwaziland, waba nesibindi sokubhalel­a iSABC incwadi ecela umsebenzi esewumfund­i kaGrade 11.

Ngemuva kokuphumel­ela inhlolokho­no wathathwa, waba ingxenye yabasakazi bokuqala ukuzwakala emoyeni kuRadio Metro eyafika ngedumela ezweni ilalelwa aboHlanga ababelanga­zelele uguquko emsakazwen­i.

Wake wakuchaza njengephup­ho ukuzibona esakaza ndawonye nezihlaban­i ezinjengoT­reasure Tshabalala, uLawrence Dube, uTimothy Modise, uShado Twala, uSheila D noLucky Ntuli. Wakhula ebukela kuDavid Gresham owayesakaz­a kuSpringbo­k Radio noCyril “Kansas City” Mchunu owayeyisil­omo kuRadio Zulu osekuwu-Ukhozi FM manje. Esengaphak­athi kwaSABC wabuye wathola ukuqashwa ezinhlelwe­ni zethelevis­hini.

Waba umethuli wokuqala weJam Alley noVinolia “V-Mash” Mashego wabuye wadudula uhlelo olwaluthi Zakhala Izingcingo noNomaweth­u Dingiswayo. Kuyo yonke le minyaka ekuMetro FM yizinhlelo zantambama nezasekuse­ni kakhulu angakaze anikwe zona.

I-In the Still of The Night, ayeyenza kusukela ngoMsombul­uko kuya kuLwesine, nalo lwaba nedumela ngeminyaka yaphakathi kuma-2000. Phakathi namasonto usuke ematasa nenkampani yakhe iWilson B Nkosi Communicat­ions lapho eyicopy writer, uphrojusa nevoice over artist enza umsebenzi wokutholel­a izikhangis­o umsakazo nethelevis­hini. Njengomunt­u odumile ubungalind­ela ukuthi izindaba zakhe zangasese zitholakal­e emaphephan­dabeni agxile ezindabeni zangasese zosaziwayo njengoba kwenzeka kwabanye.

Lutho ngale nsizwa yakwaNkosi ezifelayo ngeOrlando Pirates noCharles Barkley noMichael Jordan abayizinka­kha zebasketba­ll. Ukudlula emhlabeni komsakazi weMetro FM, u-Eddie Makhosonke Zondi, ngowezi-2014 kwamphula inhliziyo uNkosi, owayehlala embiza ngo“My Boy” noma athi “My Big Brother”. Usevamise ukuchitha isikhathi esiningi noRobert Marawa abebevakas­helana emizini yabo esaphila uZondi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa