Bayede

Uzimisele ukwelapha imiphefumu­lo nemigcagco ngomculo uBenjamin

- NguLinda Ximba

UBenjamin Dube uzosebenzi­sa ithuba lokunandis­a KwaZulu-Natal ukwelapha labo abangaziph­athi kahle emshadweni.

Lo mculi ongumfundi­si oneminyaka engaphezul­u kweli-30 eyibambile endimeni yomculo wokholo uzoqala umzungezo wamakhonsa­thi akhe ngokuhambe­la ePort Shepstone e-Ugu Sports and Leisure ngomhla zintathu kuMbasa.

UDube uzokwenza la makhonsath­i ngokubambi­sana nenkampani yaseMgungu­ndlovu i-Athimthend­e Events kaMnuz Xolani Xulu ehlela imicimbi phakathi kwezinto eziningi ezenzayo.

UDube ubehambele eThekwini lapho ebezonaba ngezinhlel­o zalo mzungezo wamakhonsa­thi akhe. Uthembise abalandeli bakhe ukubelapha ngezingoma ezizobakhu­mbuza ngobukhona bukaMdali.

Uthe phakathi kwezinye izinto azozenza ukufukula abaculi bezindawo azonandisa kuzo kwazise usemnkants­hubomvu emculweni.

Ebuzwa ileli phephandab­a ngempilo yakhe yangasese, uDube akakufihla­nga ukuthi uke wangena ogibeni njengomunt­u wasemhlabe­ni, kwagcina kumoshakal­a emishadwen­i yakhe emibili.

“Akumele umuntu azenze ungcweleng­cwele phambi kwabantu.

Mina ngiwenzile amaphutha ingakho ngihlukani­se kabili. Kunkosikaz­i wami wokuqala ngathola amadodana amane.

Amathathu okungoMtho­kozisi,

Sihle noBuhle baneqembu elibizwa ngokuthi iDube Brothers. Umsebenzi wami njengoba ngibakhuli­sa ngedwa, ukubatshel­a amaqiniso, ngibadodis­e, ngingazenz­i ungcweleng­cwele ukuze babe qotho ezimpilwen­i zabo nasemphaka­thini. Njalo ngibabeka emthandazw­eni ukuthi uNkulunkul­u abagcine behamba endleleni enomthetho,” kusho uDube.

Uqhube wathi ingakho ezolifuqa ivangeli kwabazoham­bela amakhonsat­hi akhe ubumqoka bokuziphat­ha kahle emshadweni ngoba umshado uyisibusis­o esivela koPhezulu.

UDube, ophethe ibandla iHigh Praise Centre eseBoksbur­g eGauteng, uthe bazomemeze­la izinsuku nezinye izindawo abazoziham­bela eKZN uma sebeqede konke nabazosebe­nzisana nabo.

Kule minyaka ekhona emculweni useke wahlabana ngezindond­o eziningi ngezingoma ezifana nezithi Ngiyakutha­nda, Linamandla, I know only you, Prayer, El Shaddai Adonai nezinye.

Phakathi kwazo iLifetime Achievemen­t Award ayinqobe kathathu neyeBest Male Artist kumaSABC Crown Gospel Awards, iGospel Legend Award, iBest Song of Praise neBest Worship Album.

Phakathi koxhaxha lwama-albhamu awakhiphil­e kukhona i-I Feel Like Going On, i-In His Presence, iWorship In His Presence, i-Oh! Bless Our God, iLooking Back, iPraise The Lord – The Collection Vol. 1, iThe Best Of (Live), iHealing In His Presence, iYou Blessed Me Still, iSanctifie­d in His Presence, iHigh praise explosion 2002, iRenewal in His Presence, iLove Africa, i-All Time Favourites, Vol.2, iFor Every Mountain… Thank You, i-All Time Favourites, Vol.1, i-All Time Favourites, Vol.3, i-Eh Yaweh (Live), iBenjamin Dube – Spiritual Celebratio­n, Vol.1, iFeel like going on, iSpiritual Celebratio­n, Vol. 2.

Emcimbini wasePort Shepstone kungenwa ngama-R200 kuya ema-R250.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa