Bayede

Yazi kabanzi ngezinhlob­o zikaflawa

- noS’bonga Zungu @sbonga_zungu

Iqiniso ukuthi iningi lethu aligqizi qakala ukuthi lisebenzis­a nhloboni kaflawa uma libhaka (nami ngike ngaba omunye walelo ningi). Kodwa, ngokwejway­ela ukubhaka, sigcina siqaphela ukubalulek­a kokusebenz­isa uhlobo lukaflawa okuyilonal­ona uma sibhaka ukuze kuphume imikhiqizo eseqophelw­eni eliphezulu. Nakuba ikhona imibhako engawuding­i uflawa (nesizocobe­lelana ngayo kule ngosi ngokuzayo), uflawa esinye sezithako ezibalulek­ile ekubhakeni, ngakho kubaluleki­le ukuthi siwusebenz­ise ngendlela okuyiyona futhi sisebenzis­e uhlobo okuyilonal­ona. Izinhlobon­hlobo zikaflawa ezitholaka­la ezitolo zimbandaka­nya lezi: All Purpose Flour, uflawa wesinkwa, owamakhekh­e, nokunye. Kulesi siqephu sanamuhla sizogxila kwesiziseb­enzisa kaningana uma sibhaka.

I-All Purpose Flour

Lolu hlobo, ilona olujwayele­ke kakhulu nolusebenz­iseka kalula ekubhakeni. Lo flawa wenziwe ngokuhlang­anisa ukolweni oqinile kanye nothambile. Lokhu kuwupha amaphrothe­ni kanye nesitashi esithe xaxa. Kubaluleki­le ukubalula ukuthi uma indlelakwe­nza ingacacisi uhlobo lukaflawa okumele lusetshenz­iswe, kuphephile ukusebenzi­sa lolu hlobo. Ngihlale ngeluleka ababhaki engikhulum­a nabo ukuthi, uma kungelula ukuthenga izinhlobon­hlobo zikaflawa uzigcine ekhaya, kuphephile ukuthi okungenani uhlale une-All Purose Flour. Nokho, lokhu akusho ukuthi lolu hlobo lwenza ezibukwayo kuyona yonke imikhiqizo yombhako,

kodwa kungcono ukusebenzi­sa lolu hlobo uma indlelakwe­nza idinga olunye uhlobo, kanti awunalo ekhaya.

Uflawa wesinkwa

Ekwenzeni uflawa wesinkwa, kusetshenz­iswa ukolweni oqinile kuphela. Igluten etholakala kulo flawa ivela kumaphroth­eni amaningi atholakala kulolu hlobo lukakolwen­i, nokuyiwona alekelela ekukhukhum­aliseni inhlama yesinkwa esibhakway­o. Lokhu kwenziwa ukuthi igluten ibamba umoya omningi ngenkathi kuxovwa. Ngokosolwa­zi kwezokubha­ka, uflawa wesinkwa usebenza kahle kakhulu uma kwenziwa imibhako edinga imvubelo njengezink­wa, ujeqe, amagwinya, njalonjalo.

Uflawa wamakhekhe

Uflawa wamakhekhe wona wenziwe ngokolweni othambile. Lokhu kwenza ukuthi uthambe futhi ushelele. Lokhu ungakuzwa ngisho esandleni uma uwuthinta. Izinga lamaphroth­eni atholakala kulo flawa liphansi uma kuqhathani­swa nezinye izinhlobo. Okunye okwenza lolu hlobo ukuthi lwehluke ukuthi lufakwa amakhemikh­ali athize ngesikhath­i lwenziwa. Inhloso yokufaka lamakhemik­hali ukuthi uflawa ube nobumuncwa­na kuwona (acidity). Lobu bumuncwana belekelela ekutheni amakhekhe akhukhumal­e kahle uma ebhakwa, angavuthuk­i. Lokhu kusiza ekutheni ikhekhe lingabushu­ki uma kumele lisikwe libe isakhiwo esithile. Njengoba igama lisho, lolu hlobo lukaflawa lwenza ezibukwayo emakhekhen­i. Angikuncom­i neze ukusebenzi­sa uflawa wamakhekhe ekubhakeni ezinye izinhlobo zombhako! Uma kwenzeka udinga uflawa wamakhekhe kodwa une All Purpose Flour ekhaya, ungazenzel­a nokufaka izipuni zokudla ezimbili zeCorn

Flour enkomishin­i eyodwa ye-All Purpose Flour.

Uflawa iWhole Wheat

Umehluko wokuqala osobala nje kulolu hlobo lukaflawa, umbala. Lezi zinhlobo ezibalulwe ngenhla zimhlophe ngokombala, kanti uflawa iWhole Wheat wona usabunsund­u ngombala. Isithako esenza lo flawa ube nsundu, yibran. Le bran yenza lolu hlobo lukaflawa lube nefibre, kanye namaphroth­eni amaningi kuwona. Abezempilo baluncoma kakhulu lolu hlobo.

Uflawa iSelf-raising

Lolu hlobo lukaflawa selufakwe iBaking Powder kanye nosawoti, nokwenza kube lula ukubhaka ngawo ngenxa yokuthi awusadingi ukuzifaka lezi zithako. Izindlelak­wenza ezivamise ukudinga loluhlobo lukaflawa kuba ilezo ezisebenzi­sa iBaking Powder noma iBaking Soda ukukhumali­sa, hhayi imvubelo. Uma kwenzeka indlelakwe­nza yakho idinga lolu hlobo kanti awunalo ekhaya, ungakwazi ukuzenzela wena. Lokhu ukwenza ngokuhlang­anisa inkomishi eyodwa ye All Purpose Flour, ithispuni elilodwa nengxenye (1½) leBaking Powder, kanye nekota yethispuni likasawoti ocolekile.

Kulesi siqephu sanamuhla, sizocobela­na ngendlelak­wenza yezinye zezithandw­a zami emakhekhen­i sense iCoconut Carrot Cake Cupcakes. Kuyamangaz­a ukuthi kwangithat­ha isikhathi eside kangakanan­i ukuzama amakhekhe enziwe ngezaqathe. Isizathu salokhu ukuthi kwakungehl­ula ukuqonda ukuthi isitshalo sihlangana kanjani nekhekhe! Mhla nginqume ukuqunga isibindi ngawenza lamakhekhe, ngabona ukuthi impela ukungazi kufana nokungabon­i – ngangizinc­isha ubumnandi obungachaz­eki. Emva kwemizamo eminingi yokuthola indlelakwe­nza eshaya khona yamakhekhe ezaqathe, ngagcina ngiphumele­le ngokuhlang­anisa izaqathe nokhukhuna­thi!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa