Bayede

Iciko elingu-Alexius Buthelezi lanyathela zezwakala ‘Izigi zendoda’

- NguDez Khumalo

Iqhaza lakhe lisemculwe­ni wamakhwaya nesicatham­iya nasemidlal­weni yomoya

Uma u-Alexius Buthelezi echazwa ngomunye wabasakazi asebathath­a umhlalapha­nsi ogama lakhe linguKoos Hadebe, ubekwa kanje: ‘Wayengomun­ye wezingqala­butho zomsakazo … enothando olukhulu lolimi lwesiZulu, usikompilo nokunye okunjalo.’

Lokhu kungikhany­ele ngokusobal­a uma ngifunda incwadi ebhalwe nguLiz Gunner esihloko sithi, ‘Radio Soundings: South Africa and the Black Modern.’ Okubukeka bekuyinhlo­songqangi kaGunner ngale ncwadi yakhe bekuwukuqh­akambisa iqhaza lomsakazo ekuletheni indlela entsha yokuphila kubantu, ikakhuluka­zi aboHlanga kusukela eminyakeni ye-1960.

Indlela yokuphila yayingeke izenzekele ngaphandle kwabantu ababengemu­mva kwezinhlel­o kusuka ziqalwa kuze kube sezivuthwe ngokwenele ukuthi sezinganek­elwa izwe. Emidlalwen­i yomoya nje, kwakudinge­ka amaphimbo abalingisi, imisindo enhlobonhl­obo ezokwenza umdlalo uphile futhi ushiye umzizima wenkumbulo emqondweni womlaleli kanye nomdidiyel­i onamasu namava okunonga umdlalo ukuze ukuzimela ngokwawo emqondweni nasenhlizi­yweni yalowo okade elalele. Kule ncwadi kaGunner, lowo chwepheshe ngalesiya sikhathi somsakazo wobandlulu­lo nguBaba u-Alexius Hezekiah, Kusa Buthelezi, umqambi wezingoma zamakhwaya, imidlalo yomsakazo, umdidiyeli wemidlalo yomoya nomlingisi.

Anconywa ngakho uButhelezi eminyakeni eyi-17 ayisebenza kwaSABC wukusebenz­isa kwakhe ulwazi lomculo wamakhwaya nokukwazi ukuwuhlang­anisa nezindaba eziguqulel­we emidlalwen­i yomoya, akhiphe unqambothi lwemidlalo eyenza abantu bamazinga ehlukene empilo banaka futhi bayenamela imidlalo yomoya. Ukulalela kwabantu imidlalo yomoya kwaba nomphumela wokuguqula indlela yokuphila bamukela izindlela zesimanje. Ngaphezulu kwalokho wasebenzis­a igagasi lomoya ukuvuselel­a amasiko abeNguni ngemidlalo yomoya nangomculo. Lapha okaSowalis­a wayeqhubek­a kulokho okwakuqalw­e ngoBaba uKing Edward Masinga ngeminyaka ye-1940 kuza neno. Ikhono lakhe elikhulu kwakuwukus­ebenzisa umculo ngendlela yokwakha imisindo emisha ezohambisa­na nomuzwa womdlalo uphakamise amaphaphu noma ukitaze abalaleli kwenyuke ukulangaze­la ngokungabe kuzokwenze­ka emdlalweni.

Nguyena uButhelezi owakha ikhwaya elaziwa ngeRadio Bantu Choir, emva kancane nje kokuqashwa kwakhe. Omunye wemisebenz­i yaleli khwaya kwakungukw­elekelela ngomculo uma kuqoshwa imidlalo yomoya. Imidlalo akhombisa kuyo ikhono lokuhlanga­nisa umculo nemidlalo yomoya yilowo othi,

Raka nothi, uNobathaka­thi yomibili ayikhipha ngowe-1963, kwaba ngothi uNokhwezi ngowe-1964 kwaba ngothi uChakijane neSalukazi ngowe-1965.

Imvelaphi kaButhelez­i okwakuyiPo­meroy ngaseMsing­a maphakathi nekwaZulu-Natal yamsiza ngokuzazi ukuthi unguMzulu ngokobuzwe. Nokho ukuzithola eseseGoli enekhaya eDiepkloof Zone 1 kwamenza weqela ngalena kwemingcel­e yobuhlanga nokwakuziv­eza emisebenzi­ni yobuciko, kungabe kukhulunyw­a ngohlelo lwakhe uCothoza Mfana aluqala emsakazwen­i ngonyaka-we-1963. Ekwakhe eDiepkloof noma esemsebenz­ini kwaSABC wayehlale ezungezwe abantu abasendime­ni yobuciko.

Isikhathi aqala ngaso ukusebenza kwaSABC saqondana neziyaluya­lu empilweni yabantu abasendime­ni yezobuciko. Edidiyela umdlalo uNokhwezi ngowe-1964 ijazz yaseSophia­town nakwezinye izindawo ezakhele iGoli yayisidlul­elwe yisikhathi. Abaculi boHlanga bexakwe yimithetho eyayibafun­a amapasi nezimvume zokuba seGoli bengasakwa­zi ukudlala lapho bethanda khona ngenxa yokwehluka­niswa kwezinhlan­ga. Umdlalo weshashala­zi iKing Kong wawusuwele­le phesheya abaculi bexhashazw­a yizinkampa­ni zamarekhod­i. Lokhu kwanikeza uShenge ithuba elikahle lokuveza ubuciko esebenzisa umculo uma edidiyela imidlalo yomoya. Lokhu kwamdonsel­a abalaleli ngalena kwamazinga ahlukene empilo iningi labo lalalela into eyodwa ngaphandle kokubheka ukuthi ilethwe ngaluphi ulimi noma bangabasem­adolobheni noma emakhaya yini.

Ngenxa yedumela lemidlalo yomoya eyayididiy­elwa nguShenge kwaqala ukuthi kudonseke abalingisi ababethath­wa ngengabano­hlonze eshashalaz­ini. Omunye wabo nguDan Twala owayenolwa­zi olujulile lweshashal­azi ayeluthole kuBantu People’s Theatre futhi eseke wadlala nasemidlal­weni lapho kwakukhulu­nywa khona isiSotho. Abasakazi abanjengoM­andla Sibiya noJoshua Mlaba abasebevel­e bedumile, ngokuseben­zisa kwabo amaphimbo abo emidlalwen­i kaButhelez­i ecolisiswe yathakwa ngesinwe kwadonsa abalaleli abaningi bemikhakha eyehlukene yempilo. Okwalandel­a lapho ngumshongo­lo wabalingis­i, ababhali, nabaxoxi bezindaba abadonsele­ka eSABC bezodayisa amakhono abo. Lokho kwaba ngukukhula komsakazo endimeni yomculo nemidlalo yomoya kwazise laba ababethuth­eleka emsakazwen­i babelandel­wa zihlwele ezazingaba­landeli babo emikhakhen­i eyehlukene yezobuciko.

Umbhali ekubukeni kwakhe iqhaza likaButhel­ezi kwezobucik­o akamkhiphi iqhubu uma ebheka indima yomsakazo ekuguqulen­i ngokushesh­a indlela imiphakath­i ebuka ngayo izinto. Kodwa ubala u-Alexius Buthelezi njengengxe­nye yamaqhawe enze lukhulu ukukhulisa isibalo sabalaleli bomsakazo ikakhuluka­zi leyo esakaza ngesintu. Phakathi kwalezo ngqalabuth­o kunelikaWi­nnie Mahlangu, uKinge Edward Masinga nababhali abafana noBloke Modisane noLewis Nkosi abakwazi ukwakha amaxhama okuxhumana phakathi kwaboHlang­a bakuleli nabase-USA eHarlem lapho aboHlanga bebaningi khona. Kuwo wonke lo mshikashik­a ‘Izigi zendoda’ engu-Alexius Buthelezi zizwakala ngokugqami­le zibonakale ngomzizima wabalaleli abayizi-6.7 million ezilalela umsakazo nsukuzonke.

 ?? Isithombe: WitsPress ??
Isithombe: WitsPress

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa