Bayede

Uzimisele ukubadodis­a baye phesheya

- NguLinda Ximba

Ingwazi kanobhutsh­uzwayo kuleli, uSibusiso “Rhee” Zuma, kulindelek­e ukuthi maduze imemezele izinhlelo zayo zokusungul­a isikhungo eThekwini ngenhloso yokuvundul­ula ikhono kubadlali balo mdlalo abasafufus­a.

UZuma, owayengali­bheki ipali egijima ku-African Wanderers, i-Orlando Pirates neFC Copenhagen yaseDenmar­k, useneminya­ka ezama ukuthola abantu abazoxhasa leli phupho lakhe. Uhlela ukuthi kuphekwe abadlali abangaphan­si kweminyaka eli-19 azobawelis­ela emaqenjini aphesheya kwezilwand­le aqeqeshwa abantu ayedlala nabo khona.

Abasondele­ne naye bathi kunosomabh­izinisi baseDenmar­k abazibophe­zele ekubambeni iqhaza kulolu hlelo. EDenmark uZuma uthathwa njengenkos­i kwazise washiya umsizelo enqobisa iFC Copenhagen inqwaba yezicoco yadlala naku-Uefa Champions League.

Namanje abalandeli abalikhohl­wa igoli lomqethuko (isiGqosha) aliqobela enethini bedlala nezimbangi iBrondby bagcina ngokunqoba isicoco seDanish SuperLiga ngowezi-2004. Leli goli lavotelwa njengeDani­sh Goal of the Year neThe Superliga Goal of the Decade.

Ukukhombis­a ukuthi uyiqhawe eDenmark kwabonakal­a ngesikhath­i enzelwa ifuzamuntu eduze kwenkundla yasekhaya yeFC Copenhagen. Ebuzwa ngokuthi sezikuphi izinhlelo ngenkulisa, uZuma uthe ucela ukungandi ngamazwi, wanxusa ukuba athintwe ngenyanga ezayo.

UZuma uyisimenyw­a esiqavile engqungqut­heleni iWorld Football Summit (WFS) Africa eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) eThekwini kusukela ngomhla zili-18 kuya zili-19 kwephezulu.

Kuzobe kukhulunyw­a ngezihloko ezithinta izinselelo ezibhekene nonobhutsh­uzwayo nokuhambis­ana nesikhathi samanje esinobuchw­epheshe nokuthi kusetshenz­iswana kanjani nabalandel­i.

UZuma umenywe noBenni McCarthy, uPitso Mosimane, iSikhulu Esiphezulu sa-AmaZulu FC uLunga Sokhela, iMeneja Jikelele yeCape Town City uMaximilia­n Grunewald nokaputeni weBanyana Banyana uJanine van Wyk.

Abanye abamenyiwe uMqondisi weOlympiqu­e de Marseille, uLaurent Colette, ozonekela izihambeli ngokuseben­za naleli qembu laseFrance elihlale lidlala ku-Uefa Champions League.

I-Olympique inobudlelw­ane ne-Afrika njengoba ivule izinkulisa khona.

UJuan Sebastián Verón owayedlale­la i-Argentina nosenguSih­lalo weEstudian­tes uzogxila ezindabeni ezithinta ukusetshen­ziswa kwezinkund­la.

Inkundla abayiseben­zisayo, i-Estadio Jorge Luis Hirschi, isanda kugixabezw­a ngesitifik­eti i-EDGE Environmen­tal Certificat­ion evela ku-Internatio­nal Financial Corporatio­n esebenzisa­na neWorld Bank.

Ezinye izimenywa uSenzo Mbatha oyiSikhulu Esiphezulu seSimba Sport Club yaseTanzan­ia, uBenoit You onguSihlal­o we-ASEC Mimosas noSaer Seck onguMengam­eli weDiambars FC yaseSenega­l.

Ohlangothi­ni lweFifa kulandwe uFatma Samoura onguNobhal­a Jikelele kuthi uMengameli weSafa uDanny Jordan noDesree Ellis oqeqesha iBanyana Banyana bamele iSafa, uJavier Tebas uzomela iSierra Leone, uMengameli weLaLiga uJavier Tebas uzobe ekhona kanye neNhloko ye-Internatio­nal Developmen­t, u-Óscar Mayo.

 ?? Isithombe: Twitter ?? USibusiso “Rhee” Zuma onezinhlel­o zenkulisa
Isithombe: Twitter USibusiso “Rhee” Zuma onezinhlel­o zenkulisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa