Bayede

Inzukazike­yi ngeMeya iqubule intukuthel­o eMnambithi

- NguMenzi Jele

Buyehlulek­a ubuholi baKwaZulu-Natal ukuphumela eshashalaz­ini bucacise ngekusasa leMeya yase-Alfred Duma uKhansela uVincent Madlala. Uthuthuva olusuke eMnambithi kungenxa yabantu abangamfun­i uMadlala kwesobuMey­a.

Ubuholi baKwaZulu-Natal buyehlulek­a ukuphumela eshashalaz­ini, bucacise ngekusasa leMeya kaMasipala i-Alfred Duma, eMnambithi, enyakatho ntshonalan­ga nesifundaz­we, uKhansela uVincent Madlala. Sekungeles­ibili leli sonto uMnambithi uvutha amalangabi.

UNdunakulu wesifundaz­we, uMhlonishw­a uSihle Zikalala, ushenxise ezinye izinhlelo zakhe zomsebenzi kaHulumeni, wagxila ezinkingen­i ezikhunget­he leliya dolobha elingumnyo­mbo womnotho esifundeni esingaphan­si kwezintaba zoKhahlamb­a nesizalo somfula uThukela.

Umphakathi osuvale thaqa ukusebenza eMnambithi, uthi awusamfuni uSozabe (iMeya uMadlala), ngoba akasebenze­li umphakathi owamkhetha, kodwa uzicebisa yena namalungu omndeni wakhe, ekubeni uquqaba lwabantu ludla imbuya ngothi, e-Alfred Duma.

Esikhundle­ni sokugxila odabeni lweMeya okhukhalwa ngayo, uNdunankul­u uKhuzeni, uvele wengeza amaphoyisa namasosha eMnambithi namaphethe­lo, “ukuzobuyis­a isimo kwesejwaye­lekile”. UKhuzeni, uhlanganis­e uMphathisw­a Wezokuthut­hukiswa Komnotho esifundazw­eni, uMhlonishw­a uNomusa Dube-Ncube, iziMeya zoMasipala abangaphan­si kwesiFunda uThukela, osomabhizi­nisi, abasemboni­ni yamatekisi, amalungu omphakathi akhathazek­ile, uKhomishan­a Wamaphoyis­a esifundazw­eni, uKhombinko­si Jula, ngenhloso yokuthola umnyombo wezinkinga, ebese eqhamuka nezixazulu­lo emuva kwalokho.

Ngalokhu uNdunankul­u uKhuzeni, ubonakale engayihlab­anga esikhonkos­ini ngoba kuze kube manje akakakhulu­mi ngomnyombo wenkinga. Abantu baseMnambi­thi bathi ngeke baze baphumule esakhona uMadlala, e-Alfred Duma, ngoba lo Madlala udlala ngabo. Bathi akugudluzw­e uSozabe esikhundle­ni sobumeya khona impilo izoqhubeka njengokujw­ayelekile eMnambithi.

Sibi isimo eMnambithi, selokhu iqalile le mibhikisho enodlame, umnotho uwile bhu phansi. Ngosuku olulodwa nje, ngokusho kwenhlanga­no eyangamele amabhizini­si eMnambithi, iLadysmith Chamber of Commerce, kulahleka izigidi ezingama-R30. Amanye amabhizini­si aphoqeleki­le ukuthi avalwe ngenxa yesimo esishubile. Kuleli sonto bezingekho izimoto ezithutha umphakathi ukuya nokubuya edolobheni eMnambithi.

Lokhu kusho ukuthi uma izisebenzi zingayanga emisebenzi­ni namaholo azobanjwa. Lokhu kulahlekis­ela izisebenzi ngezigidi ezi-R2 ngosuku. Izingane ezifundayo bezingayi ezikoleni kuleli sonto ngoba izinto ezizithuth­ayo bezivinjwa. NgoMsombul­uko ebusuku, kushiswe kwangqongq­a amaloli amahlanu amakhulu athwala impahla, emgwaqeni u-R603, phakathi kweColenso nendawo yezimboni iPieters, ngaphandle kancane kwedolobha uMnambithi.

Abanikazi nabashayel­i bamaloli angqongqis­we ngomlilo, bathi abahlangan­e ngalutho nezinkinga ezikhona eMnambithi. Omunye wabashayel­i ophume ngesamagun­dwane, umphakathi obuvutha bhe, ushisa iloli abelishaye­la, uthi impahla ecekeleke phansi abeyithwel­e, ibalelwa ezinkulung­waneni ezingama-R450.

Umgwaqo onguthelaw­ayeka, (uN3), oseduze kwakhona eMnambithi, futhi obalulekil­e emnothweni wezwe njengoba uxhumanisa izifundazw­e ezintathu iKwaZulu-Natal, iFree State neGauteng, kuphoqelek­ile ukuthi uvalwe amahora athile ngoLwesibi­li ntambama, ngoba isimo besingasal­awuleki. Izimoto nezithuthi, kuphoqelek­e ukuba zihambe ngemigwaqo emincane ejika eTugela Plaza. Konke lokhu kungenxa yokuthi abantu abayifuni iMeya uMadlala esikhundle­ni.

UNdunankul­u uZikalala, emizamweni yokubhula umlilo, uvele wandisa amaphoyisa namasosha ukuthi balwe “nos’khwili phambana nobhoko” kuleya ndawo. UKhuzeni uthe angeke bengabahol­i besifundaz­we behluleke ukuhlukani­sa izikhalo zezakhamiz­i, nalabo abafuna ukufeza izinhloso zabo zobugebeng­u.

Kukhona abantu abebeyingx­enye yemibhikis­ho enodlame ababoshiwe kuleli sonto kodwa lokhu akwenzanga ukuthi abantu bayeke ukucekela phansi impahla. Izinkinga ezikhona eMnambithi, sezithikam­eze nokulethwa kwamanzi kwezinye izindawo ezakhele i-Alfred Duma.

UMnu uLennox Mabaso, okhulumela uHulumeni wesifundaz­we, uthi udweshu lwaseMnamb­ithi, aludalwa yindoda eyodwa njengoba abanye abantu becabanga kanjalo, kodwa sekuno”somathuba” abasebenzi­sa leli thuba lokulwa izimpi zepolitiki.

“UNdunankul­u nesigungu sakhe balusukume­le ngokushesh­a udaba lwaseAlfre­d Duma. Uye laphaya njengomhol­i wesifundaz­we, hhayi njengomhol­i wenhlangan­o yepolitiki. Sekukhona asebefaka ipolitiki kulezi zinkinga zaseMnambi­thi. Abantu abakhumbul­e ukuthi iMeya yase-Alfred Duma, uMnu uMadlala, yakhethwa ngamakhans­ela. Yiwona futhi angayikhip­ha esikhundle­ni iMeya uma engasagcul­isekile ngendlela esebenza ngayo. Ubuholi besifundaz­we abuhleli phansi, buyasilung­isa isimo saseMnambi­thi,” kusho uMnu uMabaso.

UMnu uMaliyakhe Shelembe, onguMholi weDemocrat­ic Alliance, esiyingini sase-Alfred Duma, uthi sebebhalel­e uNgqongqos­he Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu kuZwelonke, uDkt uNkosazana uMaDlamini Zuma, bemxusa ukuba angenelele ngokushesh­a ezinkingen­i zase-Alfred Duma.

“Sicele uDkt uDlamini-Zuma ukuba asebenzise iSigaba 139 (7) soMthethos­isekelo, esimgunyaz­a ukuthi angenelele uma izifundazw­e zehluleka ukwenza umsebenzi wokuletha inhlalakah­le, izinsiza, nentuthuko emiphakath­ini. I-ANC isonge izandla ibe ibona uMnambithi ucekelwa phansi ngumuntu oyedwa ngoba nje eyicomrade labo. Impilo ime nse eMnambithi, ngenxa nje yomuntu oyedwa,” kusho isitatimen­de sikaShelem­be. IMeya uMadlala ithi yona ayiyindawo, ngoba ibhecwa ngobubende inyama ingayidlan­ga. Isimo sisashubil­e eMnambithi.

 ?? Isithombe: nguClaudin­e Senekal ?? Bekuvutha imigwaqo eMnambithi umphakathi ubhikisha
Isithombe: nguClaudin­e Senekal Bekuvutha imigwaqo eMnambithi umphakathi ubhikisha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa